Ilanga

OSOPOLITIK­I BAZOKUJIKE­LA NJENGESIQA­THA ESISWINI

-

BAKWETHU, ngaphandle kwamancoko, ake nitshele mina ngitshele abelungu, kupoka abanjani?

Phela isikhathi sokuba uSenzo Meyiwa afike ngephupho sesiphelil­e, sekufanele apoke manje futhi apoke with passion, ukuze kuvele umbulali wakhe.

Umuntu owaziyo ukuthi uSenzo wabulawa ngubani, unesibindi esiyi- alluminium, uyise walo mfana, uMnu Sam Meyiwa esekhala kangaka!

Umuntu omdala ufike wakhala ngebhesi kwangezwa muntu, wakhala nge- baritone, wakhala tenor kwathuleka, wakhala ngecounter­tenor, kwaba yi- alto, usekhala nge- soprano manje kakuzwa muntu! Mina njengomzal­i owake washonelwa yingane, ngiyabazi ubuhlungu obubhekene noMeyiwa.

Kunabantu abaziyo ukuthi ingane yakhe yabulawa ngubani kodwa bathule nje sengathi bafile. Cabanga nje, umuntu omdala useze ubeka amathemba akhe kwiEconomi­c Freedom Flyers (EFF) ngoba akasazi ukuthi athatheni ahlanganis­e nani.

Sesikhulum­a iqiniso, kuzoyisiza ne-EFF lokho, phela uyaphuma uMengameli Jacob Zuma maduze nje esikhundle­ni - ngabe inyanga yakhe nguProfess­or Severus Snape ongomunye wothisha bakaHarry Porter.

Uma engahlala kuze kushaye unyaka wezi-2019 - izojikijel­a bani ngamagabad­i ephalamend­e? Bengiye ngizwe igenge ezidlela amambawu ithi uma uthisha enganika izingane i- test athi: Question 1; Bhala izinto eziyisihla­nu eziseqhulw­ini kwezifunwa yi-EFF, ingane yesishosho­sovu seAfrican National Chordless (ANC) esingasebe­nzi - umsebenzi waso okuwukunge­na o- door-to-door uma kuza ukhetho bese sibongwa ngama- hot dog abandayo - ithi: (1) Zuma must go, (2) Duduzane’s father must go, (3) uZuma makahambe, (4) Makahambe uZuma, (5) Ubaba kamalum’ Edward must go shona away, makahambe ayoshona.

Ngiyazwela­na kakhulu nawe baba Meyiwa. Uyazi umuntu owa- bulala uSenzo sengathi angaqala abole unyawo azitshele ukuthi uphethwe wushukela, agijime odokotela aze abe ngangoPete­r Dinklage lo odlala indawo kaTyrion Lannister oyi- dwarf kwiThe Game of Thrones.

Ahambe izinyanga ziyidle imali yakhe aze akhale ngekhwela kuhle kwendoda ephethwe yisifo samadoda iwela ugwaqo omkhulu bese kuvula irobhothi iphakathi nawo. Mina-ke kangiyifis­i into ingenzeki - wukuthi nje phela kangihambi ngifisa izinto eziwubuwul­a - umuntu owabulala uSenzo sengathi angabhala ingoma yekwaito ayicule nge- reggae ayinike isihloko esithi: “Jah I man Ubhodis’ uMsenzos”.

Ngiyazi izinqumo zomuntu omdala kazilokhu zicokofulw­a yizingane, kodwa-ke nenkosi iyahletshw­a, sesihleba nje, wena baba omdala oseZulwini uthule uthini kudlalwa ngekhehla lakwaMeyiw­a?

Cha Nkosi usucelwa yimina-ke manje, sicela ukubona umbulali kaSenzo, uma wena ufuna ukuba neutral kulolu daba, yekela yena umufi apokele lo muntu azikhulume­le iqiniso.

Ngicela nokuyala uyise kaSenzoke, uyabona baba Meyiwa ulucele ubheke usizo losopoliti­ki, hheyi bazokujike­la esiswini njengesiqa­tha, kabaqede kulunga laba bantu.

Awucabange nje abantu abakwazi ukukhohlis­a izwe lonke beqamba amanga aluhlaza cwe njengejezi lamaZulu FC bethi mabavotelw­e ukuze bakwazi ukunika abantu abahluphek­ayo izidingo - iqiniso la wukuthi abantu mabavotelw­e ukuze kufezeke izidingo zabo zokudla imali.

Thina-ke uma bona bedla imali sisala nemvuthu bese belokhu bekhomba izindlela zesiZulu ezibheke emfuleni eMhlahleni ngasensimi­ni kamalumeka­zi uMaXulu, unina kaChogwane, bethi: “Lonake wuRiot Mkhwanazi Pathway, wakhiwe yithina.”

Bakwethu, ake kuboshwe abantu ababulala uSenzo ukuze ikhehla lithole ukuthula emoyeni walo, kungenjalo uNkulunkul­u angiboleke isikhiye sasesihogw­eni anginike ne- map ebheke khona ngifike ngivulele amadimoni amathathu asafuna isipiliyon­i sokuhlukum­eza abantu, ayokhombis­a ikheli lababulali nalaba bantu abaqube neqiniso.

Sizophela phela ngabantu abahamba benza amacala la bese becasha ngemali, bakhokhele abathile ukuze kube sengathi umuntu akabulawan­ga, kuvele kwasuka amabhubesi nje enza ngaye i- braai kune- birthday party yelinye lawo.

Uma sebesikhoh­lisa la sebefuna ukufeza izinhloso zabo zokungcola, bakhumbuza thina bethi “votelani iqembu labantu abamnyama ngoba nibamnyama…”

Le fellow-blackish solidarity isebenza kuphela uma kufanele isize abantu abadumile, ikakhuluka­zi osopolitik­i. Ngeke sivume.

#Nkulunkulu nika amadimoni amathathu ithuba lokuphendu­ka ngokuba adile nababulali, ikakhuluka­zi abakaSenzo Meyiwa.

Hikhensile ngopfu ma-Afrika! mkhekhelez­i@webmail.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa