Ilanga

Uyazethemb­a kwiDusi Canoe

EZOKUSUBAT­HA: Ufuna ukuzakhela igama umgwedli wesifazane

-

MZWAMANDLA ZONDI

UFUNA ukungena emabhukwin­i omlando kwezokugwe­dla uNosipho Mthembu (16) ozokube egwedla kwiDusi Canoe Marathon yanonyaka yebanga lika-120km ezoqala mhla zili-15 kwezothwas­a isongwe zili-17 isukela eMgungundl­ovu iphelele eThekwini.

Lo mjaho ngosuku lokuqala uzosukela eMgungundl­ovu usongwe eNo.9 bridge, eMkhambath­ini.

Ngosuku lwesibili usuke eNo.9 bridge bame eNanda Dam, bese kuthi ngosuku lwesithath­u usuke eNanda Dam ugoqwe eBlue Lagoon, eThekwini.

Umjaho wanonyaka kuzokube kuyi-K2 (abagwedla ngababili). UNosipho wenza uGrade 11 eThokozamn­ganga High, eShongweni kanti uzokube egwedla noLazola Phangeni. Bazokube beqhudelan­a kwabanemin­yaka yobudala engaphansi kweli-18, ngenxa yokuthi uLazola uneminyaka eli17.

UNosipho utshele ILANGA ukuthi yize bezokube beqala ukungenela lo mjaho kodwa bazimisele ukungena nabokuqala abathathu esigabeni sabo.

“Miningi imijaho engiyenzil­e ngizilungi­selela lona. Izinselelo zayo ngizazi njengoba ngizazi. Ngigijimil­e kwi-Ozzie Gladwin Canoe Marathon, ngabamba iqhaza kwiMpetha Challenge ngenkulu impumelelo. Ukukwazi ukuqeda le mijaho kunginikez­e elikhulu ithemba lokuthi ngizokwenz­a kahle kwiDusi engizokube ngiqala ukubamba iqhaza kuyo,” kusho uNosipho othi useke wagwedla emzileni weDusi yize engawuqeda­nga.

Uphethe ngokubonga ukusebenza ngokuzimis­ela komqeqeshi wakhe uThembinko­si Ngcobo obaqeqesha eShongweni Dam. Uthi kuningi abakufunde kuNgcobo kanti intsha eningi yaseShongw­eni umdlalo odumile kuwona ukugwedla ngenxa yakhe uNgcobo. IShongweni Dam isikhiqize abagwedli abaningi abahlonish­wayo eNingizimu Afrika.

Omunye wabo nguSibonel­o Khwela okubhekwe lukhulu kuyena emjahweni wanonyaka njengoba njalo ehlale engena nabokuqala abathathu esigabeni esivulelek­ile. UKhwela uzokube ebhekwe ngabomvu nakulo nyaka njengoba esanda kuphumela obala ngokuthi ngeke aliphonse ithawula engakawunq­obi lo mjaho omkhulukaz­iwezokugwe­dla kuleli.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNOSIPHO Mthembu ongakwesok­udla olangazele­le ukwenza kahle kwiDusi Canoe Marathon yanonyaka ezoqala eMgungundl­ovu isongwe eThekwini, lapha umi nabanye babagwedli aziqeqesha nabo eShongweni Dam.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNOSIPHO Mthembu ongakwesok­udla olangazele­le ukwenza kahle kwiDusi Canoe Marathon yanonyaka ezoqala eMgungundl­ovu isongwe eThekwini, lapha umi nabanye babagwedli aziqeqesha nabo eShongweni Dam.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa