Badla emigqonyeni abadinga usizo ngomazisi
Ingane isike yagwinya ibhodlela
AYASHABALALA amathemba ekusasa elingcono kubafundi baseMacekane Primary School eMpangeni, abathi baxoshwe esikoleni ngenxa yongabi nabo omazisi nezitifiketi zokuzalwa.
Lezi zelamani okunguSiyabonga (16) obefunda uGrade 6 nomfowabo uSizwe (14) obeyofunda uGrade-7 bakwaMajola, babhuquza ekhaya. Laba bafanyana abazalwa emndenini odla imbuya ngothi, bezalwa nguNkz Bashayile Mthembu (54) bathi selokhu kwathi nhlo kabakaze babe nezitifiketi zokuzalwa noma omazisi njengoba nonina engakaze abe nawo.
Kulo mndeni onamalungu ali-11, ohlala endlini edilikayo futhi enethayo, kakukho noyedwa onomazisi nosebenzayo njengoba uNkk Mthembu ethi washonelwa ngabazali esemncane.
Usehluleke wancama ukuthola umazisi emnyangweni wezasekhaya. Kulo mndeni ukuze kulalwe kudliwe, uNkz Mthembu uthi uvuka kusempondozankomo, anqamule ama-12km aye edolobheni laseMpangeni ayocosha otamatisi no-anyanisi abalahlwe ngabadayisi emigqonyeni kadoti ngoba bengasekho esimeni abuye ayophekela umndeni wakhe.
“Kangikaze ngibe nawo umazisi. Emuva kokushona kwabazali bami, sihlale ngokwehlukana nezingane zakwethu ezimbili. Mina besengivele ngihlala noyise walezi zingane okunguyena obesebenza futhi eso-ndla. Kuthe uma eseshonile, umndeni wakhe wamlanda wathatha nazo zonke izicucu zakhe oku-ngamapasi nakho konke ngoba besingashadile.
“Ngisale nginjena nje. Ezinganeni zami eziyisi-6, akekho onomazisi, omdala uneminyaka engama-30 kanti owokugcina uneminyaka eli14. Abazukulu bami abayisihlanu engihlala nabo la nabo lapha kabanazo izitifiketi njengoba nonina be-ngenabo omazisi. “Bonke abantwana bami bengibabelethela la endlini, ngivuke ngisinde ngobulongwe emuva kokophuma komzanyana. Ngakusasa bengibahambisa esibhedlela bafike bangenzele izincwadi namakhadi omgomo kodwa namhlanje kakukho nokukodwa njengoba sihlala endlini enethayo.
“Sihlala ngokuzikhipha izinto nezincwadi zabo zokufunda sizineke,” kusho uNkz Mthembu. Uthi uma eyozama umazisi kuvele kuthiwe makakhiphe incwadi yesikole ayefunda kusona noma eyombhabhadiso esontweni.
Zonke lezi zincwadi akanazo njengoba engazange alubhade esikoleni futhi engakaze abhabhadiswe. Ikhansela le ndawo - okuyilona elilume ILANGA indlebe ngalolu daba - uMnu Sipho Ntombela, lithi bese lixhumanile nothishomkhulu wesikole emuva kokuzwa ukuthi abantwana kabasafundi, wavuma ukuthi uzobathatha baqhubeke nezifundo zabo uma sekuqala unyaka.
“Inkinga ekhona kabasenawo nomfaniswano, izinto abanazo zonke kazikho esimeni. Bengisacelile kaMasipala (uMhlathuze) nakosomabhizinisi ukuba belule isandla kuthengelwe labo bantwana abaqhamuka emindenini ehlwempu umfaniswano wesikole.
“Ngiphinde ngaxhumana noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi bathi bafuna incwadi eqhamuka emnyangweni wezasekhaya, eshoyo ukuthi sebeqalile ukulungisa umazisi kagogo ukuze bakwazi nabo ukuphonsa itshe esivivaneni.
“Sisalinde lokho, siye saxhumana nabanye abamsize ngokudla njengoba enye yalezi zingane isibuya esibhedlela isigwinye ibhodlela elithole ekudleni abebekudla, khona lokhu okucoshwa ngugogo edolobheni,” kusho uMnu Ntombela.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe bewumnyango kabahambisani nokuxoshwa kwezingane esikoleni noma yingasiphi isizathu.
Uthe bazothumela ihhovisi labo lesifunda lilulandele lolu daba ukuze kuthi uma kuvulwa izikole ngoLwesithathu nalaba bafundi babe sebesesikoleni. Okhulumela umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi, uNkk Ncumisa Ndelu, ucele ukuthunyelelwa izinombolo lo mndeni otholakala kuzona ukuze osonhlalakahle bezokwazi ukuyobona ukuthi umndeni udinga hlobo luni losizo.
Emnyangweni wazasekhaya sixhumane noMnu Cyril Mncwabe othe kakuselula ukuthi uvumbuke usumdala uthi uzokwenza umazisi bese usizakala ngokushesha. Sekunemigudu eminingi elandelwayo ukuqinisekisa ukuthi lo muntu ngowakuleli ngempela yini ukunqanda abantu abangena kuleli ngokungemthetho.
“Ugogo uma eyoshaya umazisi kuzodingeka abe nencwadi yasesikoleni afunda kusona, aphathe izitifiketi zabazali zokushona kulandelelwe ukuthi ngobani abasaphila bomndeni ngoba kakukwazi ukuthi bashona bonke. Uma sekuqinisekisiwe lokho, kuzodingeka enze inhlolokhono lapho ezobe echaza khona ngemvelaphi yakhe ngaphambi kokuthi enzelwe umazisi,” kusho uMnu Mncwabe.
Ucele ILANGA ukuba lixhumane noMnu Vusi Mjadu oyimenenja yaseMpangeni ukuzwa ukuthi isicelo sikamazisi kagogo simi kuphi. Ngeshwa iphephandaba kalimtholanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.