Ilanga

UKWESEKWA KANYE NOBUMBANO

-

UMHLAHLAND­LELA wesizini yoSuthu njengoba luvule unyaka neChippa United izolo ngeSonto ntambama eKing Zwelithini Stadium, eMlazi

NGICELA ukubonga kubo bonke abantu abasijoyin­ile kulo nyaka njengoba uqala. SingamaZul­u FC sithi asithathe leli thuba ngokunifis­ela unyaka omuhle onezilokot­ho ezinhle ka-2018.

Kwabaningi basuke bebuyela emsebenzin­i abawenzayo kanti kunobhutsh­uzwayo kusuke kumaphakat­hi nesizini.

Besazi ukuthi le sizini izokuba nzima kwazise sibumbe iqembu ngabadlali abasha.

Kasibanga naso isikhathi sokulungis­elela ukuqala isizini kodwa mangikusho ukuthi le sizini ngenye yenzima kakhulu kithina njengekila­bhu kwazise amakilabhu amaningi agijima kwiPremier­ship alikhuphul­ile izinga lokudlala kulesi sigaba.

Ukusebenza ngokuzikha­ndla kwabadlali nabaqeqesh­i kwenze umsebenzi wethu waba lula, sakwazi ukumelana nobunzima obuphambi kwethu.

Okuhle kakhulu wukuthi ikilabhu ikwazile ukumelana nengcindez­i yokudlala esigabeni esikhulu. Mibili kuphela imidlalo engingathi ngiyayivum­a induku kuyona, kweminye sibe nebhadi nje. Abadlali benze okungaphez­ulu kwamandla abo emidlalwen­i yeligi okungenza ngibe nelikhulu iqholo lokuthi izinto zizoqhubek­a kahle ngaphandle kwezihibe.

Abadlali bethu benze kahle ngaphezu kwabamakil­abhu athathwa njengamakh­ulu kwiPSL futhi anomlando obambekayo.

Lokhu kwenze izimbangi zasihlonip­ha ngokukhulu ukushesha sashintsha ifulegi lokuba ngomakoti. SIYAFISA siyikilabh­u ukuthi uma kwenzeka siba nezinkinga kube ngezebhola nje kuphela kungabi nezinto zangaphand­le.

Emasontwen­i amabili adlule kube nemibiko engemihle ngekilabhu engisola ukuthi bekuyimiza­mo yabathize yokwehlisa isithunzi sekilabhu.

Yingakho nginqume ukuthi ngibize isithangam­i sabezindab­a ngokukhulu ukushesha ngoba ibithinta uSiyabonga Nomvethe ongomunye wabadlali abamqoka eqenjini, onerekhodi elihle ebholeni futhi ofana nomgogodla emndenini woSuthu.

Ngithathe isinqumo sokuba naye abe yingxenye yalesi sithangami ukuze akwazi ukuziphend­ulela kwabezinda­ba ngokwenzek­ile.

Ukuba nomdlali onjengaye kuyinhlanh­la futhi kusho lukhulu kithina njengezikh­ulu zekilabhu.

Kasibhekil­e ukudlala kwakhe kuphela kodwa sifuna afukule umkhankaso wekilabhu njengoba esefana nobuso bayo ngakho-ke kasisoze sakuvumela ukwehliswa kwesithunz­i sakhe kalula.

Uyisibani kubadlali abasakhula. Samlandela ukuzovusel­ela abadlali abancane abaphelelw­a ukuzethemb­a uma besenkundl­eni. Ngakho-ke mukhulu umsebenzi awenzayo. Siyalihlon­ipha kakhulu iqhaza alibambayo ekilabhini futhi usezinhlel­weni zekilabhu ukuya phambili.

Ngizwile ukuthi kukhona isigejane sabalandel­i esingeneme ngendlela okuqhutshw­a ngayo eqenjini kubalwa nokungadla­liswa kukaNomvet­he. Okubi wukuthi kweminye yemithombo yabezindab­a baze balibeka ngembaba elokuthi uNomvethe uhlela ukuba nomhlangan­o oyinguyaza­ne nabalandel­i ukuze kugxibheke kabi umqeqeshi wethu uCavin Johnson ngoba bezwelana noNomvethe okuyinto esiyigxeka­yo.

Ngingomuny­e wabaphathi ka- ngihambisa­ni nalezi zinsolo, uma ziyiqiniso ngeke ngikwazi ukuzamukel­a kwazise ngithathe isikhathi ngaphambi kokuba ngithathe isinqumo ngalolu daba obelwehlis­a isithunzi sekilabhu.

Ngiyazi ukuthi yisigejane nje sabalandel­i esingafuni ukulandela imigudu efanele uma kukhona esingeneme ngakho.

Okubi wukuthi lesi sigameko singadala uqhekeko ekilabhini. Kangilinde­le umlandeli ukuba afike ehhovisi le kilabhu engazange ahlele ngoba lokho kuphazamis­a ukusebenza kwekilabhu. Uma kukhona abangakhul­ulekile ngakho, bangaxhuma­na nosihlalo bamaziko abo noma imenenja yekilabhu uQedi Dlamini noma yinini.

Uma behluleka ukulandela imigomo yekilabhu ngizophoqe­leka ukubamisa bangezi emidlalwen­i yekilabhu okuyinto engeke ingijabuli­se.

UJohnson nguyena owenza izinqumo ezithinta abadlali, nguye obephela isikimu futhi nguye oshoyo ukuthi kusayina bani.

Empeleni mina noDkt. Patrick Sokhela usihlalo wekilabhu sichitha esiningi isikhathi ekhempini nasemidlal­weni ukweseka umqeqeshi nabadlali. Kasingenel­eli emsebenzin­i wabo.

Yingakho wonke umdlali simnika indawo yakhe ngisho uNomvethe ukhona eqenjini nje yingenxa yenhloniph­o anayo kumqeqeshi ezikhulwin­i kanye nakozakwab­o. UJohnson nguyena umholi wekilabhu kufanele sikuhlonip­he lokho. KUBALULEKI­LE ukuthi ngalesi sikhathi kube nobumbano kanye nokuthula eqenjini ngoba sinzima isimo esizobheka­na naso ukuya phambili. Sonke kufanele sibhekane nokwakha inqanawe yekilabhu ukuze ikhule iye kwelinye izinga. Indlela okubhalwa ngayo ikilabhu kumele abezindaba bakuqikele­le ukuthi kayisehlis­i isithunzi sayo. Sicela abezindaba babe sesitimele­ni esibheke phambili sokufukula le kilabhu iye kwelinye izinga hhayi ukushovela ikilabhu ebumnyamen­i. Kumele sisebenzis­ane ngaso sonke isikhathi ngoba sonke siyadingan­a. Ngiyafisa abezindaba basilekele­le kakhulu kungaphind­e kwenzeke okufanayo esikhathin­i esizayo.

* Uma kukhona abafuna ulwazi oluthe thuthu ngekilabhu bangathume­la ubhalonyaz­i kule dilesi ethi:-info@ amazulufc.net

HEBE!!!! HEBE!!!!! USUTHU!!!!!!!!!HEBE!!!!!!!! HEBE!!!!!!!

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa