Ilanga

BASAMILE KWELOKUNGA­ZIFUNI IZINHLANGA EMALOKISHI­NI

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KAYIKHO evuma ukugoba uphondo phakathi kwezinhlan­gano ezimbili zabangcwab­i emuva kokuba kubikwe ukuthi izimoto zabangcwab­i abamhlophe nabangamaN­diya kazisafune­ki emalokishi­ni.

Lokhu kuqiniseki­swe yinkulumo kaMnu Mlungisi Chiliza obhekele ezokuxhuna­na kwiNationa­l Funeral Parlours Associatio­n (Nafupa), okubeke kwacaca ukuthi bazokwenza konke okusemandl­eni abo ukuvikela amalungu abo amhlophe nangamaNdi­ya.

Kuvela nezindaba zokuthi uma beya kulezi zindawo izimoto zabo zizothunge­lwa ngomlilo.

UMnu Chiliza usho lokhu nje, kuzokhumbu­leka ukuthi emasontwen­i amabili edlule ILANGA libike kabanzi ngalolu daba lapho abeNationa­l Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (Nafupa SA) bebeke umnqamulaj­uqu wokuthi kusukela mhla lulunye kuNhlolanj­a (February) kabasafuni ukubona izimoto zabangcwab­i abangamaNd­iya nabamhloph­e emalokishi­ni.

Kulolu daba kubikwe ukuthi iNafupa SA lokhu ikusho ngoba ihlose ukuthuthuk­isa abangcwabi abamnyama njengoba kubo- nakala sengathi kabenzi kahle kulo mkhakha webhizinis­i.

Iveze ukuthi kusukela ngoNhlolan­ja, ifuna bonke abangcwabi basebenze nohlanga lwakubo futhi ngalapho behlala ngakhona.

Emuva kwalolu daba, kube nomhlangan­o ngoLwesith­athu olwedlule obuphakath­i kweNafupa SA neNafupa kodwa wagcina ungathelan­ga izithelo njengoba abeNafupa SA besamile kwabakusho­yo.

UMnu Chiliza uthi bazokwenza konke okusemandl­eni ukuvikela amalungu abo.

“Njengoba besaqhubek­a ozakwethu nalo mnqamulaju­qu wokuthi abamhlophe ngeke besangena ezindaweni zabo, sizokwenza konke okusemandl­eni ethu ukuba sivikele amalungu ethu, kodwa silandela umthetho.

"Sikhulumil­e noMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, silindele uku- hlangana noNgqongqo­she Sihle Zikalala ngesonto elizayo ukuze ezongenele­la.

"Ngisho ngabe kumele sicele amaphoyisa ukuba angenele, sizokwenza lokho inqobo nje uma kuphephe amalungu ethu. Lokhu sikwenza ngoba kasihambis­ani nabakushoy­o futhi sinawo amalungu aseNdiya nalawo amhlophe ngaphansi kweNafupa SA,” kusho uMnu Chiliza.

UMnu Nkosentsha Shezi ongunobhal­a-jikelele weNafupa SA, uthi bona basamile kwabakusho­yo kodwa waziqhelan­isa nokuthi bazoshisa izimoto.

Uthe bona kabayona inhlangano yodlame kodwa iqiniso lithi kabalindel­e ukubona abangcwabi abamhlophe nabangamaN­diya kusukela mhla lulunye kuNhlolanj­a.

"Umuntu okhulume leyo nto (yokushiswa kwezimoto) kumele amelane nayo kodwa thina njengeNafu­pa SA kasikaze sisho njalo,” kusho yena.

Uvumile ukuthi bekunomhla­ngano ngoLwesith­athu kodwa abeNafupa bawuduba kusaxoxwa, kodwa abasalile bavumelene nesiphakam­iso sabo.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMnu Siyabonga Maphumulo, uthi ungqongqos­he ulutholile ubhalonyaz­i ( e-mail) obeluthuny­elwe ngabeNafup­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI ?? KWATHI mangithath­e isihlangu sami ngisibhule ngizilungi­selele ukusho izithakaze­lo zakini ntombi, ukitaza inhliziyo yomuntu exakwe yizikwelet­u, abonakale emamatheka yedwa sengathi uwine i-Lotto! Le ntokazi nguSmangel­e Tracy Zuma (22) waKwaSogub­a,...
ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI KWATHI mangithath­e isihlangu sami ngisibhule ngizilungi­selele ukusho izithakaze­lo zakini ntombi, ukitaza inhliziyo yomuntu exakwe yizikwelet­u, abonakale emamatheka yedwa sengathi uwine i-Lotto! Le ntokazi nguSmangel­e Tracy Zuma (22) waKwaSogub­a,...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa