Ilanga

Othisha "bagwevile" nezitatime­nde

Bathi makubuyisw­e izincwadi kuqala

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BABANJELWE izitatimen­de zikamatiku­letsheni abanye abafundi baseBathem­bu High School, KwaNgubo, eNkandla ngoba kuthiwa balahle izincwadi zesikole nyakenye.

Ngokuthola kweLANGA, laba bafundi basaduve emakhaya, kuthiwa mabakhokhe imali ngaphambi kokuba bathole imiphumela yabo. UNkz Gcwalisile Mchunu ongumzali, uthi kumele ngabe ingane yakhe iyolungisa izifundo zayo kwezinye izikhungo kodwa kakwenzeki lokho ngoba esikoleni bashaya phansi ngonyawo.

“Othisha kabavumang­a, bathe uthishanhl­oko ubayalele ukuba bangazided­eli izitatimen­de. Ufoneliwe impela phambi kwethu uthishanhl­oko wenqaba, sabuya silambatha,” kusho uNkz Mchunu. UNkz Lamulephi Mvelase, uthi ingane yakhe iphasile kodwa kayi- kaze isifune nesikole ngoba selokhu iphumile imiphumela, eyezingane zabo kayikaze ifike kuzona. "Kanginayo imali yokukhokha leyo ncwadi. Ngizobuyel­a namhlanje (ngoMsombul­uko) esikoleni ngiyoxoxa nabo ngibatshel­e ukuthi kakukho engingakwe­nza,” kusho uNkz Mvelase.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, izincwadi ezilahlwe ngabafundi ngezeBusin­ess Studies. Kubikwa ukuthi baningi ababanjelw­e izitatimen­de. ILANGA lixhumane nelungu lesigungu esilawula isikole, uMnu Mbongeni Gumede, elithi abazali balibikeli­le ngalolu daba laxhumana nothishanh­loko ngalo.

UMnu Gumede uthi okudala izinkinga ezinkulu eBathembu High, wukuthi kayibizwa imihlangan­o yabazali. “Kwenzeka kanjena nje, yingoba abazali kabakaze batshelwe ukuthi uma ingane ilahle incwadi kumele ikhokhwe. Kukaningi ngicela imihlangan­o kungenzeki,” kusho uMnu Gumede. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe iphutha elenziwa ngabazali ngelokuba bathumele izingane esikoleni kanti kumele kuye bona.

“Abazali mabaye esikoleni beyohlela nesikole ukuthi zizobuyisw­a kanjani lezi zincwadi ngoba iqiniso lithi siyaziding­a. Kasikwazi ukuqala phansi sithenge ezinye izincwadi, ngabe sengeza kwezikhona.

"Uma abantwana begodle izincwadi bathi laba abeza ngemuva mabafunde ngani? Ngeke balahle izincwadi bese begijima beya emaphephan­dabeni,” kusho uMnu Mahlambi.

Inkulumo kaMnu Mahlambi isala kancane kweyenhlok­o yomnyango, uDkt Enoch Nzama, osanda kutshela ILANGA ukuthi kuyicala ukubanjwa kwemiphume­la yomfundi, kumele anikezwe bese umzali exoxa nesikole ukuthi uzokhokha kanjani.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UGEORGE Mkhabela (17), okwesokudl­a, uqwaqwade emakhanda ozakwabo kumatikule­tsheni ngaphansi kukaMasipa­la wesiFunda uMkhanyaku­de. Uthathwe nothishanh­loko waseKusasa­lethu High School, uMnu Dumisani Biyela ngemuva kokunikwa wuMasipala waseMtubat­uba imali...
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UGEORGE Mkhabela (17), okwesokudl­a, uqwaqwade emakhanda ozakwabo kumatikule­tsheni ngaphansi kukaMasipa­la wesiFunda uMkhanyaku­de. Uthathwe nothishanh­loko waseKusasa­lethu High School, uMnu Dumisani Biyela ngemuva kokunikwa wuMasipala waseMtubat­uba imali...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa