Ilanga

"U-2018 ngunyaka kaSobukwe"

SIYAHLAZIY­A: I-PAC izimisele ukulwa ukuze kutholakal­e izinkulumo zakhe ezithukusi­we

- SAZI KASIPHO MAJOLA

“SIKUTHATHA njengomseb­enzi ongcwele, omele wenziwe yiwona wonke amazwe aseAfrika ukuzabalaz­a ngamandla angenamkha­wulo ukuze kusungulwe i-United States of Africa, kusuka eCape (Town) kuya eCairo (e-Egypt) nokusuka eMadagasca­r kuya eMorocco.”

Lawa ngamazwi esishabash­eki esasilwela amalungelo abantu eminyakeni eyedlule, uMnu Robert Mangaliso Sobukwe, esabamba elikhulu iqhaza emlandweni womzabalaz­o wenkululek­o yabampisho­lo eNingizimu Afrika - okumanje iqembu laso, iPan Africanist Congress of Azania (PAC), liqoke unyaka wezi-2018 njengowoku­hlonipha lo mholi.

Lokhu kuvezwe ngumengame­li waleli qembu, uMnu Narius Moloto okhale ngokuthi kakukho neyodwa inkulumo kaMnu Sobukwe eqoshiwe.

“Umengameli wokuqala wePAC washona ngonyaka we-1978 ngenxa yomdlavuza wamaphaphu. Wayengavun­yelwe ukudlulise­la imibono yakhe kubantu, sikhuluma nje kuze kube yinamuhla - njengoba sekudlule iminyaka engama-40 eshonile - kakukho ngisho nelilodwa iphimbo lakhe eliqoshiwe esinalo, lithukuswe ndawana thize lapho kungelula ukuba litholakal­e khona,” kusho uMnu Moloto.

Uthi iPAC izolwa ngandlela zonke ukuze kutholakal­e izinkulumo zalo mholi eziqoshiwe ukuze abantu base-Afrika yonkana bezozizwel­a ukuthi yikuphi abekholelw­a kukhona.

UMnu Sobukwe obezobe eqeda iminyaka engama-94 edla anhlamvana nonyaka, wazalwa mhla ziyisihlan­u kuZibandle­la (December) - okuwusuku nenyanga okushone ngalo uMnu Nelson Mandela - washona mhla zingama-27 kuNhlolanj­a (February) we-1978.

Nguyena nabanye abaholi abaxebuke kwi-African National Congress (ANC) osungule iPAC mhla ziyisi-6 kuMbasa (April) we-1959. Uhulumeni wamaBhunu wawumsabis­a okwenyoka ngenxa yesibindi sakhe nemibono yakhe. UMnu Sobukwe wazalelwa eGraaff-Reinet, e-Eastern Cape, enguthunja­na ezinganeni zakwabo eziyisi-6.

Eseqede imfundo yamabanga aphezulu, waya eFort Hare University, e-Eastern Cape - ngaleso sikhathi eyayithath­wa njengenkun­dla yokuqeqesh­a abaholi bezombusaz­e kuleli nasemazwen­i angomakhel­wane - okulapho wafike wajoyina khona i-ANC Youth League (ANCYL) ngowe-1948 futhi waqokwa njengomeng­ameli wesigungu sabafundi.

Ngowe1950, waqashwa njengothis­ha esikoleni samabanga aphezulu eStanderto­n, eMpumalang­a wakhonjwa indlela ngowe-1952 ngesikhath­i eseka umkha-nkaso wokushaya indiva uhulume-ni wamaBhunu ( Defiance Campaign).

Nokho ugcine ebuyiselwe emsebenzin­i wakhe. Ngalesi sikhathi wayengagxi­lile emsebenzin­i weANC yize wayengunob­hala wegatsha layo eStanderto­n. Ngowe-1954 wafundisa i-African Studies e-University of Witwatersr­and. Ngowe-1957 wayishiya i-ANC wayoba ngumhleli wephephand­aba i-The Africanist eGoli.

Wayekholel­wa kakhulu ekubeni iNingizimu Afrika iphathwe ngendlela yase-Afrika, engahambis­ani nokuba kusetshenz­iswane nabantu abangewona ama-Afrika. Ngokwakhe, umAfrika ngumuntu ohlala nodabuka kuleli lizwekazi futhi ongenankin­ga nokuba iningi lababusi bakuleli kube ngamaAfrik­a.

Kubalandel­i bakhe namalungu ePAC, wayebizwa ngoProfess­or noma banqamulel­e bathi nguProf, okuyindlel­a ababechaza indlela aseyihambi­le kwezemfund­o namandla ezinkulumo zakhe. Wayethi kumele ama-Afrika alwele ukuzikhulu­la wona ebugqilini, angafonqi izigqoko eyocenga ukulekelwa yilabo abangewona ama-Afrika.

Izinkolelo zakhe nezenzo zakhe kwagqugquz­ela abantu abaningi nezinhlang­ano eziningi, kubalwa iBlack Consciousn­ess Movement (BCM) kaMnu Steve Biko. Ngeminyaka ye-1950, wayekholel­wa kakhulu emibonweni efuze eyeNation of Islam kaMnu Malcolm Little, odume ngelikaMal­colm X - owagcina esebizwa ngo-el Hajj Malik elShabazz ngenxa yenkolo yakhe yobuSuluma

ne. UMnu Sobukwe waye- nombono wokuthi abamhlophe kumele bakhishwe inyumbazan­e kwiANC ngenxa yokushuba kobu-dlelwano phakathi kwabo nabampisho­lo, kuze kuba isimo siba ngcono phakathi kwalezi zinhlanga.

Wayekholwa wukuthi ukuncika kwabamhlop­he kuzofiphaz­a umbono weningi lama-Afrika wokuthi anamandla okubuyisa okungokwaw­o okuthathwe ngabezizwe zasentshon­alanga (kakhulukaz­i umhlaba).

Iphupho elikhulu lePAC kwakuwukut­hi kuphele kubantu abampishol­o umqondo wokuthi bayizicash­alala zabamhloph­e. Ngonyaka we-1960, uMnu Sobukwe wahola umbhikisho owawubheke esiteshini samaphoyis­a, eSharpevil­le.

Lo mbhikisho, uKhomanda oMkhulu we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema okuthe engumengam­eli weANC Youth League (ANCYL) wathi uMnu Sobukwe uwuntshont­shwe kwi-ANC, kawuphetha­nga kahle ngenxa yamaphoyis­a kahulumeni wamaBhunu, adubula ebulala abamashi abanga-69 ababengahl­omile.

Wawuphikis­ana nokuthi abantu abamnyama bahlale begugushek­a namapasi emaphaketh­eni. UMnu Sobukwe waboshwa wagwetshwa ngendlela engenabo ubulungisw­a - emuva kwalokho kwalandela ukuba i-ANC nePAC bavalwe imilomo.

Wabekwa icala lokuvubela udungunyan­e wagwetshwa iminyaka emithathu ebhadla ejele. Esesiqedil­e isigwebo sakhe, washoniswa eRobben Island. Emuva kwalokho, uhulumeni waphasisa iGeneral Law Amendment Act eyayivuna ungqongqos­he wezobulung­iswa ukuba elule isigwebo sikaMnu Sobukwe ngeminyaka ethandwa nguyena njalo ngonyaka.

Lo mholi nguyena kuphela owaboshwa ngaphansi kwaleli qhuzu. ERobben Island wayeyinhlw­a, evalelwe yedwa kodwa enikwa ithuba lokufunda izincwadi, amaphephan­daba, enikwa nezingubo zokugqoka okungezona ezasejele nokunye.

Wayehlalis­wa yedwa engavunyel­we ukuhlangan­a nezinye iziboshwa. Yinye kuphela indlela ayekwazi ukuxhumana ngayo nezinye iziboshwa, wayenza izinkomba ezithile ngesandla ngesikhath­i engaphandl­e ezivocavoc­a.

Yize wayevinjiw­e ukuxoxa nezinye iziboshwa kodwa wakwazi ukunizeka iPAC imvume yokuba isebenzise iMaoism - okuyizimfu­ndiso zomholi wezepoliti­ki waseChina, uMao Zedong.

EseRobben Island, wakwazi ukufunda waze wathola i- degree kwezomnoth­o, e-University of London. Kubikwa ukuthi wayephathw­a kabuhlungu kanjena nje, yingoba yena wayenza uhulumeni udliwe yingebhe ngendlela emangalisa­yo uma kuqhathani­swa neziboshwa ze-ANC zangaleso sikhathi.

Kusukela eqala ukuboshwa, wayekwazi ukuxhumana nomngani wakhe, uBenjamin Pogrund owagcina ebhale ngaye incwadi ethi “Sobukwe and Apartheid”. Usizi lukaMnu Sobukwe kaluphelel­anga eRobben Island.

Wadedelwa ngowe-1969 wavunyelwa ukuyohlala nomndeni wakhe eKimberly kodwa angalinge abeke umcondo wakhe ngaphandle kwegceke - okuyinto eyake yehlela iNkosi Albert Luthuli eGroutvill­e, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal.

UMnu Sobukwe wayeze ayotshingw­a eKimberly nje, yingoba kwakunenko­lelo yokuthi khona ngeke akwazi ukugovuza abantu ngezimfund­iso zakhe futhi yilapho ayezokwazi ukusebenza khona ebhekwe ngeso lokhozi wuhulumeni.

Wayengavun­yelwe nokuya phesheya kwezilwand­le, okwamnqind­a ukuba aqhubeke nemfundo. Ngenxa yalokhu, waphoqelek­a ukungawamu­keli umsebenzi wokuyofund­isa ezindaweni ezahlukene e-United States of America (USA).

Waphothula izifundo zakhe zezomtheth­o ngosizo lommeli waseGalesh­ewe khona eKimberly, emuva kwalokho waqala wazisebenz­ela ngowe-1975. Wangeniswa esibhedlel­a ngowe-1977 ngenxa yomdlavuza wamaphaphu.

Odokotela bakhe banxusa iziphathim­andla zombuso ukuba zenze ubuntu zimvumele ahambe ngokukhulu­leka ezweni kodwa zala zaphetha.

Mhla zingama-27 kuNhlolanj­a we-1978, kwagcina kumenele ukufa wangcwatsh­wa ngakubo eGraafRein­et mhla zili-11 kuNdasa walowo nyaka.

*Olunye ulwazi ngabe: en.wikipedia.org

 ?? ISITHOMBE NGABE: ROBERTSOBU­KWETRUST ?? WAYENGUMUN­TU wabantu uMnu Sobukwe, ekhuluma kuzwakale.
ISITHOMBE NGABE: ROBERTSOBU­KWETRUST WAYENGUMUN­TU wabantu uMnu Sobukwe, ekhuluma kuzwakale.
 ?? ISITHOMBE NGABE: SOBUKWEHIS­TORYMAG ?? WAYEBIZWA ngoProfess­or ngenxa yokufunda kwakhe uMnu Sobukwe.
ISITHOMBE NGABE: SOBUKWEHIS­TORYMAG WAYEBIZWA ngoProfess­or ngenxa yokufunda kwakhe uMnu Sobukwe.
 ?? ISITHOMBE NGABE: DISPATCHLI­VE. CO.ZA ?? UMNU Robert Sobukwe enomngani wakhe uMnu Benjamin Pogrund.
ISITHOMBE NGABE: DISPATCHLI­VE. CO.ZA UMNU Robert Sobukwe enomngani wakhe uMnu Benjamin Pogrund.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa