Ilanga

UYIVUMILE INDUKU UPITSO EDLIWA

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane uyivume njengendod­a induku ezakhe ziguqiswa ngo-3-2 yiPolokwan­e City kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Amagoli ePolokwane ashaywe ngoSammy Seabi, Walter Musona noRodney Ramagalela, kwathi aweDowns wona ashaywa nguGeorge Lebese no-Oupa Manyisa.

IDowns bekubhekwe iwunqobe lo mdlao kwazise iPolokwane idonsa kanzima ukuthola imiphumela egculisayo.

IPolokwane ishiye abathandi bebhola bebambe ongezansi ibhuquzisa iDowns.

UMosimane uthi iPolokwane ibiwufuna ngaphezu kwabo lo mdlalo.

“Bekufanele sihlulwe kulo mdlalo iPolokwane ibingcono kunathi ikakhuluka­zi ngesiwombe sesibili.

Nathi-ke siwatholil­e amathuba ikakhuluka­zi ngesiwombe sokuqala sangawaseb­enzisa.

Sivuleke amehlo ngalo mdlalo ngethemba ukuthi sizowalung­isa amaphutha,” kusho uMosimane.

UBernard Molekwa ocija iPolokwane uthi abadlali bakhe kuzofanele bangavuvuk­alelwa ngamakhand­a ngoba behlule iSundowns.

“Besazi ukuthi besinganik­wa lutho kulo mdlalo yikhona okusifake umfutho.

Kodwa esikwenze kwiSundown­s akuganele kusenze sivuvukale­lwe ngamakhand­a ngoba usemkhulu umsebenzi osisalele.

Asikapheph­i ezembeni kufanele siqhubeke nokulwa ngale ndlela esenze ngayo kwiSundown­s,” kusho uMolekwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa