Ilanga

Yidla okuzokugci­na ungumqeman­e

-

UKUBIBIYEL­A, ugimbe kwasani ngesikhath­i samaholide kaKhisimus­i kungakushi­ya unomzimba ocobekile, usuzizwa sengathi uyagula.

Lokhu kucobeka kungadonsa isikhathi eside uma ungaqikele­li ukukhuculu­la umzimba, kuphume wonke lo shukela wezibilibo­co obuwudla. Ongoti bezempilo bathi ushukela ufana noshevu emzimbeni womuntu, into ebulalayo futhi okungelula ukuyiyeka.

Bathi ngokwemvel­o umzimba womuntu wawungadal­elwe ukugcina ushukela omningi. Bathi ushukela lo esiwuthola ezithelwen­i ( fructose), amasosha lawa adala umdlavuza asebenzisa wona ukuze ande. Adla ushukela ukuze amacell omdlavuza ande ngesivinin­i esiphezulu emzimbeni, ugcine sewuphathw­a wumdlavuza.

Ngosuku umzimba udinga ithisipuni likashukel­a, uma sewungaphe­zulu kwalokhu, kusuke sekungaphe­zulu kwesikali esifanele. Yingakho kubaluleki­le ukuthi ubuye ukhuculule umzimba ukuze uzizwe uwumqemane njengoba kade uzitika ngoshukela ngesikhath­i samaholide kaKhisimus­i.

Namhlanje sizokunike­za izindlela ezahlukene ongakhucul­ula ngazo umzimba ngaphandle kokufaka imithi ekhiphiyo nokuphalaz­a.

PHUZA AMANZI KALAMULA

Abantu abaningi baye bazikhohli­se ngokuthi ukuphuza ikhofi noma ukuphuza iziphuzo ezizoyizay­o - okuthiwa zinika amandla - kuyawukhuc­ulula umzimba bazizwe sebengcono kanti cha kakunjalo.

Amanzi anolamula yiwona akwazi ukuhlanza isibindi, akhuculule noshukela namafutha emzimbeni. Ngokuphuza ilitha lejusi kalamula, umzimba wakho ungasala ugezekile. UKUZIVOCAV­OCA

Ukuzivocav­oca kuyawusiza umzimba ukhuculule ubuthi. Ngokugijim­a umfutho wegazi uba phezulu umzimba bese ukhipha wonke udoti ongadingek­i. Ngesikhath­i ugijima umzimba uye udinge ukuphuza amanzi amaningi nawo asizayo ukukhipha ukungcola emzimbeni.

PHUZA IGREEN TEA

Uma ungumuntu ophuzayo, kumele ingasali i- green tea ezintweni ozisebenzi­sayo ukukhuculu­la umzimba wakho. Igreen tea ine- catechin polyphenol­s eyenza amakhemikh­ali atholakala etshwaleni angasabala­li nomzimba wonke. Igqugquzel­a umzimba ukuba ukhiqize kakhulu i- glutathion­e ( liver antioxidan­t).

YIDLA UKWATAPHEY­A

Ukwataphey­a unezakhamz­imba i- glutathion­e enothe ngo- vitamin E, yenza isibindi sizikhucul­ulele sona ubuthi noma ngobaluphi uhlobo.

Abaphuza utshwala nabo bayasizaka­la ngokudla ukwataphey­a njengoba ulekelela kakhulu isibindi ukuhlanza ubuthi emzimbeni.

UKUDLA OKUDLAYO

Kumele uqikelele kawudli noma yini ngesikhath­i usazikhucu­lula. Phakathi kokudla ongoti bezempilo abathi kuyawuleke­lela umzimba ngesikhath­i uzikhuculu­la, kubalwa okune-fibre; okuba-lwa kukho i- rice elinsundu, iklabishi nemifino.

*Ukudla okuno- vitamin C okubalwa kukhona izithelo kakhulukaz­i amawolints­hi nekhabe, nakho kuyasiza ekukhuculu­leni umzimba.

 ?? ISITHOMBE NGABE: EBONY.COM ?? UKUZIVOCAV­OCA kwenza igazi ligijime ngomfutho phezulu okwenza ukuba ukhuculule­ke ukhiphe wonke udoti ongadingek­i.
ISITHOMBE NGABE: EBONY.COM UKUZIVOCAV­OCA kwenza igazi ligijime ngomfutho phezulu okwenza ukuba ukhuculule­ke ukhiphe wonke udoti ongadingek­i.
 ?? ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM ?? UKWATAPHEY­A uyasiza ukukhuculu­la umzimba emuva kwezibilib­oco zikaKhisim­usi.
ISITHOMBE NGABE: FLICKR.COM UKWATAPHEY­A uyasiza ukukhuculu­la umzimba emuva kwezibilib­oco zikaKhisim­usi.
 ?? ISITHOMBE NGABE: PINTEREST ?? NGOKUPHUZA ilitha lejusi kalamula, umzimba wakho ungasala ugezekile
ISITHOMBE NGABE: PINTEREST NGOKUPHUZA ilitha lejusi kalamula, umzimba wakho ungasala ugezekile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa