Othisha "bagwevile" nezitatimende
Bathi makubuyiswe izincwadi kuqala
BABANJELWE izitatimende zikamatikuletsheni abanye abafundi baseBathembu High School, KwaNgubo, eNkandla ngoba kuthiwa balahle izincwadi zesikole nyakenye.
Ngokuthola kweLANGA, laba bafundi basaduve emakhaya, kuthiwa mabakhokhe imali ngaphambi kokuba bathole imiphumela yabo. UNkz Gcwalisile Mchunu ongumzali, uthi kumele ngabe ingane yakhe iyolungisa izifundo zayo kwezinye izikhungo kodwa kakwenzeki lokho ngoba esikoleni bashaya phansi ngonyawo.
“Othisha kabavumanga, bathe uthishanhloko ubayalele ukuba bangazidedeli izitatimende. Ufoneliwe impela phambi kwethu uthishanhloko wenqaba, sabuya silambatha,” kusho uNkz Mchunu. UNkz Lamulephi Mvelase, uthi ingane yakhe iphasile kodwa kayi- kaze isifune nesikole ngoba selokhu iphumile imiphumela, eyezingane zabo kayikaze ifike kuzona. "Kanginayo imali yokukhokha leyo ncwadi. Ngizobuyela namhlanje (ngoMsombuluko) esikoleni ngiyoxoxa nabo ngibatshele ukuthi kakukho engingakwenza,” kusho uNkz Mvelase.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, izincwadi ezilahlwe ngabafundi ngezeBusiness Studies. Kubikwa ukuthi baningi ababanjelwe izitatimende. ILANGA lixhumane nelungu lesigungu esilawula isikole, uMnu Mbongeni Gumede, elithi abazali balibikelile ngalolu daba laxhumana nothishanhloko ngalo.
UMnu Gumede uthi okudala izinkinga ezinkulu eBathembu High, wukuthi kayibizwa imihlangano yabazali. “Kwenzeka kanjena nje, yingoba abazali kabakaze batshelwe ukuthi uma ingane ilahle incwadi kumele ikhokhwe. Kukaningi ngicela imihlangano kungenzeki,” kusho uMnu Gumede. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe iphutha elenziwa ngabazali ngelokuba bathumele izingane esikoleni kanti kumele kuye bona.
“Abazali mabaye esikoleni beyohlela nesikole ukuthi zizobuyiswa kanjani lezi zincwadi ngoba iqiniso lithi siyazidinga. Kasikwazi ukuqala phansi sithenge ezinye izincwadi, ngabe sengeza kwezikhona.
"Uma abantwana begodle izincwadi bathi laba abeza ngemuva mabafunde ngani? Ngeke balahle izincwadi bese begijima beya emaphephandabeni,” kusho uMnu Mahlambi.
Inkulumo kaMnu Mahlambi isala kancane kweyenhloko yomnyango, uDkt Enoch Nzama, osanda kutshela ILANGA ukuthi kuyicala ukubanjwa kwemiphumela yomfundi, kumele anikezwe bese umzali exoxa nesikole ukuthi uzokhokha kanjani.