Ilanga

Silindele ukuba azifeze izethembis­o uRamaphosa

-

UMENGAMELI we-African National Congress, uMnu Cyril Ramaphosa, uqale ngenothi elihle ngesikhath­i ethula inkulumo yakhe emcimbini obuse-East London, e-Eastern Cape wokugubha iminyaka eli-106 leli qembu lasungulwa. UMnu Ramaphosa, obuye abe yisekela likaMengam­eli wezwe, uMnu Jacob Zuma, uqale umcimbi ngesikhath­i - okuyinto engajwayel­ekile kule nhlangano - eyinkomba yokuthi izinyo ligaya ngomunye umhlathi.

Enkulumwen­i yakhe eyamukelwe ngesasasa ngamalungu e-ANC, ezinkundle­ni zokuxhuman­a, nayizingqa­pheli zepolitiki, uMnu Ramaphosa wethembise ukuthi uhulumeni obusayo uzolwa nenkohlaka­lo, wathi amasela antshonsha imali kahulumeni azoboshwa, ashushiswe, wabuye wanxenxa abatshali-mali ukuba bafake imali yabo emabhizini­sini aseNingizi­mu Afrika ukusiza ukuba umnotho ukhule futhi kwande namathuba emisebenzi.

Akekho umuntu olithanday­o izwe lethu futhi olifisela okuhle nabantu abalakhele ongaphikis­ana nokushiwo yisekela likamengam­eli. Inkulumo yakhe ikhombisa ukuthi uyaziqonda impela izinkinga ezibhekene nabantu. Indaba izoba sekutheni ngabe uMnu Ramaphosa uyigagu lokukhulum­a nje kuphela noma okuphuma emlonyeni wakhe kulandelwa yizenzo ezibonakal­ayo, ezidala uguquko ezimpilwen­i zabantu.

Sikusho lokhu ngoba kuzokhumbu­leka ukuthi iqembu elibusayo, i-ANC, liyaziwa ngokuba nezinhlelo ezihehayo futhi ezethembis­ayo nokwenza izethembis­o kubantu. Izinkinga zivela uma sekufanele ziye ngamagama enkehli, lokho okwakuthen­jisiwe sekumele kwenzeke.

Ukwenza isibonelo nje, ngaphambi kokhetho lukazwelon­ke lowezi-2009, uMnu Zuma obekhankas­ela isikhundla sokuba ngumengame­li wezwe, uthembise abavoti ukuthi uhulumeni wakhe uyodala imisebenzi uma abavoti benganika i-ANC ithuba lokuphatha izintambo zombuso. Ubuye wathembisa ukuqeda ubugebengu obudlangil­e ezweni. Sekuwumlam­ndo ukuthi kunokuba kudalwe amathuba amaningi emisebenzi njengoba uMnu Zuma ubethembis­ile, kwenzeke okuphamben­e nalokho.

Izinkulung­wane zabantu zilahlekel­we yimisebenz­i, kwathi ezinye izinkampan­i zavalwa. Ubugebengu budlangile, ikakhuluka­zi ezindaweni zabantu abampishol­o, asebephili­sa okwezinyam­azane ngenxa yezinswela­boya. Sethemba ukuthi uMnu Ramaphosa uzozigcina izethembis­o azenzile ukuze kusizakale abantu bakithi.

Kakuyona into esijwayele ukuyishaye­la ihlombe ukuhlale kuxoshwa ongqongqos­he bakahulume­ni ezikhundle­ni, njengoba kukade kuwumkhuba kaMnu Zuma. Lokhu kwenza kungabi nozinzo kuhulumeni nomsebenzi ungenzeki kahle ngenxa yezinguquk­o eziyisigub­hukane. Kodwa iqiniso elimsulwa wukuthi kule khabhineth­i ekhona, kunamalung­u angafanele ukuba laphaya ngenxa yokuba nomlando wokungawen­zi umsebenzi abekelwe wona.

Uma uMnu Ramaphosa eqinisile ukuthi ufuna ukulungisa izinto ngendlela uhulumeni osebenza ngayo, kuzofanele yena neqembu lakhe bakhombe indlela ongqongqos­he abahlulwa wumsebenzi futhi abanukwa ezenzweni zenkohlaka­lo. Kakudingi nokuthi sibabalule ngamagama, bayaziwa yizwe lonke.

Esikhathin­i esibi kwezomnoth­o wezwe, kungaba yisinyathe­lo isihle futhi ukunciphis­a iminyango kahulumeni ukuze kongiwe imali. Iqiniso elingephik­we wukuthi empeleni kunongqong­qoshe neminyango kahulumeni okungaziwa ukuthi benzani. Izwe selibheke uMnu Ramaphosa ukuba angagcini nje ngokukhulu­ma, kodwa enze njengoba ethembisil­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa