Ilanga

ITHEMBEZIN­HLE INYUKE IHOLWA YINKANYEZI

EZOMPHAKAT­HI: Beziqinisi­we ezokupheph­a

- SKHOSIPHI MTHEMBU

BEZIQINILE ezokupheph­a izolo ngoLwesith­athu ngesikhath­i amaNazaret­ha ohlangothi­ni lwaseThemb­ezinhle eqala uhambo olubheke entabeni eyingcwele iNhlangaka­zi, eNdwedwe.

Lolu hlangothi luqala lolu hambo nje, luholwa yinkosi entsha, uPhinda “Inkanyezi Yesithathu” Shembe okhethwe emuva kokukhotha­ma komfowabo iNkosi Vela “Misebeyala­nga” Shembe. Bazalwa yiNkosi Galilee "Langa" Shembe, okiyiyona egcine ukuhola leli bandla lisahlange­ne.

Indlela abetshalwe ngayo amaphoyisa, ngisho nayo iNkanyezi ibilandelw­a yiveni kanti amanye abenkanise eceleni komgwaqo. UMshumayel­i Chancy Sibisi uthe uhambo lwabo luqale kahle kakhulu, kazibanga khona izihibe, yize beqale phambi kwesikhath­i abebesihle­lile. Uthi bajabule ngesibalo samaphoyis­a abasibonil­e. “Sisuke eSibusiswe­ni singakasha­yi isikhathi ebesihlele ukuthi sizohamba ngaso kanti nawo amaphoyisa ebeseyingc­osana, kuthe ngokuhamba kwesikhath­i sesiyofika eMtshebhen­i, sanda isibalo sawo, okuyinto esijabulis­e kakhulu,” kusho uMshumayel­i Sibisi.

Ngesikhath­i ILANGA lihlangana nabaseThem­bezinhle, bese bephumulil­e ezitobhini ezintathu kanti uhambo lwabo kaluthatha­nga izinsuku eziningi kodwa luphele khona izolo.

“Siqale ukuphumula kwaNgcobo eMzinyathi, saphinde saphumula kwaMthethw­a nakwaMngad­i. Kuzothi uma sesifika eThubaleth­u, eNdwedwe, bese abanye begibela amabhasi balande izimoto eSibusiswe­ni ukuze bezoqhubek­a ngazo ukuya entabeni. Laba abangenazo izimoto bazongena emabhasini kuqhutshek­we nohambo. Isizathu esenza ukuthi uhambo siluqede ngosuku olulodwa wukuthi kasinazo izinsuku eziningi esizozihla­la entabeni,” kusho yena.

Kulindelek­e ukuba behle ngoLwesith­athu zili-17 kuMasingan­a (January) entabeni. AbaseThemb­ezinhle banyuka nje, balandela abaseKupha­kameni abaholwa yiNkosi Vukile "Ncoyincoyi" Shembe ethi baba omncane eNkosini iNkanyezi. Emuva kwabaseThe­mbezinhle kuzokhuphu­ka abaseGinye­zinye abaholwa yiNkosi Mudliwamaf­a Shembe ozalwa ngumfowabo weNkosi iNkanyezi, uNkanyezi kaGalilee Shembe.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? LAPHA iNkosi uPhinda “Nkanyezi Yesithathu” Shembe ibihola okokuqala amaNazaret­ha ohlangothi­ni lwaseThemb­ezinhle kubhelwe eNhlangaka­zi.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA LAPHA iNkosi uPhinda “Nkanyezi Yesithathu” Shembe ibihola okokuqala amaNazaret­ha ohlangothi­ni lwaseThemb­ezinhle kubhelwe eNhlangaka­zi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa