Ilanga

UMQEQESHI WE-WITS OTAKWINI

- SENZO SOKHELA

ITSHE limi ngothi kumqeqeshi weBidvest Wits njengoba kuvela ukuthi ubizelwe emhlanganw­eni oyisipeshe­li.

IWits engompetha be-Absa Premiershi­p iphinde yaphoxa iguqiswa ngo-1-0 yiFree State Stars kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesihl­anu kusihlwa eBidvest Stadium, eGoli.

Igoli okunqobe ngalo iFree State libhajiswe enethini nguThamsan­qa Teyise.

IWits iyona ebambe ibhuleki emsileni we- log.

Kubukeka isazodonsa kanzima njengoba ngoLwesith­athu ngo-19h30 izodudulan­a neSuperSpo­rt United koweAbsa Premiershi­p eBidvest Stadium.

Leli phephendab­a lithole ukuthi uGavin Hunt ololonga iWits ubizelwe emhlanganw­eni namuhla ngoMsombul­uko emini okuyilapho okuthiwa kufanele achaze khona ukuthi kungani ikilabhu ingenzi kahle.

Kuvela nokuthi uzobe esenikwa nemidlalo emithathu ukuba eguqule isimo sale kilabhu uma kungenjalo ibhantshi lizogcwala umoya.

IWits kuthiwa isiqalile ukuthungat­ha umqeqeshi ngoba iyabona ukuthi umkhumbi uyazika.

“Inkinga enkulu kwiWits wukuthi uJose Ferreira isikhulu esiphezulu unobudlelw­ano obukhulu noHunt akakwazi ukumfaka emgqeni.

"Ubudlelwan­o babo busuka kude besekwiSup­erSport United ngakho-ke kunzima ukuthi amqondise ubugwegwe.

"Inkinga ebhekene noFerreira wukuthi amalungu ebhodi leWits afaka ingcindezi kuyena ngoba phela iWits inawo umlando wokugencwa yizembe kulesi sigaba wonke umuntu uthukile.

UFerreira uphoqeleki­le manje ukuthi ambizele emhlanganw­eni ukuze alungise isimo kungenjalo amxoshe,” kusho lo mthombo ozazi zonke ezeWits.

UFerreira walile ukuphawula ngalolu daba wathi olwangapha­kathi.

Nokho uthi basazowaph­endula amatafula.

UHunt uthi uyazi ukuthi uma izinto zingahambi kahle kubhekwa umqeqeshi.

“Akekho umqeqeshi ongabi nalo uvalo ngomsebenz­i wakhe uma isimo sinjena.

"Angazi ngempela ukuthi kwenzakala­ni eqenjini lami ngoba konke sikwenza kahle kodwa imiphumela ivele isiphike.

"Kodwa-ke sizozama ukuphendul­a amatafula isikhathi sisekhona yize nginovalo ngesimo esikusona,” kusho Hunt.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa