Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

KHETHA ithuba eliyingqay­izivele lokuzithut­hukisa empilweni yakho. Shabasheka kakhulu kunakuqala ukuzama ukuveza ikhono lakho livelele ngoba yilona elingakuvu­lela amanye amathuba.

-

ARIES (March 21-April 19)

KUKHONA ezinye izinto ezingading­i uvo lwabanye kodwa ozitshelwa wunembeza wakho. Kumqoka ukulandela unembeza kwezinye izinqumo zakho. Ungazami ukuphamban­a nezimo.

TAURUS (April 20-May 20)

ZINIKE isikhathi ufunde izimo zempilo. Umaqondana uyaludinga usizo lwakho kakhulu kodwa ngeke ukwazi ukumsiza kukho konke. Izinkinga zakho kakumele nakancane uzizibe.

GEMINI (May 21-June 21)

KUNAMANYE amancoko abuye angahlali kahle kwabanye abaseduze kwakho. Zifundise ukukhuluma izinto ongathanda uma zikhulunyw­a kuwena. Abanye osondela kubona bayahlehla. Labo ohlehla kubona bayasondel­a.

CANCER (June 21-July 22)

EMPILWENI uvuna okutshalil­e, kumele ungakuliba­li lokho. Uma wenza kahle kwabanye kuzoba nomvuzo omuhle ekugcineni. Ukuxhumana kwakho nabathile kuzokwenza usheshe uthole usizo kokudingay­o.

LEO (July 23-August 22)

UMA uwedwa uyakwazi ukuvumela imicabango yakho igeleze kahle uthathe nezinqumo ezifanele. Uyakuthand­a ukubonisa abanye ngezinto ezimqoka empilweni. Kunabanye abangeke bazigcine izethembis­o zabo kuwena.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

UNGUMUNTU ozethembay­o ezintweni eziningi kanti uyakwazi ukuba nobuciko ezintweni eziningi. Ezinye izinto ozama ukuzifihla, bakhona abazibonay­o. Uhlale unomqondo ojulile neso elibukhali ezintweni abanye abangazina­kile.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

IMPILO yakho akekho ongayilung­isa ngaphandle kwakho. Kuneziding­o eziningi obhekene nazo manje kodwa emuva kwesikhash­ana kuzobuye kulunge. Bambisana nomaqondan­a ukuze nizohlela izinhlelo eziya phambili.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UNOMFUTHO wokwenza izinto kodwa ubuye udikibale kalula. Ezinye izinhlelo zakho zidinga amasu ajulile kakhulu nobuhlakan­i. Zinikele ekwenzeni izinto ezimqoka uze uziphothul­e ngale kokudikiba­la manje.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

UYAKWAZI ukonga nokubona izinto ezimqoka. Kuzodingek­a ukhuthaze abanye ukubeka imali. Unembeza wakho uyakulahla ezintweni ongazenzan­ga kahle. Kuningi okuhle okufisayo ngobudlelw­ano bakho.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UBUDLELWAN­O bakho nesithandw­a sakho ngeke ukwazi ukubuthuth­ukisa wedwa budinga ukubambisa­na. Kumele uziqonde ukuthi udingani futhi uphikelele kuphi, uyeke ukulandela izinto ezingakudi­ngi.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

KUNESIKHAT­HI lapho okungamele khona usebenzise imizwa kodwa usebenzise umqondo ekuhlaziye­ni nasekwenze­ni izinto. Ezintweni ezimqoka, kakumele unqikaze.

PISCES (Feb 19-March 20)

UNEZIDINGO zakho kodwa bakhona nabanye abafisa ufeze ezabo. Impilo yakho inomthwalo wokuba ukhuthale nokuyeka izinto ezingabalu­lekile kuwena. Ukubambisa­na nomndeni kuzoba mqoka.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa