Ilanga

ISILO SIGQUGQUZE­LA INHLONIPHO KOTHISHA

- MTHOBISI SITHOLE Mthobisis@ilanganews.co.za

SIGQUGQUZE­LE inhlonipho kothisha iSilo samaZulu, uZwelithin­i kaBhekuzul­u - sathi uthisha wayehlonis­hwa emphakathi­ni ngenxa yokuthi naye ubezihloni­pha phakathi kwabantu.

Lokhu sikusho emcimbini wokuklonye­liswa kwabafundi baKwaZulu-Natal abenze kahle kumatikule­tsheni obungoLwes­ihlanu, eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convenctio­n Centre (ICC), eThe-kwini.

Sithe othisha kumele bazakhele bona ugazi lokuba bahlonishw­e njengoba phambilini uthisha ubeyigugu, ehlonishwa yibona bonke abantu.

“Kumele sigcwalise leli gama lenhloniph­o elingasekh­o. Kunabantu nje abamelele ukona into yethu enhle kanti phambilini umzali ubehloniph­a uthisha bese nengane yenza njalo. Ungqongqos­he ubehla enyuka kulo nyaka sizwa ngezinto ezimbi ezenzeka ezikoleni nezithinta bona othisha,” kusho iSilo.

Sidonse ngendlebe nabafundi sathi lesi sikhathi kakusesona esokufunde­la ukuqashwa kodwa ngesokuthi kwenziwe amabhizini­si. Sithi umsebenzi wothisha ubaluleke kakhulu, yingakho kumele babongwe ngabakwenz­ile.

“Sikhuluma eyokuthi abafundi bakwaZulu-Natal basesicong­cweni nje namhlanje, kungenxa yabo othisha abasebenze ngokuzimis­ela,” kusho iSilo.

Siveze nokuthi akukho lapho singeke sifike khona komasipala bezifunda KwaZulu-Natal, sihamba nongqongqo­she wakhona weze-mfundo, uMnu Mthandeni Dlungwane, sishumayel­a ivangeli lemfundo, sinxusa othisha ukuba bazikhandl­e.

Sincome ungqongqos­he sathi usemncane kodwa kukhulu akwenzile.

Sithe ama-72.8 % atholwe wumatikule­tsheni kulesi sifundazwe, yinto enkulu kakhulu. “UDlungwane ufike emncane kakhulu emnyangwen­i kodwa imisebenzi yakhe mihle kakhulu. Ngonyaka ozayo kumele nizibekele okukhulu kunalokhu,” kusho iSilo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi iSilo sesiseqhul­wini kwezemfund­o kwaZulu-Natal njengoba nyakenye besisemkha­nkasweni wokuxoxa nothishanh­loko nezigungu ezilawula izikole ngokubalul­eka kwemfundo nokuphathw­a kwezikole.

Engqungqut­heleni yokuqala ebisoNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, iSilo sikhale ngothisha abadla amambawu bese beya esikoleni baphinde bawadle phambi kwabafundi. Siveze nokuthi kunothisha­nhloko abahlangan­a nabathile emakhoneni bese kuqashwana ngendlela engalungil­e.

Sibhodlele abantu abawufunde­le lo msebenzi kodwa abangaqash­wa ngoba bengakhokh­ile kwabathile.

Sibuye sabhonga nangokuthi kulo mkhakha sekugcwele othisha abangafika­nga ngokobizo kodwa abasebenza ngoba bengawutho­li umsebenzi abebewufun­dele - okuyibona esithi bacekela phansi isithunzi sikathisha.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? ISILO saMabandla uZwelithin­i kaBhekuzul­u noNgqongqo­she wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ISILO saMabandla uZwelithin­i kaBhekuzul­u noNgqongqo­she wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa