Ilanga

ULALE EBALIWE UNGQONDONG­QONDO OSHUSHUMBI­SA IZITHO ZABANTU

- UMTHOMBO NGABE: AFP

UKHALELWE ngamasongo kaSigonyel­a eCyprus ungqondong­qondo wakwa-Israel kwezokushu­shumbiswa kwezitho zabantu, lokhu kuvewe ngamaphoyi­sa aseKosovo ngoMgqibel­o.

UMoshe Harel usolwa ngokuhlela ukuba kufakelwe izinso kubantu abangaphez­u kwe-12 ngendlela engekho emthethwen­i, okuyinto okuthiwa yenzeke eMedicus Clinic ePrestina - inhlokodol­obha yaseKosovo - ngowezi-2008.

“Lo mlisa uboshwe eCyprus ezinsukwin­i ezimbalwa ezedlule emuva kokuba ePristina kukhishwe incwadi egunyaza ukuthi noma ngabe ubonakala kuliphi ilizwe, kumele aboshwe,” kusho uBaki Kelani okhulumela amaphoyisa aseKosovo.

Sekuphele isikhathi esingangem­inyaka eli-10 amaphoyisa ethungatha uHarel ngezinsolo zokuxhapha­za kwakhe izisulu - obekuthath­wa kuzona izitho zomzimba - emuva kokuba zilandwe ezindaweni zabadla imbuya ngothi entshonala­nga ye-Europe namaphakat­hi ne-Asia.

Bezihungul­wa ngokuthenj­iswa u-R222 000 ngezicubu zazo, isisulu ngasinye. Labo “abebenikel­elwa ngezitho” - iningi okuyizakha­mizi zakwa-Israel - bebekhokha ngaphezulu kuka-R1 481 000. Umkhuba wongqondon­gqondo kwezokushu­shumbiswa kwezitho zabantu uqale ukugqama ngowezi-2008 emuva kokuba owesilisa waseTurkey equlekile esikhumulw­eni sezindiza ePristina - ubekhishwe inso.

Amaphoyisa agasele eMedicus Clinic, egcine ivaliwe emuva kokusabala­la kwezindaba mayelana nale mikhuba okusolwa ngayo uHarel. Ngowezi-2013, inkantolo elawulwa yi-European Union (EU), eKosovo, igwebe odokotela abayisihla­nu iminyaka esiyi-8 bebhadla ejele ngawo belu umkhuba wokushushu­mbiswa ngezitho zabantu kuleliya lizwe.

Izisulu okukhishwe izitho zazo zomzimba ngendlela engekho emthethwen­i, bezinganik­wa usizo lwezempilo olufanele, beziphathi­swa okwemfucuz­a nje, ngokusho kwabashush­isi ngesikhath­i kuthethwa icala.

INkantolo eNkulu yaseKosovo, isesulile isigwebo seminyaka eyisi8 yafuna ukuba icala liqalwe phansi - liyaqhubek­a kuyimanje.

“Lo mlisa uboshwe eCyprus ezinsukwin­i...

 ?? ISITHOMBE NGABE: TIMESOFISR­AEL ?? KUBANJWE ungqondong­qondo wase-Israel kwezokushu­shumbiswa kwezitho zabantu.
ISITHOMBE NGABE: TIMESOFISR­AEL KUBANJWE ungqondong­qondo wase-Israel kwezokushu­shumbiswa kwezitho zabantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa