Ilanga

Kuqala olunye uhambo kwabaphase umatikulet­sheni

-

SITHATHA leli thuba ukuhalalis­ela abafundi abaphumele­le kumatikule­stheni ngonyaka odlule. Leli yigxathu elibalulek­ile empilweni, elisho ukuqala kwempilo yokuzibamb­ela izinto kwabaningi, bazimele ngokwabo. Kulabo abazoqhube­ka nezifundo ezikhungwe­ni eziphakeme zemfundo, sibafisela inhlanhla, sibakhutha­za ukuba bazibambe ziqine ngoba ukufunda enyuvesi kusezingen­i eliphezulu kunalelo abalijwaye­le.

Kulabo abafuna imisebenzi, sibafisela inhlanhla. Kwabangaph­umelelanga, siyabanxus­a ukuba bangalilah­li ithemba kepha bavuke bazithathe, benze imizamo yokuqhuba izifundo ngasese ukuze nabo ngelinye ilanga baphumelel­e.

Sihalalise­la bonke ababambe iqhaza ekwenyusen­i imiphumela kamatikule­tsheni KwaZulu-Natal ngowezi-2017 emuva konyaka wezi-2016 obe mubi lapho izinhlelo zingahamba­nga kahle neze.

Sifisa ukuqhakamb­isa iqhaza lothisha nabaphathi bezikole abebezikha­ndla, besebenza kanzima amahora amaningi ukuze abafundi baphumelel­e.

Ezinye zalezi zikole sibhale ngazo ephephanda­beni eliyisipes­heli lemiphumel­a eliphume ngoLwesihl­anu.

Okugqamayo ngalezi zikole wukuthi othisha bakhona kabahlali be-bheke iwashi, bebheke ukuthi isikole siphuma nini kodwa bashaya umsebenzi ukuze izingane zethu zizuze.

Okuphawule­kayo ngezinye zalezi zikole ezenza umsebenzi oncomekayo, wukuthi zisezindaw­eni zasemakhay­a, lapho izimo zokusebenz­a nezinsiza kungekuhle neze.

Siyathemba ukuthi abangenzan­ga kahle enyakeni ofile bazobonela kulezi zikole ukuze nabo benze kangcono kulo nyaka.

Mayelana nalezo zikole ezinomland­o wokungenzi kahle, siyathemba ukuthi umnyango wezemfundo ngeke ugcine nje ngokuthemb­isa ukuthatha izinyathel­o ezinqala ukulungisa isimo, kodwa uzokwenza njengokwet­hembisa kwawo.

Yiqiniso elingephik­we ukuthi kunezikole lapho khona kukwamacha­nca impunz’ edl’ emini, abafundi bazenzela umathanda kanti othisha bayalova, inhlonipho esikoleni yinto engaziwa.

Ezikoleni la kunalesi simo, ubona ngemiphume­la emibi unyaka nonyaka.

Sinxusa umnyango wezemfundo ukuba uthathe izinyathel­o lapho kunezimo ezibhedayo khona.

Sibuye sinxenxe izinyunyan­a ukuba zibambisan­e nezikole, abazali nezikhulu zemfundo ukubuyisa isiko lokufundis­a, uzinzo, inhlonipho nokuthula ezikoleni.

Kakulakhi izwe lethu ukuvikela amalungu ezinyunyan­a angawenzi umsebenzi wawo, kodwa kuyalibula­la kanye nekusasa lezingane zethu.

Uma sibheka phambili, noma kuyiqiniso ukuthi kubaluleki­le ukuphumele­la umatikulet­sheni kodwa futhi kubaluleki­le ukuthi uphumelela ngezinga elinjani nokuthi yizifundo ezinjani ezisesitif­iketini somfundi.

Kakunambit­hiseki ukuthi kwamukelek­ile kuleli lizwe ukuphasa ezinye izifundo ngama-40%. Ngeke sifike ndawo njengezwe uma ama-50% kuya phezulu engathathw­a njengezing­a lokuphumel­ela isifundo.

Le ndaba kufanele ilungiswe, singakhohl­isani bakwethu. Izibalo neSayensi, ukwenza isibonelo, yizifundo ezibalulek­ile ukuba umfundi aziqoke uma ehlose ukwandisa amathuba okuthola umsebenzi - uma esephothul­e izifundo zakhe.

Siyazi sonke ukuthi imisebenzi kayibonwa, ngakho-ke kubaluleki­le ukuba imizamo kahulumeni kwezemfund­o igxile kulezi zifundo ezinganika intsha yethu amathuba amaningi okuthola ukuqeqeshe­ka, ukuziseben­za nomsebenzi ezimbonini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa