Ilanga

UBUYELA ERINGINI USIBONISO GONYA

- PHILANI NCALANE

UBUYELA eringini uSiboniso “Tiger” Gonya onomthwalo wokuvikela ibhande leWorld Boxing Organisati­on (WBO) Interconti­nental Bantamweig­ht ingakaphel­i inyanga kaNdasa (March) kophezulu.

UGonya usebuyele ngokugcwel­e ejimini njengoba iWBO isibhalele ikhempu yakhe iyinxusa ukuba avikele leli bhande.

UGonya uwuvale kabi unyaka odlule ehlulwa nguZolani Tete obevikela ibhande lo mhlaba leWBO Bantamweig­ht, eNorthern Ireland. UTete uzibeke emlandweni womhlaba ngokuba yibhokisa lokuqala ukuqeda impi inemuzuzwa­na eyi-11 iqalile. UTete uzovikela ibhande lakhe kuOmar Andres Narvaez wase-Argentina ngenyanga ezayo e-England. UGonya kuthiwa uzokulwa nebhokisa lase-England noma elaseArgen­tina.

UThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Boxing Promotions ehlela izimpi zikaGonya uthe sebekudlul­isile okwenzeke ngonyaka odlule.

“UGonya usedlulile empini kaTete. Simincele ukuthi uTete ayinqobe le mpi noGonya akwazi ukubuyisa isithunzi.

"UTete usitshele ukuthi ufuna ukunyukela esigabeni seJunior Featherwei­ght.

"Lokhu kuzonikeza uGonya ithuba lokuphinde alwele ibhande lo mhlaba.

"Nokho-ke kubukeka kukuningi okusemqond­weni kaTete njengoba efuna nempi yokudidiye­la amabhande esuke ihambisana nezindodla zemali.

"Sikubheke ngeso lokhozi konke okwenzekay­o.

"Okusijabul­isayo wukuthi uGo- nya usahleli endaweni yesithathu ohlwini lwabagaqel­e ibhande lo mhlaba yize ehluliwe ngonyaka odlule,” kusho uMagudulel­a.

Uqhube ngokuthi uzohlangan­a nophromoth­a waseNamibi­a kuleli sonto eGoli ukubhunga ngempi kaNkosinat­hi Biyela okuhlelwa ukuthi ibe kuleliya lizwe. UBiyela bekumele ayokulwa eNamibia ngenyanga edlule kodwa yagcina ibhuntshil­e impi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SPORTTVN24 ?? USALE elele amankeyane kanje uSiboniso Gonya empini yakhe yokugcina ayilwe noZolani Tete ngonyaka odlule kubangwa ibhande leWBO Bantamweig­ht e-Ireland. UGonya ubuyela eringini ngoNdasa lapho eyovikela khona ibhande lakhe le-Interconti­nental Bantamweig­ht.
ISITHOMBE NGABE: SPORTTVN24 USALE elele amankeyane kanje uSiboniso Gonya empini yakhe yokugcina ayilwe noZolani Tete ngonyaka odlule kubangwa ibhande leWBO Bantamweig­ht e-Ireland. UGonya ubuyela eringini ngoNdasa lapho eyovikela khona ibhande lakhe le-Interconti­nental Bantamweig­ht.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa