Mayiphumele obala iMbube ngesikhundla sikaNdunankulu kaZulu
MHLELI: AKE ngiphawule ngalesi sihloko esiphume kwelakho lamhla ziyisi-8-10 kuMasingana (January) wezi-2018. Isihloko besithi “Iminjunju kuShenge ngezinkulumo eNdlunkulu”.
Mhleli, ngiyafisa ukudlulisa lokhu mayelana nento eshiwo nguMntwana waKwaPhindangene. Empeleni akekho umuntu ongumZulu futhi okhulele KwaZulu ongaboni ukuthi iSilo kasimfuni uMntwana waKwaPhindangene futhi ukuba indlunkulu yayimsisele ukuba ngumntwana, ngabe oNgangezwe lakhe usebuthathile (ubuNtwana).
Lezi zinto engizozisho la nawe Mhleli uzozibonela ukuthi uMntwana waKwaPhindangene usencosanambana kuBayede. Izinkulumo zokuthi iSilo besiboshiwe siboshelwe esigodlweni saso kaziqali manje, zindala.
Phakathi konyaka we-1994-1995, iSilo saxosha amaphoyisa aKwaZulu (amaZulu Police) kwafika amalungu oMkhonto wesiZwe ayogada iSilo - engadidiyelwa embuthweni wamaphoyisa - uMntwana waKwaPhindangene engazisiwe ngalolo guquko.
Saqala iSilo ukuba nemihlangano eyahlukene enga- bikelwe uMntwana njengoNdunankulu kaZulu, bephuma bengena esigodlweni seSilo kodwa yena engazi.
Kusuke lapho umntwana engatshelwa ngemihlangano ekhona esigodlweni njegoNdunankulu kaZulu, ubesetshelwa nje kuphela uma kunemikhosi emikhulu njengoMkhosi woMhlanga, uMkhosi weLembe nomkhosi wokugubha usuku lokuzalwa kweSilo.
Empeleni iSilo esibusayo ngokuzalana, uMntwana waKwaPhindangene unguyise ngoba sizalwa umzala wakhe owayeyiSilo, uCyprian Bhekuzulu.
Kubukeka sengathi kasi- senandaba nomntwana njengoyise, inqobo nje uma sizuze esikufisayo. Ngubani ongazi ukuthi izigodlo zonke zakhiwe ngumntwana nohulumeni waKwaZulu?
Ngubani ongazi ukuthi amahhovisi eSilo akhona akhiwa ngumntwana nohulumeni waKwaZulu?
Kuwona lowo hulumeni waKwaZulu owawuphethwe nguMntwana waKwaPhindangene, iSilo sake saqashelwa othisha ukuba basifundise ngoba sasishiye esikoleni, befuna ukuthatha ubukhosi baso bona njalo abendlu yaso iSilo.
Ngenxa yenzondo etshalwe yi-African National Congress (ANC) kuBayede ukuba aqhwishe uyise, uMntwana waKwaPhindangene, kwatshalwa indoda ethile endlunkulu ogama layo nguSifiso Zulu, eyayethunywe njalo ukuqhelukisa uMntwana waKwaPhindangene bese kuba yiyona ekhulumela iSilo.
La oNdini kunesishayamthetho esihle futhi esisezingeni lomhlaba, okunamahhovisi eSilo kusona kodwa ngenxa yokuthi sakhiwa ngumuntu osencosanambana kusona, kakubanga yinkinga uma i-ANC isisithutha isisa eMgungundlovu esakhiweni esasakhiwe ngamaBhunu ngesikhathi sobandlululo, samane sawuhlaba inhlali iSilo.
INdlunkulu sekunezikhathi ibeka kabi umntwana ekubeni kunguyena obenakekela iSilo ngakho konke. Nakuba siyaziwa kumthethosisekelo nobukhosi baso, nguyena umntwana owayelwela ukuba sihlinzekwe kumthethosisekelo sona nesikhundla saso.
Eminyakeni cishe emibili edlule, bengiqaphela ukuthi uBayede uma eyogcoba inkosi, ubeyinika isithombe sikamengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma.
Lokho nje Mhleli kulihlazo esingakaze silibone ngisho nakwaMadala eJudeni ngoba phela
uNgangezwe lakhe mkhulu kunomengameli ophethe.
Ezinsukwini ezedlule sibone kumabonakude uBayede ehalalisela imiphumela kamatikuletsheni wabe eseveza futhi ukuthi uzohambela zonke izikole eziKwaZulu-Natal.
Umbuzo-ke okhona lapho umuntu angazibuza wona: uNgangezwe lakhe ahambele izikole ngabe usengungqongqoshe yini?
Empeleni Mhleli, uMntwana waKwaPhindangene akazibekanga ukuba nguNdunankulu kaZulu kodwa umlando uthi uyise weSilo (uBhekuzulu), owambeka ngakho-ke kusemandleni aso ukumsusa uma singasamdingi ngoba ukuba sisamdinga ngabe siyamvikela kulezi zimpisi ezifisa ukumudla luhlaza.
Uqinisile uGuduza uma ethi “uNdunankulu kaZulu yisandla sokuphosa seSilo”. Mina ngithi uma singasaboni kanjalo iSilo kungcono simkhiphe kunokuthi akhulunywe kabuhlungu kanje.
Umbono wami lo othi uNgangezwe lakhe makaphumele obala ngesikhundla sikaNdunankulu kaZulu.
Thokozani Buthelezi ONDINI