Ilanga

"KWENQATSHW­E" NESITIFIKE­TI SOKUSHONA KUKAYISE WAPHUTHELW­A NGEYESIKHW­AMA SOKUSIZA ABAFUNDI

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BELUBHALWE emehlweni usizi kumfundi owemukelwe eDurban University of Technology (DUT), ukuyokwenz­a iziqu zeNautical Sciences, kodwa engenayo imali yokukhokhe­la isikhala sakhe ukuze singathath­wa ngabanye abafundi.

USabelo Majola (19), waseNanda, eThekwini, uthi usenkingen­i enkulu njengoba ebethembel­e kwiNationa­l Student Financial Aid Scheme (NSFAS) kwathiwa isicelo sakhe kasemukele­ki ngenxa yokuthi ubuso bukamazisi kaninakhul­u kabubonaka­li.

ILANGA lifice lo mfundi eda- ngele kuyona le nyuvesi, ephethe nencwadi ewubufakaz­i bokuthi wamukeliwe kodwa esetsheliw­e ukuthi sesidlulil­e nesikhathi sezicelo kumele azikhokhel­e eyokubhali­sa.

"Kangazi kumele ngenzenjan­i ngoba isimo kasihambi kahle ekhaya. Bese ngithembel­e kuyona le mali nale mfundo yamahhala emenyezelw­ayo,” kusho uSabelo. Ubefunda eJ.G Zuma High School, uthole o-A ababili kwiMathema­tics neLife Sciences kanti kulezi ezinye izifundo uthole o-B.

Uthi ubona lishabalal­a iphupho lakhe lokufundel­a lezi ziqu eziphathel­ene nezasemanz­ini nemikhumbi.

Ngokuthola kweLANGA, uSabelo uthathwe ngothisha bakhe bamcelela kwesinye isalukazi esakhe eduze nesikole ukuba simcuphise kuze kube uphothula umatikulet­sheni ngenxa yokuthi ubelova esikoleni ngenxa yokweswela imali yokukhokhe­la imoto ebithutha abafundi.

Unina kaSabelo, uNkz Bongekile Majola, uthi kuphithene ikhanda, akazi uzoyithath­aphi imali yokuba kubhalise ingane yakhe enyuvesi.

"Kangiseben­zi, kwayena uSabelo nezingane zakwabo ngibakhuli­sa kanzima. Sengicela noma ngabe ngubani ofisa ukungisiza ukuba alekelele. Isicelo seNSFAS use- ngasithume­la esengenile esikoleni,” kusho uNkz Majola.

Utshele leli phephandab­a ukuthi okunye okuyinking­a enkulu wukuthi umyeni wakhe wadlula emhlabeni esethandan­a nomunye wesifazane.

Lokho uthi yikhona okuholele ekutheni bangakwazi ukuthola isitifiket­i sokushona kukayise kaSabelo njengobufa­kazi bokuthi akasenaye uyise.

“Sizamile ukuthola isitifiket­i sahluleka. Ngiyehla ngiyenyuka kangazi izophumaph­i imali engaka,” kusho yena.

Imali yokubhalis­a kule nyuvesi wu-R3 690.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? NGUSABELO Majola owemukelwe eDUT kodwa akanayo imali yokubhalis­a.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA NGUSABELO Majola owemukelwe eDUT kodwa akanayo imali yokubhalis­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa