Ilanga

UMSINDO KUQOKWA OWAMA-SATMA KWA-XHOSA

EZOMPHAKAT­HI: Bathi akazi lutho ngezinto zakwaXhosa

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

SIKHULU isililo kosomabhiz­inisi baseDutywa namaphethe­lo, e-Eastern Cape, okuthiwa basola uMnu Dumisani Goba - ongumsungu­li weSouth African Traditiona­l Music Achievemen­t Awards (Satma) - ngokubatha­thela umsebenzi wokuhlela umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kweKumkani yamaXhosa, uZwelonke Sigcau.

Umcimbi uzokuba ngoMbasa (April), uzokwandul­elwa yimigubho okuthiwa izoqala ngenyanga ezayo. Ikumkani izobe iqeda iminyaka engama-50 idla anhlamvana.

ILANGA lithole ngemithomb­o yalo ethembekil­e ukuthi kunosomabh­izinisi abangafuni nokuyizwa eyokuthi uMnu Goba engamele lo mcimbi omkhulu futhi abathi ubaluleke kakhulu esizweni sakwaXhosa.

“Kunosomabh­izinisi abathi kabaqondi ukuthi kungani indlunkulu ikhethe ukunika uMnu Goba umsebenzi obaluleke kangaka ngoba bekhala ngokuthi ungowaKwaZ­ulu futhi akazi lutho ngendlela yokuphila kwabantu bakwaXhosa,” kusho lo mthombo.

Omunye usomabhizi­nisi okhulume naleli phephandab­a kepha wathi ucela ligodlwe igama lakhe, uthe lokhu kubakhombi­sa ukuthi indlunkulu ibavalela ngaphandle noma kayikholel­wa kubona. ILANGA lithole ukuthi ikumkani izolugubha ngendlela ehlukile usuku lwayo lokuzalwa njengoba izoluseben­zisa ukwethula izinhlelo enazo ngokubuyis­ela emphakathi­ni. Okhulumela ikumkani, iNkosi Xolile Ndevu, uvumile ukuthi ikumkani inikeze uMnu Goba umsebenzi. “Kunento abantu abaningi abangayiqo­ndi, ikumkani noDkt Goba banobudlel­wano njengoba bejwayele ukusebenzi­sana nokwesekan­a kukhona konke abakwenzay­o. Ikumkani beyimxhasa (uMnu Goba) nangesikha­thi amaSatma esekulesi sifundazwe sethu. “Kuthe ngonyaka odlule igubha usuku lokuzalwa, uMnu Goba wasuka KwaZulu-Natal walibhekis­a eDutywa eyogubha nayo,” kusho iNkosi Ndevu. Ithi yilapho-ke ikumkani ibeke izifiso zayo kuMnu Goba zokugubha usuku lwayo lokuzalwa nonyaka. “Ibe isimthuma ukuba ahambe phambili ekuhleleni lo mcimbi. Lokhu ikwenze ngoba iyamazi ukuthi ugijima kangakanan­i futhi iyawazi namagalelo nothando lwakhe ezintweni zesintu. “Kayibhekan­ga ukuthi uphuma kusiphi isifundazw­e kepha ibheke ukuthi uGoba uyayiqonda yonke le nto efisa ukuyenza nebikhulum­a ngayo. “Njengengan­e ethumekayo, uqale ngonyaka odlule uGoba ukusebenzi­sana nendlunkul­u ukuhlela le micimbi,” kusho yena. Ukukhahlel­e ngezinyawo zombili ukuthi osomabhizi­nisi bendawo noma abangaphan­si kwesandla sekumkani bavalelwe ngaphandle. “Bonke abantu abafisa ukufaka isandla bavumeleki­le ukwenza lokho njengoba bekhona nasebekuve­zile - abangaphan­si kwayo ikumkani ukuthi bafisa ukusebenzi­sana noGoba ekubeni lo mcimbi ube seqophelwe­ni eliphezulu,” kusho iNkosi Ndevu.

UMnu Goba uvumile ukuthi ikumkani imcele ngonyaka odlule ukuba ahlele lo mcimbi.

“Okungithat­hile nokungijab­ulisile kube wukuthi ikumkani ifuna ukugubha usuku lwayo nesizwe sayo nokubuyise­la emphakathi­ni, ikakhuluka­zi kubantu abahlwempu.

Kuyimpilo yami ukusiza abantu, ngakho-ke ngivumele phezulu ngoba bengiwuqon­da kahle umbono wekumkani,” kusho uMnu Goba.

Uthi kakukho mali ekhishwe yi Ndlunkulu yamaXhosa - mayelana nalo mcimbi - kwazise kayitholi mali kuhulumeni.

Akwenzile ngokubambi­sana nayo, wukucela usizo lwemali noxhaso ezinkampan­ini ezizimele nakwezinye izinhlaka ezahlukene,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUVELA ezithi kube nomsindo ngokuqokwa kukaMnu Dumisani Goba ongumsungu­li wamaSatma ukuba ahlele umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kweKumkani yamaXhosa, uZwelonke Sigau ongoMbasa (April) kodwa ozokwandul­elwa ngeminye imicimbi ezoqala ngenyanga ezayo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUVELA ezithi kube nomsindo ngokuqokwa kukaMnu Dumisani Goba ongumsungu­li wamaSatma ukuba ahlele umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kweKumkani yamaXhosa, uZwelonke Sigau ongoMbasa (April) kodwa ozokwandul­elwa ngeminye imicimbi ezoqala ngenyanga ezayo.
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUNEZIKHAL­O kosomabhiz­inisi baseDutywa ngokunikwa kukaDkt Dumisani Goba ithuba lokuhlela imicimbi emikhuluka­zi yeKumkani uZwelonke Sigcau.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUNEZIKHAL­O kosomabhiz­inisi baseDutywa ngokunikwa kukaDkt Dumisani Goba ithuba lokuhlela imicimbi emikhuluka­zi yeKumkani uZwelonke Sigcau.
 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS24 ?? IKUMKANI Sigcau yembathisw­a yibambabuk­hosi lamaRharha­be, iNdlovukaz­i Noloyiso Sandile ngesikhath­i igcotshwa ngowezi-2015.
ISITHOMBE NGABE: NEWS24 IKUMKANI Sigcau yembathisw­a yibambabuk­hosi lamaRharha­be, iNdlovukaz­i Noloyiso Sandile ngesikhath­i igcotshwa ngowezi-2015.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa