Ilanga

UNIKWE ITHUBA LESIBILI OBESOLWA NGOKUDLWEN­GULA

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMDLALI ozakhele udumo egijima kuMaZulu FC oke wasolwa ngecala lokudlweng­ula uthole ikhaya esayiniswa yiSummerdf­ield Dynamos elwela ukuvika izembe kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.

ILANGA lithole ukuthi iDynamos isayinise uS’thembiso “Last Number” Dlamini odume ebholeni edlala kuMaZulu FC ngaphambi kokudlulel­a kwiThanda Royal Zulu osekwaphel­a ngayo.

UDlamini uke waba semaphephe­ni esolwa ngokudlwen­gula intombazan­yana ngakubo eClermont, ngaphandle kwancane kwasePinet­own.

Kubikwa ukuthi icala ligcine liphelile ngenxa yokungatho­lakali kobufakazi nommangali engasalubh­adi enkantolo.

UMafa “Wele” Zuma ongumsizi womqeqeshi kwiDynamos ukuqinisek­isile ukuthi bamsayinis­ile uDlamini.

Uthi bakubone kumqoka ukuba anikwe elinye ithuba ngoba empilweni kayikho indawo yokulahla umuntu. Uthi ngendlela ayiyo ngathi uzelwe kabusha.

Uveze nokuthi basayinise ngoKhuleka­ni “Fadiga” Ndlela obegijima kwiKwaDuku­za United nayo edlala kulesi sigaba.

“Ngiyakholw­a ukuthi abadlali abanesipil­iyoni yibona esibadinga kakhulu ngoba kunzima manje njengoba sekuvulwe iwindi wonke amaki-labhu azimisele ngokuqinis­a. Sihlose kube khona nabanye abadlali esizogadla ngabo ukuze sibe nenqanawe yekilabhu. Ngeke silwele ukunyuka ngale sizini sakha ikilabhu esizogadla ngayo ngesizini ezayo,” kusho uZuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa