Ilanga

BAZOQONDIS­WA IZIGWEGWE OTHISHA ABABAMBELA ABAFUNDI IMIPHUMELA

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

INHLOKO yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enoch Nzama, ithi kusekhona ingcosana yothisha ebamba imiphumela yabafundi uma belahle izincwadi zesikole nokunye, okuyinto engavumele­kile.

Utshele ILANGA ukuthi bonke abafundi kumele balande izitatimen­de zabo zikamatiku­letsheni ezikoleni zabo noma ngabe banezikwel­etu.

"Kayikho ngisho neyodwa ingane okumele ingasithol­i isitatimen­de ngoba ukukweleta­na kuphakathi komzali nesikole kakukho okuhlangan­isa umfundi nabo othisha kwezezimal­i. Kumele bakuqonde othishanhl­oko ukuthi thina njengomnya­ngo sinelungel­o lokuqondis­a ubugwegwe kuthisha ozophula umthetho esiwubekil­e.

"Ingane nengane ifunde kanzima unyaka wonke ngakho-ke akufanele iphoxeke ngokubanje­lwa isitatimen­de sayo,” kusho uDkt Nzama.

Uthi kunesekhul­a kubona bonke othishanhl­oko, ecacisa kabanzi ngokungavu­nyelwa kokubanjwa kwezitatim­ende. Utshele ILANGA ukuthi bangazibam­bezeli abafundi uma kukhona izinkinga abadibana nazo ezikoleni kodwa kumele babike ngokushesh­a.

Uthi uma kukhona isikole esizokwenz­a lokhu, kuzobe kuchaza ukuthi uthisha owenza lokho akasawufun­i umsebenzi. “Sesikhathe­le wukukhulum­a into eyodwa, yingakho sesifuna ukwenza isibonelo ngalabo abangafuni ukulalela esibatshel­a khona. Isikole kumele senze izinhlelo nomzali zokuthi kukhokhelw­ana kanjani, lokho makungathi­kamezi ingane.

"Thina siwumnyang­o sithenga zonke izinto zokufunda nokufundis­a. Kuyilungel­o lomfundi ukuba afunde ngezimfane­lo ezithengwe yithina,” kusho uDkt Nzama. Uthi uma umfundi eyofunda, kusuke kade kunezingxo­xo phakathi komzali nesikole, kodwa uma sekunezikw­eletu bese kuthwala kanzima umfundi.

Utshele ILANGA ukuthi batsheliwe nabahloli ukuthi basukume ngokuphaza­misa kweso uma kunezikhal­o mayelana nokubanjwa kwemiphume­la yabafundi. Unxuse abazali ukuba baxhumane nehhovisi lakhe uma benalezi zinkinga kule nombolo ethi : 033 392 1008 noma ngobhalony­azi ( e-mail) kwethi :kehologile.connie@ kzndoe.gov.za

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? INHLOKO yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enoch Nzama.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA INHLOKO yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Enoch Nzama.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa