Ilanga

UMFUNDI UHLONISHWE WUMASIPALA WAKHE NGESHEKE LIKA-R50 000

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UPHOQELEKE ukuyokwenz­a umkhakha weMechanic­al Engineerin­g e-University of Cape Town ngoba ezwe kuthiwa lona afuna ukuwenza wePetroleu­m Engineerin­g, kawukho eNingizimu Afrika umfundi ogile izimanga ethola o-A ezifundwen­i eziyisi-7 abezenza eKusasalet­hu High School, eMtubatuba.

Ngaphandle nje kokuthola o-A abayisi-7, uGeorge Mkhabela (17), uthole u-100% kwiMaths wathola u-95% kwiPhysics. Yize ethole le miphumela, uthi akeneme ngayo - ikakhuluka­zi eyePhysics - kwazise uyazi ukuthi ubengenza kangcono kunalokhu.

Lo mfundi uphase zonke izifundo zakhe eziyisikho­mbisa ngo-A. Leli bhungu lensizwa liqale isikole lineminyak­a eyisihlanu kanti lithi lizokwenza izifundo zeMechanic­al Engineerin­g eNyuvesi yaseKapa, kodwa nakhona kalikabi naso isiqinisek­o njengoba lisalinde ukuba babuyele kulona.

NgoLwesith­athu olwedlule le nsizwa ihlonishwe wuMasipala waseMtubat­uba ngesheke lika-R50 000. Imeya yalo masipala, uMnu Velenkosin­i Gumede, ithe bayaziqhen­ya kakhulu ngoGeorge ngoba ubeke uMtubatuba ezingeni eliphezulu.

"Kungethusi­le ukuthi athi ephumelele kahle kangaka athi akeneme ngemiphume­la yakhe. Lokhu akwenzile kwanele, kumele akujabulel­e ngoba uphase kahle ngendlela eyisimanga. Siyethemba ukuthi nenye intsha izofunda lukhulu kuyena.

"Njengomasi­pala, sizimisele ngokumleke­lela uma kuwukuthi kunezingqi­namba abhekana nazo enyuvesi kodwa ngendlela ephumelele kahle ngayo siyazi ukuthi uzothi efika nje athole umfundaze,” kusho uMnu Gumede.

Uthishanhl­oko waseKusasa­lethu, uMnu Dumisani Biyela, uzwakalise ukuziqheny­a ngomfundi wakhe, wathi kakubethus­anga ukuphumele­la kwakhe ngalolu hlobo.

“Ngamtshela kuqala unyaka ukuthi ngifuna ukuba ayoxhawula ungqongqos­he wezemfundo uma sekuphuma imiphumela.

"Ngempela ukwenzile lokho kanti kusukela kuqala unyaka, ubeyingane ezimisele ngendlela eyisimanga,” kusho yena.

Uthi uGeorge ubebamba iqhaza elikhulu ekufundise­ni abanye abafundi ekilasini.

NgokweHire Education.co.za, umkhakha wePetroleu­m Engineerin­g ukhona eRhodes University, eStellenbo­sch University, e-University of Cape Town, e-University of South Africa, e-University of KwaZulu-Natal naseWits University.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa