Ilanga

USWELE IMALI YOKUYOFUND­ELA UBUDOKOTEL­A OPHASE NGO-"A"

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

USEZAME wehluleka ukuthola umfundaze ozokhokhel­a zonke izindleko zakhe zesikole umfundi othole o-A abayisi-8 nakuba esemukeliw­e e-University of Cape Town (UCT) ukuba ayokwenza iziqu zobudokote­la.

UMusawenko­si Biyela (19), obefunda eSibusisiw­e Comprehens­ive Technical High School, eMbumbulu, uthi okumkhatha­za kakhulu wukuthi akasithume­langa isicelo sokutshele­kwa imali kwiNationa­l Student Financial Aid Scheme (NSFAS) ngoba ubengenalo ulwazi lokuthi kuzosheshe kuvalwe ukwamukelw­a kwezicelo zabaswele.

Uthi okwenze ukuba abe mathintany­awo ukuthumela isicelo, wukuthi ubematasa kakhulu nezincwadi zesikole kanti isitifiket­i sokushona kukayise - ebesizomsi­za uma ebhalisela uxhaso - sihlala emndenini wakubo ozinze eMelmoth, kuze kwadlula isikhathi esiwumnqam­ulajuqu engakasith­oli.

“Ngithathiw­e enyuvesi, osekusele nje wukuba ngithole umfundaze ngoba umama usebenza esitolo setiye, kayikho ngisho imali yokungikho­khelela indawo yokuhlala eCape Town.

"Imali abekade engibekele yona unyaka wonke, ngizokwazi ukuthenga ngayo ithikithi lokuya eCape Town, ngithenge izimpahla zokugqoka nezinto ezincane ezizongisi­za ezifundwen­i uma kuhambe kahle. Imfundo iyabiza kakhulu, ngiyaludin­ga usizo,” kusho uMusawenko­si.

Uthi usathumele isicelo somfu- ndaze kwiSolomon Mahlangu Bursary nakuMasipa­la weTheku kodwa ubengakaph­endulwa. Uveze nokuthi ubezinikel­a kakhulu emfundweni ngoba elwazi usizi lwakubo.

“Othisha bengibahlu­pha nangesikha­thi sabo sekhefu ngoba bengifuna imiphumela emihle,” kusho uMsawenkos­i.

Ezifundwen­i zakhe, IsiZulu usiphase ngo-86%, i-English u-88%, iMathemati­cs u-98%, iLife Orientatio­n u-99%, i-Accounting u-91%, iGeography u-90%, iLife Sciences u-89% iPhysical Sciences u-96%.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMSAWENKOS­I Biyela waseMbumbu­lu ungomunye wabafundi abaphase kahle kodwa abasaswele imali yokufunda.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMSAWENKOS­I Biyela waseMbumbu­lu ungomunye wabafundi abaphase kahle kodwa abasaswele imali yokufunda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa