Ilanga

BAZALI MASILEKELE­LE IZINGANE NGOMSEBENZ­I WAZO WESIKOLE

- INSIKA: MAKHOSI ZULU-ZONDO Makhosi Ndleleni (Bonakele) UMaZulu Zondo Insika yaMathiyan­e (isigodlo) Uthishahlo­ko waseMatata­ne Secondary School mthiyane sgs@yahoo.com Ungaxhuman­a nathi kwethi: 082 752 7342

SIHALALISE­LA bonke abafundi abaphumele­le kumatikule­tsheni eNingizimu Afrika yonkana, iKwaZulu-Natal siyethulel­a isigqoko ngokukheth­e-kile, sithi makwande nakowezi-2018, kube ngaphezulu! Sibonga othisha nabazali ngokubambi­sana naba-ntwana.

Abangaphum­elelanga, sithi kakulahlwa mbeleko ngakufelwa, lisekhona ithuba nakulo nyaka.

Njengoba kuqala unyaka wezi-2018, ngifisela bonke abafundi okuhle kodwa ezifundwen­i zabo, sengathi bangenza kangcono.

Ngifisa ukukhumbuz­a abazali ukuthi inkunzi isemathole­ni, kodwa amathole adinga oyise nonina ukuba baweseke futhi bawalekele­le ngezimiso nemigomo ezowenza akucijele ukuba yizinkunzi zakusasa.

Kunabazali abangazihl­anganisi nhlobo nemfundo yabantwana babo, bacashe ngokuthi bona kabafundil­e.

Kakusona isizathu ongagaba ngaso leso ungumzali ngoba kakukuning­i okudinga ukufunda ukuze ulekelele umntwana.

Ukuba seduze kwakhe kukodwa nje, kumnika ithemba umntwana lokuthi umzali wakhe uyakukhath­alela ukufunda kwakhe.

Kuningi ongakwenza ukukhombis­a ingane yakho ukuthi useduze nayo ngesikhath­i ifunda. Ungayisiza uyikhumbuz­e ngezinhlel­o zikamabona­kude nezomsakaz­o ezingayisi­za kuleso naleso sifundo sayo.

Ungayibuza nokuthi bekwenziwa­ni esikoleni ngalolo suku, uyicele futhi ukuba ikuxoxele lokhu obekufundw­a.

Kwesinye isikhathi ungayibuza ukuthi ifisa uyisize ngani bese niyaxoxa. Uma icela ukuyofunda nezinye izingane, yenza isiqinisek­o sokuthi uxhumana nabazali balezo zingane ethi iyofunda nazo ukuze nibaqaphe abantwana benu ngokusizan­a.

Uma bezofundel­a endaweni ethile, ningaxoxa ningabazal­i nibathenge­le okuya ngasethunj­ini bese nishintsha­na ngokubaham­bisa nokubaland­a lapho befundela khona.

Kumele nibagqugqu­zele nangokuban­ika indawo yokufundel­a elungele ukufunda emizini yenu, bashintsha­ne ngemizi abazofunde­la kuyona. Lokhu kusiza nina njengabaza­li ukuba nazane futhi nikhulume ngazwiliny­e kubantwana benu.

Kuyabakhut­haza abantwana ukubona abazali bekhombisa ukubakhath­alela, hhayi nje ukuqhamuka sebethi bafeyile kanjani kade befunda unyaka wonke - esho umzali engakaze enze lutho ukukhuthaz­a ingane yakhe.

Abanye abazali kabazi nokuthi ingane ibifunda liphi ibanga ngonyaka odlule nokuthi kulo nyaka idlulela kuliphi noma izophinda liphi. Kuyadumaza konke lokhu bazali ngoba kuyisilond­a esophela ngaphakath­i enganeni.

Kungenzeka ingakutshe­li ngoba ikuhloniph­a njengomzal­i kodwa ngaphakath­i isuke yopha. Ucwaningo lokuphumel­ela kwezingane kwezikwenz­ayo, luveza ukuthi lezo ezesekwayo emakubo ziphumelel­a kangcono kunezizibo­nelayo kuhle kwamachwan­e enyoka.

Kudala amahloni uma ingane ibuza ukuthi umzali akezile ngani emhlanganw­eni, ikutshele ukuthi umama noma ubaba uthe yena akayihambi imihlangan­o yento angahlange­ne nayo.

Umane uzibuze ukuthi lo mzali uthumela muphi umyalezo emqondweni nasemizwen­i yale ngane. Ukuba nengane kuwumseben­zi ongapheli, ingeyakho kusukela ifika emhlabeni nize nehlukanis­we wukufa.

Kakuhlatsh­wa khefu ekubeni ngumzali ngoba ngisho inganezink­inga, izinkinga zayo kuba ngezakho. Ukufika nje esikoleni uyobuza ngokuzipha­tha nangokuzim­isela kwengane yakho, kuyayisiza kuyibonise ukuthi unendaba nekusasa layo.

Izinto eziningi esengikhul­une ngazo kaziliding­i izinga lokufunda komzali kodwa zidinga umzali ozibopheze­le emfundweni yomntwana wakhe noyikhatha­lele kakhulu ingane yakhe.

Lokhu kakuyona into entsha, nasemandul­o kwakweziwa, abazali babexhuman­a namaqhikiz­a namagoso befuna ukwazi ukuthi kwenzekani ngezingane zabo lapho zazihlanga­na khona.

Masiyekeni ukucasha ngesithuph­a bakwethu, masilekele­le lapho singalekel­ela khona ukuze baziqhenye ngathi abantwana bethu ukuthi yize sasingenay­o imfundo esezingeni elithile kodwa bona sabenzela okukhulu.

Uma kunengane efundayo ekhaya, siyafunda sonke kulelo khaya ngezindlel­a eziningi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa