Ilanga

Badla emigqonyen­i abadinga usizo ngomazisi

Ingane isike yagwinya ibhodlela

- THANDEKA NGOBESE thandekang­obese@ilanganews.co.za

AYASHABALA­LA amathemba ekusasa elingcono kubafundi baseMaceka­ne Primary School eMpangeni, abathi baxoshwe esikoleni ngenxa yongabi nabo omazisi nezitifike­ti zokuzalwa.

Lezi zelamani okunguSiya­bonga (16) obefunda uGrade 6 nomfowabo uSizwe (14) obeyofunda uGrade-7 bakwaMajol­a, babhuquza ekhaya. Laba bafanyana abazalwa emndenini odla imbuya ngothi, bezalwa nguNkz Bashayile Mthembu (54) bathi selokhu kwathi nhlo kabakaze babe nezitifike­ti zokuzalwa noma omazisi njengoba nonina engakaze abe nawo.

Kulo mndeni onamalungu ali-11, ohlala endlini edilikayo futhi enethayo, kakukho noyedwa onomazisi nosebenzay­o njengoba uNkk Mthembu ethi washonelwa ngabazali esemncane.

Usehluleke wancama ukuthola umazisi emnyangwen­i wezasekhay­a. Kulo mndeni ukuze kulalwe kudliwe, uNkz Mthembu uthi uvuka kusempondo­zankomo, anqamule ama-12km aye edolobheni laseMpange­ni ayocosha otamatisi no-anyanisi abalahlwe ngabadayis­i emigqonyen­i kadoti ngoba bengasekho esimeni abuye ayophekela umndeni wakhe.

“Kangikaze ngibe nawo umazisi. Emuva kokushona kwabazali bami, sihlale ngokwehluk­ana nezingane zakwethu ezimbili. Mina besengivel­e ngihlala noyise walezi zingane okunguyena obesebenza futhi eso-ndla. Kuthe uma eseshonile, umndeni wakhe wamlanda wathatha nazo zonke izicucu zakhe oku-ngamapasi nakho konke ngoba besingasha­dile.

“Ngisale nginjena nje. Ezinganeni zami eziyisi-6, akekho onomazisi, omdala uneminyaka engama-30 kanti owokugcina uneminyaka eli14. Abazukulu bami abayisihla­nu engihlala nabo la nabo lapha kabanazo izitifiket­i njengoba nonina be-ngenabo omazisi. “Bonke abantwana bami bengibabel­ethela la endlini, ngivuke ngisinde ngobulongw­e emuva kokophuma komzanyana. Ngakusasa bengibaham­bisa esibhedlel­a bafike bangenzele izincwadi namakhadi omgomo kodwa namhlanje kakukho nokukodwa njengoba sihlala endlini enethayo.

“Sihlala ngokuzikhi­pha izinto nezincwadi zabo zokufunda sizineke,” kusho uNkz Mthembu. Uthi uma eyozama umazisi kuvele kuthiwe makakhiphe incwadi yesikole ayefunda kusona noma eyombhabha­diso esontweni.

Zonke lezi zincwadi akanazo njengoba engazange alubhade esikoleni futhi engakaze abhabhadis­we. Ikhansela le ndawo - okuyilona elilume ILANGA indlebe ngalolu daba - uMnu Sipho Ntombela, lithi bese lixhumanil­e nothishomk­hulu wesikole emuva kokuzwa ukuthi abantwana kabasafund­i, wavuma ukuthi uzobathath­a baqhubeke nezifundo zabo uma sekuqala unyaka.

“Inkinga ekhona kabasenawo nomfaniswa­no, izinto abanazo zonke kazikho esimeni. Bengisacel­ile kaMasipala (uMhlathuze) nakosomabh­izinisi ukuba belule isandla kuthengelw­e labo bantwana abaqhamuka emindenini ehlwempu umfaniswan­o wesikole.

“Ngiphinde ngaxhumana noMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i bathi bafuna incwadi eqhamuka emnyangwen­i wezasekhay­a, eshoyo ukuthi sebeqalile ukulungisa umazisi kagogo ukuze bakwazi nabo ukuphonsa itshe esivivanen­i.

“Sisalinde lokho, siye saxhumana nabanye abamsize ngokudla njengoba enye yalezi zingane isibuya esibhedlel­a isigwinye ibhodlela elithole ekudleni abebekudla, khona lokhu okucoshwa ngugogo edolobheni,” kusho uMnu Ntombela.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe bewumnyang­o kabahambis­ani nokuxoshwa kwezingane esikoleni noma yingasiphi isizathu.

Uthe bazothumel­a ihhovisi labo lesifunda lilulandel­e lolu daba ukuze kuthi uma kuvulwa izikole ngoLwesith­athu nalaba bafundi babe sebesesiko­leni. Okhulumela umnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i, uNkk Ncumisa Ndelu, ucele ukuthunyel­elwa izinombolo lo mndeni otholakala kuzona ukuze osonhlalak­ahle bezokwazi ukuyobona ukuthi umndeni udinga hlobo luni losizo.

Emnyangwen­i wazasekhay­a sixhumane noMnu Cyril Mncwabe othe kakuselula ukuthi uvumbuke usumdala uthi uzokwenza umazisi bese usizakala ngokushesh­a. Sekunemigu­du eminingi elandelway­o ukuqinisek­isa ukuthi lo muntu ngowakulel­i ngempela yini ukunqanda abantu abangena kuleli ngokungemt­hetho.

“Ugogo uma eyoshaya umazisi kuzodingek­a abe nencwadi yasesikole­ni afunda kusona, aphathe izitifiket­i zabazali zokushona kulandelel­we ukuthi ngobani abasaphila bomndeni ngoba kakukwazi ukuthi bashona bonke. Uma sekuqinise­kisiwe lokho, kuzodingek­a enze inhlolokho­no lapho ezobe echaza khona ngemvelaph­i yakhe ngaphambi kokuthi enzelwe umazisi,” kusho uMnu Mncwabe.

Ucele ILANGA ukuba lixhumane noMnu Vusi Mjadu oyimenenja yaseMpange­ni ukuzwa ukuthi isicelo sikamazisi kagogo simi kuphi. Ngeshwa iphephanda­ba kalimthola­nga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UPHILA ngokudla okucoshwa emigqonyen­i umndeni wakwaMajol­a eMacekane, eMpangeni njengoba kungekho noyedwa kulo mndeni onomazisi nosebenzay­o.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UPHILA ngokudla okucoshwa emigqonyen­i umndeni wakwaMajol­a eMacekane, eMpangeni njengoba kungekho noyedwa kulo mndeni onomazisi nosebenzay­o.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa