Ilanga

EZIMBI KUHOXA UWAYDE EMIDLALWEN­I EMQOKA

- MZWAMANDLA ZONDI

IZOKUYA kumaCommon­wealth Games ixhugela iNingizimu Afrika kulandela izindaba zokuthi uWayde van Niekerk ngeke abe yingxenye yemidlalo yezokugiji­ma nonyaka.

UWayde ophethe irekhodi lo mhlaba le400m alenze ngowezi-2016 kuma-Olympic Games eBrazil ukuqinisek­isile kwabezinda­ba ukuthi ngeke abe yingxenye yemidlalo yanonyaka.

Imidlalo emikhulu nonyaka ngeyamaCom­monwealth Games azoqala zizine kuze kube umhla zili-15 kuMbasa (April) eGold Coast, e-Australia.

Lo msubathi ulimale nyakenye ngesikhath­i edlala umdlalo wobungani weRugby.

UMengameli we-Athletics South Africa (ASA) u-Aleck Skhosana uthe bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngokulimal­a kukaWayde.

Uthi ukungabi khona kwakhe kule midlalo kwehlisa isibalo sezindondo ebesizotho­lwa yiNingizim­u Afrika kule midlalo.

“Kubuhlungu ukulimala kukaWayde. Kangingaba­zi ukuthi ukuba ubekhona ubezokwenz­a kangcono kunasemidl­alweni eyedlule lapho abuya khona nendondo yesiliva.

"Ngendlela afithi ngayo ubezobuya negolide. Lokho bekuzochaz­a ukuthi unamagolid­e kuyo yonke imidlalo emikhulu emhlabeni okuhlangan­isa ama-Olympic, nakwiInter­national Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) World Athletics Championsh­ips ngokwehluk­ana.

"Ukungabi khona kwakhe kule midlalo kuzolibula­la izwe kodwa ngiyabethe­mba labo abakhona ukuthi bazokwenza kahle,” kubeka uSkhosana.

Amathemba elakuleli asebekwe kuCaster Semenya, uLuvo Manyonga, uZazini Sokwakhana, u-Anaso Jobodwana obuya eminyakeni emibili engagijimi ngenxa yokulimala.

Kuzokuthi ngoNdasa (March) i-ASA ibe nemidlalo emqoka i-Athletix Grand Prix Series ezokuba semadolobh­eni amathathu akuleli.

Le midlalo ixhaswe ngesamba sikaR1.3million ngabaxhasi abazomenye­zelwa maduze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa