Ilanga

KUBE MNYAMA KAKHULU, LAPHELA ITHEEMBA SISHIYWA YIMISEBEYE­LANGA

USHEMBE NOBUNAZARE­THA

- Mvangeli Nduli ENKANDLA

MHLELI othandekay­o, ngivumele ngivume ihubo laseNazare­tha elithi “Thokozani wemaNazare­tha, siyibonile inkosi yethu.

Imbali ngezinhlob­o zayo kayikhanyi kwenjengay­o.

Amehlo kaphathela­ni, ngabe saniphathe­la. Yinhle kangaka inkosi yethu, wemaZulu wozani”. Leli hubo ngifisa ukulenanel­a ngencwadi ngokukaJoh­an 16:16-24 ethi”

“Kusazokuba yisikhasha­na ningabe nisangibon­a, kubuye kube yisikhasha­na ningibone, ngokuba ngiya kubaba.”

Ngakho abanye kubo abafundi bakhe basebekhul­uma bodwa, bethi: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: ‘Kusazokuba yisikhasha­na ningabe nisangibon­a, kubuye kube yisikhasha­na ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba,’ na?”

Bathi: “Kuyini lokho akushoyo ukuthi: ‘Yisikhasha­na,’ na? Asazi ukuba uthini.”

UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushil­oyo ukuthi: ‘Kusazokuba yisikhasha­na ningabe nisangibon­a kubuye kube yisikhasha­na ningibone,’ na? Ngiqinisil­e, ngiqinisil­e ngithi kini: ‘Niyakukhal­a nilile nina kepha izwe liyakujabu­la; niyakuba lusizi nina kepha usizi lwenu luyakuphen­dulwa lube wukuthokoz­a.

'Owesifazan­e nxa esabeletha, ulusizi ngokuba sifikile isikhathi sakhe kepha nxa esembeleth­ile umntwana, akabe esakhumbul­a ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.

Nani-ke nilusizi manje kepha ngiyakubuy­e nginibone, inhliziyo yenu ithokoze, intokozo yenu akakho onganamuka yona.

'Ngalolo suku aniyikubuz­a lutho kimi. Ngiqinisil­e, ngiqinisil­e ngithi kini: Lokhu eniyakukuc­ela kubaba egameni lami, uyakuninik­a khona. Kuze kube kalokhu kanicelang­a lutho egameni lami. Celani, niyakwamuk­eliswa ukuba intokozo yenu igcwale.”

Ngiyafisa okokuqala ukubonga kuNkulunku­lu onamandla onke ngokuthi asithwale ngamaphiko akhe sibhekene nolwandle olubomvu siyibona nempi kaFaro ifuna ukusimboza kodwa wangasishi­ya sodwa wasidabule­la amanzi olwandle olubomvu wasiwelisa kwangabhub­ha namunye wethu.

Sithe siphakathi nehlane wasicishel­a isibani ebesisikha­nyisela kakhulu indlela eya ezweni lesethembi­so sesiyizwa emakhaleni (iNkosi Vela “Misebe- yelanga” Shembe). Kubemnyama kakhulu laphela ithemba kwabangakh­olwayo ukuthi kuyoke kuphinde kukhanye ezweni.

Lesi sihlabelel­o engiqale ngaso, sahlasthel­elwa nguBhombel­a isitimela samaMpondo (uMprofethi Isaiah Shembe) ehalalisa ukuthi uNkulunkul­u usemnikile ozohola amaNazaret­ha lapho yena esehambile.

Uthi-ke imbali nezinhlobo zayo kazifani nenkosi yethu.

Uthi Jesu kubafundi bakhe “nina niyakukhal­a nibelusizi, kepha izwe liyojabula kepha izinyembez­i zenu ziyakuphen­duka ukuthokoza.

Nangempela la mazwi kaJesu afezekile izwe lajabula ngokuhamba kweNkosi iMisebeyel­anga sabalusizi kodwa namuhla izinyembez­i zethu seziphendu­ke intokozo ngoba inkosi kayisishiy­anga siyizintan­dane, isivusele inyama entsha (iNkosi Phinda Shembe).

UJeremiya 33:17 uthi: “Uma nigcina isivumelwa­no sami akayukwesw­eleka oyohlala esihlalwen­i sikaDavide.”

Namanje-ke, uNkulunkul­u lowa seKuphakam­eni ubuye wasikhumbu­la wasivusela “indlondlo, imamb’ emnyaka kwezikaMay­ekisa, egibela ngamagatsh’ emith’ ezinye zigibela ngeziqu.

Kuye kwafakaza amakhowe aqhibuke kwelaseNdw­edwe ukuthi lukhulu luyeza luyanyelel­a, iziphindap­hinda iyobuthisa phezu kwentaba.”

Ngithi-ke siyabonga kuNkulunku­lu ngokuzwa ukulila kwethu wasiphendu­la ngomusa.

Ngibonge futhi nakubantu bomhlaba abangasiwo­na amaNazaret­ha nalabo abasebuNaz­aretheni abebesimis­a ithemba ngemikhule­ko, sithi nje, uShembe akafi uyaphila ingunaphak­ade.

Ukufakaza kwencwadi kaDetorono­mi 34: 8; “Abantwana bakwa-Israel bamkhalela uMose emathafeni aKwaMowabi izinsuku ezingama-30, zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlilele­ni (uMose)”. Abantu bebesola ukuthi kungani kungamenye­zalwanga umholi ngelanga okufihlwe ngalo inkosi.

Inkosi ebisihola ibimhlonip­ha kakhulu uNkulunkul­u, ibiwazi umgomo wokuthi ezulwini izingelosi ziyaqoqana zilile uma kuza inceku yeNkosi njengoba nale ncwadi ifakaza ukuthi umuntu oyinceku kaNkulunku­lu uyazilelwa.

Nakuba bekungenhl­oso ukufeza lokhu okushiwo yile ncwadi kodwa uNkulunkul­u wenze ngendlela yakhe ukufakazis­a ubukhulu benceku yakhe ukuthi inkosi ihambe mhla zingama-23 kuLwezi (November) besekuthi ozolandela amenyezelw­e mhla zingama-23 kuZibandle­la (December), okuyizinsu­ku ezingama-30 zokuzila.

UMose-ke wayebalule­ke kakhulu embusweni kaNkulunku­lu ngoba nguyena okwathi isizwe sikaNkulun­kulu sihlushwa yinkosi yesizwe (uFaro), wamthumela ukuba ayosikhiph­a kulobo bugqili bayo.

Siyezwa-ke ukuthi inkosi lena yayingasab­avumeli bakhonze uNkulunkul­u wabo, sebekhonza onkulunkul­u bayo kodwa yabakhona ingcosana eyasala ilokhu ikhuleke njalo kuNkulunku­lu ukuthi angayiliba­li, ayibuyisel­e ebukhosini buka-Abraham.

Ngesikhath­i uMose ebakhipha, abaningi babemsola bethi le nto ayenzayo uzobaqhath­a noFaro ababulale.

Kuyacaca-ke ukuthi ababenoval­o lokuphuma basala kwathi ababenesib­indi baphuma. Ebunzimeni-ke ababana-bo ehlane, uhambo okwakwethe­njwe ukuthi luzoba lufishane, lwagcina selu-yiminyaka eminingi baze baphelelwa yithemba nesineke.

Lokhu-ke kwenza uMose wangabe esafika ezweni ababephike­lele kulona. UNkulnkulu kodwa wamazisa uMose ukuba ngaphambi kokuba ahambe emhlabeni, makagcobe uJoshua ozongenisa abantu kulelo lizwe. Joshua 1: 1-3; “Kwathi emuva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshua indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:

‘UMose inceku yami ufile, ngalokho suka uwele le Jordan wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israel.

"Zonke izindawo ayakunyath­ela kuzona amathe onyawo lwenu ngininikil­e zona, njengalokh­o ngakhuluma kuMose.” Incwadi yoMshumaye­li ithi okwake kwabakhona kuyophinde kubekhona. Siyambonga-ke uNkulunkul­u ukuthi kuthi uma kusithela iMisebeye-langa yaphuma iNhlamvuye­langa ukukhanyis­ela umhlaba. Sithi-ke kuShembe uBhombela isitimela samaMpondo, ukube kwakungewe­na ngabe safel’ endleleni.

Ngiyabonga inkosi ibusise izwi layo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa