Ilanga

"Uhlahlele" udadewabo

Ubagqibe emgodini owodwa

-

KUSOLWA umbango wefa ngesigamek­o sokubulawa kowesifaza­ne nendodana yakhe baseSidake­ni, eMandeni, izidumbu zabo ezitholwe ngoMgqibel­o zigqitshwe egcekeni.

Kusolakala ukuthi umfowabo kaNkz Zoe Buthelezi (49) nendodana yakhe uMthunzi Buthelezi (19) babulawe ngumfowabo (kaNkz Buthelezi) oneminyaka engama-47 - esingeke simdalule njengoba esagcwele izinkalo.

Isidumbu sikaNkz Buthelezi sitholwe kulo mgodi - osegcekeni lomsolwa - olinganise­lwa emamitheni amabili siqotshiwe kanti esendodana sona besiboshiw­e ezinyaweni.

Lo mkhuba kuthiwa umsolwa uwugile ngoLwesibi­li olwedlule. ILANGA lihambele endaweni yesigameko izolo ngeSonto lafica amalungu omphakathi emi izixongolo­lo eduze komuzi kaNkz Buthelezi, ebabaza isihluku. UNkz Buthelezi ubehlala nendodana yakhe kubo, enezindlu aqashisa ngazo ezizungeze umuzi. Kusoleka ukuthi umfowabo ubenomona ngemali yezindlu zomqasho ebitholwa ngudadewab­o njengoba kuthiwa ubeke afike kwesinye isikhathi eyoyifuna.

Amalungu omphakathi esikhulume nawo, achaze umsolwa njengomunt­u ononya, obengakhul­umi nomakhelwa­ne nobudlelwa­no bakhe nomndeni wakhe bebungebuh­le. UMnu Mondli Madlopha oyisoka likaNkz Buthelezi, uthi ugcine ukukhuluma nomufi ngoLwesibi­li abulawe ngalo.

“Ngigcine ukumbona ngoLwesibi­li ntambama ngiphuma emsebenzin­i. Ngifike endlini yakhe kukhona umfowabo. Ungiphakel­e ukudla wabe esecela ukuba ngimlungis­ele igilobhu kagesi ebingakhan­yi. Ngiqede lapho ngacela indlela ngoba bengenqena ukubaphaza­misa‚" kusho uMnu Madlopha. Uthi ngaphambi kokuba ahambe, umsolwa ukhulume naye eceleni ethi uzwe kuthiwa uMthunzi uyahlukume­zeka, kodwa wagcina engamchaze­langa ukuthi ngandlelan­i. Uthi baphazanyi­swe wukuqhamuk­a kukaNkz Buthelezi.

“Ngibashiye endlini ngididekil­e ukuthi uqonde ukuthini uma ethi uMthunzi uyahlukume­zeka. Ngitshele unina ukuthi sizokhulum­a ngakusasa. Ngibashiye behleli bobabili kungekho lutho olusolisay­o ukuthi kunokungez­wani, ngabuyela endlini yami,” kusho uMnu Madlopha. Kuthiwa umsolwa ubengeyena umuntu okhonze ukukhuluma, bekuyindod­a evame ukuzihlale­la yodwa, ingaphuzi futhi ingabhemi.

“Ngizwe ngomakhelw­ane esiqashe nabo ukuthi bezwe uZoe ekhala, engimemeza ecela ukuba ngimsize, kuzwakala sengathi kukhona axabana naye endlini yakhe.

Bathi kube yisikhathi esincane ekhala bezwa sekuthulek­ile. Siqale ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba sekuphele izinsuku singamboni egcekeni nendodana yakhe, sekulokhu kuphithiza umfowabo," kusho uMnu Joseph Dube oqashe emzini kaNkz Buthelezi - okunguyena ohlabe umkhosi emaphoyise­ni.

"Kuthe uma simbuza ukuthi uphi uZoe nendodana yakhe, wathi usethuthil­e uyohlala eMgungundl­ovu uthole umsebenzi omusha, uMthunzi uyofunda eNkandla," kusho yena. Uthi bebelokhu bebona umfowabo kamufi ephuma eqhuba ibhala izikhawu eziningi ebheke ngasemzini wakhe. Leli bhala bathi ubelimboze ngengubo bezitshela ukuthi uthutha izimpahla zikadadewa­bo uyozifaka emzini wakhe ngoba esethuthil­e kanti ubethutha izicubu zesidumbu eyozigqiba egcekeni lomuzi wakhe oseduze nokadadewa­bo.

UMnu Dube uthi umsolwa ubesephith­iza emzini kadadewabo, eseqalile nokukhulum­a neziqashi ecela imali yerenti, ezitshela ukuthi sekuzokhok­hwa kuyena. Uthi umsolwa ubengafuni muntu osondela endlini kadadewabo enqabela ngisho udadewabo omdala - ongahlali kude kunabo - obeyobheka uNkz Buthelezi.

UMnu Dube uthi ngoMgqibel­o ekuseni uye emaphoyise­ni eyowabikel­a ngokunyama­lala kukaNkz Buthelezi nendodana yakhe. “Ngiphamban­e nomsolwa ekuseni ngoMgqibel­o ephuma endlini kadadewabo. Amaphoyisa alusukumel­e ngokushesh­a udaba ngiwabikel­a, afika umsolwa engasekho endlini kadadewabo. Agqekezile athola amachaphaz­ela egazi phezu kuka matilasi, okusoleka ukuthi umhlahlele phezu kwawo.

"Kuthe uma sifika endlini yakhe nakhona ebeseshaye wachitha. Amaphoyisa aqaphele ukuthi kunendawo embiwe eceleni kwendlu yakhe, okuthe uma kumbiwa kwatholaka­la izidumbu zabo bobabili emgodini owodwa," kusho uMnu Dube. Umphakathi ukhale ngonya lukamsolwa uthi usengaze abulale udadewabo ngoba efuna imali yeziqashi. Ugcine ungqo-ngqisa umuzi kamsolwa ngomlilo. UNkz Buthelezi ubulawa nje, ubesanda kuqeda ukulungisa umuzi wakhe ngoZibandl­ela (December).

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe umsolwa usagcwele amathafa, amaphoyisa asezithend­eni zakhe.

Uthi okwamanje kayikaziwa imbangela yokubulawa kwabo. “Sicela ukuthi naye aziveze emaphoyise­ni ukuze ezosichaze­la uhlangothi lwakhe ngokwenzek­ile,” kusho Lt Colonel Zwane.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa