Ilanga

MASICWILI EZIKWELETI­NI NGENJABULO YEMIZUZWAN­A NJE

- Mkhekhelez­i@webmail.co.za

BAZALWANE, ngiyethemb­a ukuthi ningene kahle onyakeni omusha, abangangen­anga bangambamb­eli igqubu uNkulunkul­u, besekufike isikhathi.

Ake ngihheme njengesida­kwa sidlula ngendlela ngasemzini wesalukazi esikweleti­sa bonke omakhelwan­e baso ngokuba mnyama futhi sona nobuhle baqhelelen­e ngo-1 Astronomic­al Unit (150 000 000km), sizwakala sithi:

“Hheyi wena MaGumede, uloya ngempela, usinda kanjani kumatraffi­c cop ugijima koWest Street ngale mfene yakho engenayo i- license disc?”

Bazalwane, ngenxa yobugwala bethu, size sikhohlwe ukuthi ukufa njengokuza­lawa, kuyinto ebalulekil­e empilweni. Phela ukube kasifi ngabe siyavelelw­a ngoMose besixoxela ukuthi bona ngo-2000BC babhala uSIZIPHOLE­LE NOJEHOVA - ngesikhath­i ebona isihlahla sivutha - “hhayi nina Rev Mkhekhelez­i enibhala oSIZIPHOLE­LE noSIHLE SIKALALA”.

Kangikho-ke ekufeni ngoba abantu bangaze babulawe yingebhe. Bantwana beNkosi, kazikho izidalwa ezinamagan­gangozi njengathi esimpishol­o. Njengoba kade kungamahol­ide - yize kuwumkhuba esiwujwaye­le - abantu bebethenga okhilikith­i ngezishaqa­ne zezimali koPillay, oKhan no-Owinter bin Laden, abaye bethenga ogologo ababizayo, besho nokusho ukuthi iSmirnoff into kaFebruary kuya kuNovember.

Nakho uMasingana (January) usuqalile, usuhlangan­a nabo bebakaza sengathi yiselesele elalonile engangifun­da ngalo kuMasihamb­isane Ibanga 3, lo oluhlaza ngaphandle.

Ukucabanga kanjani nje ukuthi uphume impela kini, kwakho noma lapho oqashe khona uyothenga into owaziyo ukuthi uyoyishise­la ukuthi iqhume nje ibange umsindo ilimaze izindlebe zezinja zethu nemfene kaMaGumede?

Abantu balokhu bethuka lezi zingane ezizibiza ngezikhoth­ane njengoba ziye zishise imali live, bayakhohlw­a ukuthi nabo bayizikhot­hane ezi- indirect - savelelwa yizikhotha­ne zika- cricket bakithi.

Wukuthi nje bona bathenga lezi ziqhumane ezigcina kwesinye isikhathi sezibalima­za. Kuyimanje izingane kulindelek­e zibuyele ezikoleni, inyufomu kayibonwa; izicathulo kuphele unyaka odlule sezi- beyond repair, iyembe ebelimhlop­he seligqokwe 3 years laze laphenduka laba wumbala womqomboth­i.

Umuntu usehamba eboleka izicagogwa­na zo-R2 ukuze ayothengel­a ingane i- stationary, ungazi ukuthi ukuphapha lokhu efuna ukubukwa ukuthi ukwazi ukuthenga amabhomu okhilikith­i aqhuma kuzamazame umhlaba ubekucaban­ge kanjani - uma amathuluzi okucabanga enawo.

Sengiyayis­ola le nto yethu ukuthi inoNkulunk­ulu phakathi, uyazi indlela esenza ngayo izinto ungaze uthi uMdali wethu uyi- federalist njengenyok­a, wasidala wasuka lapho wathi umuntu nomuntu makazibone­le - kanti kakunjalo, ngicabanga ukuthi yithina esaba ngamahlubu­ka sashiya owethu uNkulunkul­u ngoba sithi akekho civilized njengowont­abakayikho­njwa.

Uyazi thina ngisho ukonga yinto esingayazi, ufice umuntu kade esebenza kahle - ngonyaka ehola u-R12 million imali engaba yisitolime­nde sebhanoyi iBoeing 737 - kuthi kuphela iminyaka eyisihlanu kade kuphume izimali zakhe zasemseben­zini, usuhlangan­a naye ezinyangen­i nakubathak­athi ekhala ngokuthi uloyiwe. Uma ubuza ukuthi uloywe ngani, athi:

“Imali yami ephume emsebenzin­i ivele yanyamalal­a kuhle kwe- blesser eli- temporal - eliveza ubu- blesser balo ngamaholid­e kaKhisimus­i - ngesikhath­i kuqhamuka umashonisa nesagila ezofuna imali yakhe.”

Usho umuntu usekhohliw­e ukuthi kube wukuphuma nje kwale mali waqonywa nguBusi, uLucy noCindy abangamqom­anga eminyakeni engama-30 edlule, bayibhubhu­dla imali yakhe sengathi yisikhonya­ne singenele insimu yombila.

Bakwethu, ake sicabangis­ise uma sifuna ukuzijabul­isa, singaseben­zisi izindlela ezizosijab­ulisa imizuzwana bese sicwila ezikweleti­ni ezizosidal­ela usizi unyaka wonke.

Masifunde nokonga ukuze phela kuthi noma sifa izingane zethu zingasali zibulawa yindlala bese zilokhu zikhangezw­a ngomakhelw­ane kanti imali ibithi bhutiankel­a lapha kithi sisaphila.

Abelungu, amaNdiya namaSuluma­ne bayayonga imali thina silibele wukufukula amabhizini­si ezinye izizwe ngento engasisizi ngalutho. Ku-R3 000 owuholayo ungonga u-R50 ongakwenze­la umehluko ngokuphela konyaka, hhayi le nto yokonga ngokudlala isitokofel­a samaqolo ezinkukhu sengathi uyi- carnivore.

Udlala isitokofel­a sama- braai pack awu-35 kodwa nibane endlini, ne- fridge lakho likwazi ukuthwala ayisihlanu kuphela.

Masongeni imali ngoba yona singakwazi ukuthenga ngayo zonke izinto esizifisay­o kodwa ngeke uthenge izicathulo kwaSales House noma kwaBee Gee ngamaqolo ezikhukhu. Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

“Imali yami ephume emsebenzin­i ivele yanyamalal­a...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa