Ilanga

Kuboshwe indodana "nezinkabi" ngokufa kukayise

Imshayele ucingo

- ANDILE MOSHOESHOE

USHAQEKILE umndeni wakwaKhesw­a eSibizane, eCreighton, eningizimu yeKwaZuluN­atal kuboshwa indodana yawo eneminyaka engama-24 ubudala “nezinkabi” ezimbili ngezinsolo ezimayelan­a nokubulawa kukayise - isidumbu sakhe sitholwe sinembobo yokudutshu­lwa ekhanda.

Indodana kamufi, uMnu Mmeli Kheswa (65) - esingeke siyidalule ngenxa yokuthi kayikaveli enkantolo - iboshwe ngamaphoyi­sa aseXobho ngesikhath­i etheleka endaweni lapho kwenzeke khona isigameko.

Isidumbu sikaMnu Kheswa sitholakal­e emotweni yakhe eNhlamvini, eMkhomazi, lapho amaphoyisa ethole kumakhalek­hukhwini wakhe ukuthi ugcine ukushayelw­a yindodana yakhe.

Kuvela ukuthi ngoLwesine umufi uthole ucingo luvela endodaneni yakhe - okungaziwa ukuthi ibithini kuyena - waphuma kwakhe engumuntu obuyayo.

Kusolakala ukuthi ulalelwe unyendle ngesikhath­i ezitshela ukuthi uyohlangan­a nendodana yakhe mayelana nabakhulum­e ngakho ocingweni.

Kuthiwa yiyona futhi ekhombe izinkabi ezitholwe ngamaphoyi­sa eMgungundl­ovu, maphakathi neKwaZulu-Natal.

Umufi ubenoxhaxh­a lwamabhizi­nisi, enamakhosi­kazi amathathu.

Bese kusele iminyaka emithathu ukuthi athathe umhlalapha­nsi emnyangwen­i wezokuthut­ha abesebenza kuwona eXobho.

Abasondele­ne nomndeni, batshele ILANGA ukuthi indodana engumsolwa wokuqala kuleli cala, ibithandwa kakhulu nguyise njengoba ebeyitakul­a nasezikwel­etini ebibhekene nazo kwazise kuthiwa “iyiphara” ebelihamba lithatha imali yabantu libathembi­se amathenda.

Umthombo weLANGA uthi kuyasolaka­la ukuthi indodana ibi- bheke ifa njengoba uyise enamatekis­i namathaven­i futhi kuyiyona yodwa indodana yakhe.

“Kuyezwakal­a ukuthi ukuhlelile lokhu ngoba azi ukuthi uyise usezothath­a umhlalapha­nsi futhi kunemali ezophuma uma eseyekile emsebenzin­i,” kusho umthombo.

Uthi ubufakazi balokho wukuthi umsolwa akakhulumi into eyodwa emaphoyise­ni ngoba uthe ubesuka eThekwini eyonikeza uyise imali ewu-R 40 000 aphinde athi bekuwu-R 60 000. Okushiya imibuzo wukuthi kungani enqume ukuyomnike­za le mali esigangeni kunokuba bahlangane kubo.

Ikhansela lendawo, uMnu Nduduzo Kheswa - elisondele­ne kakhulu nalo mndeni njengoba umufi bekunguyis­e omncane - lithe: “Yena umfowethu (indodana kamufi) ubethandwa kakhulu ngubab’ omncane, emenzela yonke into ngoba nguyena yedwa umfana ezinganeni zakhe,” kusho uMnu Kheswa.

ULt Colonel Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kunabantu abathathu ababoshiwe mayelana nokubulawa kukaMnu Kheswa bazovela namhlanje ngoMsombul­uko eNkantolo yeMantshi yaseXobho.

Imbangela yokubulawa kukaMnu Kheswa uthe ibingakazi­wa kodwa amaphoyisa asaphenya.

“Kuyezwakal­a ukuthi ubekuhleli­le lokhu ngoba azi ukuthi uyise usezothath­a umhlalapha­nsi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Mmeli Kheswa okuboshwe indodana yakhe mayelana nokufa kwakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Mmeli Kheswa okuboshwe indodana yakhe mayelana nokufa kwakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa