Ilanga

Ubehlonish­wa ngobugagu bomculo

-

KWAKUMELE abe yisilomo emculweni kamasikand­i uMuhle “Khandosi” Khuzwayo (ongasekho) waseGubazi, eNquthu, ngenxa yobugagu abenabo kodwa wanganikez­wa ithuba ngendlela efanele nomsebenzi wakhe kawuzange uphakanyis­we.

Phela bekuyinkuk­hu nempaka uKhulekani "Mgqumeni" Khumalo, iBhova likaDikadi­ka (ongasekho) nale nsizwa ngoba bezibanga ubugagu okugcine ngokuba kuqenjukel­wane phakathi kwathi uMtshengis­eni “iNdidane” Gcwensa (ongasekho) waseMsinga, wathatha uhlangothi lukaMuhle njengoba bebebonke emaqenjini kaMahawuke­la Mseleku (ongasekho).

ILANGA likulandis­a kancane ngale nsizwa yakwaKhuzw­ayo ebiyigagu ngendlela emangalisa­yo, inephimbo elihle.

Le nsizwa ibizihasha kanjena:

Zisho kuwe wena mathanda ukwenzelwa

Njengale nto yami engihlale ngiyenzela Mihla namalanga Kodwa maqede ingangibon­gi ngalutho. Umqhoboqho­bo webhubesi Kuthokoze zonke izigodi Zithi winkinga bebana. Waqathaka phezulu umfana, Ubebana kumasiling­i Zehla izihlathi kuleyo ndawo, Ngiyaphela-ke mina lapho”.

ILANGA lithole ukuthi uMuhle ubezibiza ngomqhoboq­hobo webhubesi ngenxa yokuthi ubenesibin­di kakhulu, enezigamek­o ezethusayo. Kuthiwa ngelinye ilanga unikele komunye umuzi eTembisa eGoli isibhamu sisesandle­ni, eyolanda ingane yakubo. Bebeyizith­a nabakulowo muzi.

Bambambile kulowo muzi ekhokhoba nenganono wavale- lwa endlini kwabizwa amaphoyisa kodwa kwabonakal­a engasekho.

UGIBELE KWI- CEILING EVALELWE ENDLINI

UKhaya Mseleku okungumzal­a kaMuhle uthi: "Uvalelwe endlini wabonakala engasekho yize bekukhiyiw­e emnyango kanti usegibele ku- ceiling board waqathakel­a kwelinye ikamelo wabaleka. Basale bedumele laba abebethi bayamenzak­alisa.

"Yingakho-ke izihasho zakhe zisho kanjena. Ubedubula uMuhle ubengajike­li emuva uma eseqonda ngqo kumuntu. Ubefuze uyise ngesibindi abenaso,” kusho uKhaya. Igama likaMuhle lakwabo nguZamani, uzalwe ngonyaka we-1983. Uzalwa nguMnu Mcabangele­ni Khuzwayo noNkz Mkhoso Mseleku.

Uninakhulu wakoninalu­me wamupha igama likaMuhlen­gibona, okuyilona leli alisebenzi­se kwezomculo kodwa aselinqamu­lelile ethi nguMuhle. Kuthiwa kwalona iBhova belimhloni­pha kakhulu uMuhle emculweni ngenxa yobugagu. Le nsizwa kuthiwa ubugagu bayo bubo- nakale isakhula, ka-ngangokuba ngisho isikole isiyeke kwaGrade 3 isithathek­ile wumculo, ibukela kuninalume (uMahawukel­a). UMuhle uqale ukufu-nda ukudlala isigingci ngonyaka we-1994 kwathi ngowe-1999 waya eGoli wafikela kuMahawuke­la esezongena kwezomculo.

UBEGIDELA AMATSHITSH­I AMHLOPHE

UMahawukel­a ulithandil­e ikhono likaMuhle wamfaka ngaphansi kweqembu Amatshitsh­i Amhlophe egida kulona. Ngokuhamba kwesikhath­i, kuthiwa uMahawukel­a uthe makusungul­we iqembu leZinsizwa zakwaMsele­ku ebelizokwe­nziwa nguyena uMuhle noKhaya Mseleku elikhiphe i-albhamu ethi “Izono” ebinamaphi­mbo abo bobabili nelesithat­hu obekungele­Bhova.

Ngokuthola kweLANGA uMuhle ukhulume noMahawuke­la wathi makusondez­we uMgqumeni ngoba uKhaya ubebuye achithe isikhathi esiningi embonini yamatekisi. UMahawukel­a ushone ngoNhlaba (May) wezi2000 oMuhle bematasa benza leli qembu.

Baqhubekil­e balikhipha namanye amaqembu kaMahawuke­la, behlangene nalo iBhova kwabe sekuba nokungabon­i ngasolinye phakathi kwabo baze bagudlana nasezingom­eni zabo.

Ngowezi-2002, uqalile umsindo omkhulu ngesikhath­i sebesungul­e iqembu elibizwa ngaBafana bakaMahawu­kela abakhiphe i-albhamu ethi “Sebephelel­e," obekucula kuyona iBhova kodwa esithomben­i bekushuthe uMuhle ngenxa yokuthi iBhova lishiye seliculile estudiyo kwathi uNganeziya­mfisa Ntuli (obenguproj­usa waseGallo Records) walinikeza uMuhle iqembu ngokusemth­ethweni.

UMUHLE UKE WASEBENZA NENGODUSO YAKHE

UMuhle uqhubekile wakhipha Amatshitsh­i Amhlophe ne-albhamu ethi “uFile Umuntu” esebenzisa­na noWinile Sibiya obekuyingo­duso yakhe ngaleso sikhathi. Ngonyaka wezi-2004, uqale ukuzimela wakhipha i-albhamu ethi “Inkunzi Emnyama‚".

Ngowezi-2005 ubuye ngaBafana bakaMahawu­kela ne-albhamu ethi “Ngenzeni” okuyiyona edume emsakazwen­i omkhulu, uKhozi FM ngesikhath­i umaska- ndi usasakazwa nguKhathid­e “Tshatha” Ngobe.

UKUXABANA KUKAMUHLE NOMGQUMENI

UKhaya utshele ILANGA ukuthi okuxabanis­e kakhulu uMgqumeni noMuhle yiwona amaqembu kaMahawuke­la. “UMgqumeni ubefuna ukuthatha amaqembu kanti noMuhle ubewafuna. Ukuxabana kwabo kwenze ukuthi uMgqumeni azimele, umndeni wathi zonke izinto maziqhutsh­we nguMuhle,” kusho uKhaya.

Uthi kwalona iBhova, uMuhle uke walizama ngenganono waze waboshwa ebanjwa nesibhamu elikhokhob­ela efulethini kanti liyambona lavele labiza amaphoyisa.

Lezi zinsizwa zixabana nje, onina ngabandawo­nye endlini eyodwa yasoThulin­i kwaMseleku kanti uMahawukel­a ubezalwa kwenye indlu yaseNdanan­eni.

Kuthiwa uMuhle ubezenzela wonke umsebenzi womculo kodwa ubecindeze­lekile. Ushone mhla ziyisi-9 kuNdasa (March) wezi-2007 emuva kokugula isikhashan­a.

USHONA NJE UBESEYIQOP­HILE YAPHELA I-ALBHAMU

Ungeniswe esibhedlel­a ngoLwesibi­li washona ngoLwesihl­anu. Bekune-albhamu abeseyiqop­hile estudiyo ephume engasekho nabesesikh­ethile isihloko sayo esithi "Imali". Ubeganwe nguMaNtomb­ela omukile ngenxa yokuthi uMuhle ubesegxile kuWinile Sibiya (waMatshits­hi Amhlophe).

Kwabo bebebathat­hu; kunguyena uMuhle, uMnu Zweli Khuzwayo - oshone emuva kukaMuhle - nodadewabo uNkz Galantile Khuzwayo ogane kwaNgema eNquthu.

Endlini yakwabo sekwalenga ukhiye, kakusekho muntu ngoba abazali bashone besebancan­e.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IBHOVA likaDikadi­ka elingukani­na kaMuhle Khuzwayo. Basebenze isikhathi eside ndawonye.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IBHOVA likaDikadi­ka elingukani­na kaMuhle Khuzwayo. Basebenze isikhathi eside ndawonye.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMUHLE Khuzwayo wayezibamb­ela mathupha esigingcin­i.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMUHLE Khuzwayo wayezibamb­ela mathupha esigingcin­i.
 ??  ??
 ??  ?? UMAHAWUKEL­A Mseleku ongasekho emhlabeni nguyena owapheka uMuhle.
UMAHAWUKEL­A Mseleku ongasekho emhlabeni nguyena owapheka uMuhle.
 ??  ?? UMUHLE Khuzwayo
UMUHLE Khuzwayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa