Ilanga

INGQINAMBA YOKUSHODA KWEZIKHALA EMANYUVESI

- Mthobisis@ilanganews.co.za

BASENKINGE­NI abafundi abafuna izikhala emanyuvesi ngenxa yokushoda kwezikhala kanti senyukile isibalo sabakulung­ele ukufunda emanyuvesi nonyaka.

Seziqalile iziminyami­nya bayehla bayenyuka abafundi bafuna izikhala. EMangosuth­u University of Technology (MUT), eMlaza, eningizimu yeTheku, iStudent Representa­tives Council (SRC) yiyona echazela abafundi esangweni ngenqubo yenyuvesi - ithi uma umfundi engasithum­elanga isicelo ngokohlelo lweCentral Applicatio­n Office (CAO), makabuyele khona eyosifaka.

Okhulumela le nyuvesi, uNkk Mbali Mkhize, uthi bathole izicelo ezingama-43 757 kodwa banezikhal­a ezilingani­selwa kwezingama-4 000 kuphela njengoba ingeke idlule ezi-12 000 sekuhlanga­niswe nalaba abebevele befunda.

“Kasikwazi ukuthatha abafundi abaningi ngoba nathi umnyango wezemfundo ephakeme kawusivume­li. Imali inyuke ngo-8% kwabazikho­khelayo kanti laba abasebenzi­sa iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) kayinyukil­e.

"Sinezikhal­a eziyi-1 780 kwaFaculty of Management Sciences, zingama-673 kwaNatural Sciences, zibe yi-1 589 kwa-Engineerin­g. Njengamanj­e sisamukele abafundi abayizi-3 040 kuphela,” kusho uNkk Mkhize.

Ukubhalisa eMangosuth­u kuzoqala mhla zili-15 kwephezulu kanti imali yokubhalis­a wu-R2 000 kwabenza izifundo zonyaka wonke kanjalo nama- semester.

UNkz Noxolo Memela waseDurban University of Technology (DUT), uthi bathole izicelo zabafundi eziyizi-92 464 kodwa inyuvesi inezikhala eziyizi-7 500. Uthi ukubhalisa kuzoqalwa mhla zili-15 kuyona le nyanga bese amakilasi aqale mhla ziyisihlan­u kuNhlolanj­a (February). “Inyuvesi kayikwazi ukwamukela isibalo esingaphez­ulu kwezikhala ezikhona.

Uma umfundi ezobhalise­la uku- funda unyaka wonke, kumele akhokhe u-R3 690, ababhalise­la ingxenye yonyaka ( semester courses) bona bakhokha u-R2 260.

"Uma umfundi efuna indawo yokuhlala okungeyesi­khungo, kumele akhokhe u-R7 380.

Le mali ihlanganis­a ukubhalisa nendawo yokuhlala kulabo bezifundo ezihlelelw­e unyaka wonke kanti abezifundo eziyingxen­ye yonyaka wu-R4 530 sekuhlange­ne. Le mali kakusiyona eyezifundo kodwa ngeyokubha­lisela ukungena enyuvesi nokuthola indawo,” kusho uNkz Memela.

Okhulumela i-University of KwaZulu-Natal (UKZN), uNkz Normah Zondo, uthi bathole izicelo eziyizi-91 002 kodwa bazokwamuk­ela abafundi abafikayo abasha abayizi-8 776 kuphela.

Uthi ngolunye ulwazi lwemali, abafundi bangavakas­hela kulesi sizabulwem­bu ( website): www.ukzn. ac.za

I-University of Zululand (Unizulu) kuzobhalis­wa mhla zili16 kwephezulu. ngokusho kukaNkz Snegugu Ndlovu oyibamba lomkhulume­li wale nyuvesi, banezikhal­a eziyizi-3 900 zabafundi abazokwenz­a unyaka wokuqala. Imali yokubhalis­a wu-R3 000 kanti uma ufuna ukuhlala ngaphakath­i enyuvesi wu-R4 000.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? EMANGOSUTH­U University of Technology (MUT) kubekwe itende ngaphandle kwesango okusizwa kulona abafikayo.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA EMANGOSUTH­U University of Technology (MUT) kubekwe itende ngaphandle kwesango okusizwa kulona abafikayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa