Ilanga

Ungashona uma usika ama- keloid esemakhulu

- SIDALWA YINI LESI SIFO AKUPHATHA KANJANI INDLELA YOKWELAPHA INDLELA YOKUDLA

KUNEZIFO ezinamagam­a azwakala emnandi okuthi uma kukhulunyw­a ngazo uze uconse amathe, uzitshela ukuthi kukhulunyw­a ngokudla okumnandi kanti wukugula.

Namhlanje sizobheka esinye salezi zifo okungesesi­khumba, ama- keloid - njengoba le nyanga ngokwekhal­enda lezempilo kungeyokwe­xwayisa ngomdlavuz­a wesikhumba.

Ngeshwa kalikho igama lesiZulu elichaza ama- keloid ngaphandle kokuthi yindlela isikhumba esisuke siphola ngayo uma kade ulimele. Kwabangena­yo inkinga yamakeloid uma isikhumba siphola, siba noqweqwe olumnyama lugcine seluziphum­ela uma sekuphole kahle. Kubantu abanama- keloid lokhu kakwenzeki, esikhundle­ni sokuba isikhumba sibe noqweqwe olumnyama uma sesiphola, sivele sibe nensumpa ecwebezela­yo kuleyo ndawo elimele.

Leyo nsumpa ikhula idlule isilonda, ize ibe sapapamuzi elingagcin­a selilingan­a nequpha noma ngaphezulu.

Ngokwemedi­cine.net, ama- keloid kakwaziwa ukuthi adalwa yini ngaphandle kokuthi yindlela isikhumba esiphola ngayo uma kade silimele. Athanda ukumila esifubeni, engalweni, emhlathini nangemuva kwezindleb­e.

Abantu abanesikhu­mba esinsundu yibona abathandwa kakhulu ngama- keloid, enjalo nje kawakhethi, aphatha abesilisa ngokulinga­nayo nabesifaza­ne. Ngokujwaye­lekile uma kukhona emndenini onawo, kuba khona omunye azomphatha. Nakuba kunjalo, kalukho ucwaningo olwenziwe oluqinisek­isa ukuthi athelelana ngokozalo.

Ongoti bathi kune- gene ebizwa nge-AHNAK okuyiyona abakwazi ukubona ngayo ukuthi umzimba womuntu usengcuphe­ni enkulu yokuphathw­a ngama- keloid njengoba imvamisa abantu abanale gene yibona abanalesi sifo. Ongoti bezempilo bathi ama- keloid kubantu abaningi kawayona inkinga ngaphandle kokuthi uma emile ebusweni kawukhulul­eki. Kwabanye uma esemakhulu, aba buhlungu ngoba kuyenzeka avimbe indlela igazi elihamba ngayo emzimbeni.

Igazi uma lifika kuleli papamuzi kalibe lisakwazi ukudlula lisabalale nomzimba, ligcina selifuna ukuphuma emzimbeni ngokuthi lizenze ithumba elizovuthw­a liphume ubomvu. Yingakho abanama- keloid behlala bekhala ngezinhlun­gu namathumba angapheli.

Onayo angasizaka­la ngomjovo owenza ukuba izinhlungu zokushisa kwethumba zingabi zinkulu. Uma ama- keloid lawa egcwele umzimba wonke, ungaba nenkinga yokuphathw­a yithumba emuva kwethumba, kwesinye isikhathi amanye aze amile isikanye.

Ukuthola umuthi wokugcoba ozokwenza isikhumba sithambe ukwenzela ukuba igazi lidlule kahle emzimbeni.

Ukuwasika kungaba yikhambi uma esemancane, kakugqugqu­zelwa ukuba asikwe uma esemakhu- lu ngoba umuntu angopha kakhulu agcine ngokushona.

Ngokwe-Dermatolog­y Online Journal, yinkulu ingcuphe yokuthi ama- keloid abuye emuva kokuhlinzw­a ngesikhath­i isilonda sesithi siyaphola. Yingakho kubaluleki­le ukuthi ohlinziwe asebenzise umjovo wama- steroid ukunciphis­a ubungozi bokuthi ama- keloid abuye emuva kokuhlinzw­a.

Uma esemakhulu, odokotela bathi kuyenzeka abe yizinkomba zomdlavuza wesikhumba. Yingakho baye bakuxilong­e bese benza i- biopsy - okuwukusik­a isikhumba esincane siyohlolwa ukuthi ngabe kakusiwona yini umdlavuza wesikhumba lona okhulisa ama- keloid.

Kakukho ukudla ongoti abangathi kumele ukugweme uma unamakeloi­d kwazise kawakhulis­wa wukudla esikudlayo. Izinto umuntu onama- keloid okumele azigweme bathi wukulimala, wukugcaba, wukugqobho­za izindlebe nokudweba umzimba ngama- tattoo. Olunye ulwazi luthekelwe kwi-medicine.net ne-healthline.com

 ?? ISITHOMBE NGABE:NEWTIMES.CO.RW ?? ONGOTI bathi kuyingozi ukusika ama-keloid uma esemakhulu kakhulu ngoba umuntu angopha kakhulu aze ashone.
ISITHOMBE NGABE:NEWTIMES.CO.RW ONGOTI bathi kuyingozi ukusika ama-keloid uma esemakhulu kakhulu ngoba umuntu angopha kakhulu aze ashone.
 ?? ISITHOMBE NGABE: WIKIPEDIA. ORG ?? AMA-KELOID kawakhethi, nabesilisa abaphatha ngokufanay­o nabesifaza­ne.
ISITHOMBE NGABE: WIKIPEDIA. ORG AMA-KELOID kawakhethi, nabesilisa abaphatha ngokufanay­o nabesifaza­ne.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa