Uthenge isigingci ngemali yesikole
ILANGA likulandisa ngale nsizwa eyiqhathanzipho, ebukeka isaya kude kakhulu nomaskandi. Le nsizwa izihasha kanje: “Yaphinda yagadla eyaseMa bheleni, Yaqhamuka bafinqa imisila abafana. Kusho mina uSkele ngethole Umfo kaBhalakaxa ndoda enomkhaba, S’bhamu esaqhuma kwafa abantu eManqopholweni. Ngiphuma phansi eMzimkhulu Abanye bathi kuseNMZ Kepha ngithi kukwelamaBhaca. Ngihlezi phezulu la ngihleli khona Kodwa ngeke ngikutshele ngoba uyazi. Mina ngiyilo mfana ozithandayo Ngoba uyazwana namanzi, Akagcini ngokuwaphuza nokukhuluma ngawo Njengala bafana abahlezi bekhu luma ngokugeza, Skele ngetholeeeee!!!!!” USkele uthi unesiqiniseko sokuthi uma eqhamuka ontanga yakhe bayatatazela bakhwice imisila - bekhombisa ukuthi bayamesaba ngomculo - lapho besuke beqhathwe khona ngengoma.
Uthi ungumfana ozithandayo, ohlanzekile futhi usazoyimela indawo yangakubo ngalokho kwazise emculweni kukhona abachoma ngokuthi bayazithanda kodwa bengakamboni naye ukuthi uyinsizwa echophayo.
Utshele ILANGA ukuthi ukhule eyingane ehlakaniphe ngendlela emangalisayo, ethunywa esitolo engayilahli nemali.
“Izinto ebengizenza beziphiki-sana neminyaka yami. Bengihlakaniphe lokhu okudidayo, ubaba waze wathi igama lami nginguSkele ngoba ngibukhali,” kusho uSkele.
Ngokomlando wakhe emculweni, uthi ubewuthanda umaskandi esemncane ngesikhathi kusangenise kakhulu uCela Zimnike, nabanye abaculi abangasekho okunguBhekumuzi Luthuli, uMgqumeni noMtshengiseni “iNdidane” Gcwensa.
Uthi ubengazitsheli ukuthi ngelinye ilanga uzogcina ecula. Kuthe efika eGoli eyoqhubeka nemfundo, lwavuka uthando lwengoma.
“Ngihambe ekhaya ngiyofunda uGrade-9 ePhefeni High School, eSoweto, eGoli, okuyilapho ngiphothule khona umatikuletsheni.
“Bengivele sengiyithanda le nto yomculo ngesikhathi ngisafunda. Kuthe uma ngiqeda umatikuletsheni ngayohlala eDube ehostela khona eGoli, ngafika kudlalwa izigingci. “Bekunemali obekumele ngiqhube ngayo imfundo ephakeme emuva kokuphothula ngonyaka wezi-2011 kodwa ngavele ngayithatha ngathenga ngayo isigingci sengizitshelile ukuthi ngiyangena emculweni. “Kunezinsizwa ezingisizile khona ehostela zangisethela izintambo, zangikhombisa nokuthi sikhaliswa kanja- ni,” kusho yena.
Uthi emuva konyaka wezi-2012 uqhubeke nemfundo ephakeme enza iziqu zeSafety Society eSouth West Gauteng College. Uveze nokuthi kuwona lowo nyaka ubezihambela ehostela edlala isigingci kanti uzozithela kuMnu Simo Lushaba weLethumbuso Music Production, wachazeka ezwa intambo abeyidlala.
Umthathile wamqopha i-albhamu yokuqala ethi “Ngumpumelelo” ngowezi-2012 kwabe sekuphela iminyaka eminingi engakwazi ukuqhubeka nomculo ngoba bebenesivumelwano sokuthi bazo
kwenza i-albhamu eyodwa noMnu Lushaba. Utshele ILANGA ukuthi wehle enyuka engqongqoza kwiZuz’muzi Music Production kaMnu Tshepo Nzimande, kuMabunjwa Records nezinye izinkampani zomculo. “Iphelile iminyaka emithathu ngithungatha izinkampani ezizongiqophela i-albhamu yesibili kodwa kwabanzima. “UMnu Nzimande ungitshele kwezikabhoqo ukuthi abaculi bakamasikandi bayadelela, bafika kuye bexakekile kodwa ekugcineni babonge ngenhlamba. “KuMabunjwa Records ngizihambisele i-albhamu yami kwathiwa isazolalelwa nguMfezemnyama noZanefa Ngidi okuyibona abebephasisa abaculi abasha. Ngihlale isikhathi eside ngilindile ngaze ngasizwa nguMnu William Mbatha obeyisisebenzi sawo aMabunjwa wangizamela kuMnu Enoch Sithole naye obenenkampani yakhe wangiqophela, yaphuma-ke i-albhamu yesibili ngonyaka wezi-2016 ethi “Opondo Abahlanu”,” kusho uSkele. Uthi nyakenye usizwe nguMnu Mfishimfishi Dlamini wamlekelela wakwazi ukukhipha le albhamu entsha ethi “Amankwenkwe”. Le nsizwa ithi ukuhlanganisa oshuni abehlukene kwialbhamu eyodwa kuyayisiza kakhulu ngoba lonke uhlobo lwabantu luyayincoma ngomsebenzi wayo. Itshele ILANGA ukuthi akekho umculi exabene naye, kuyadlalwa ngokwengoma. Uthi izinga lomculo wakhe likhule kakhulu njengoba ebesebenzisana neqembu lombhaqanga, iMpumelelo ebelilekelela ngamaphimbo ehlukene. mthobisis@ilanganews.co.za