Ilanga

UHLOKOLOZE IZINYOSI UMENGAMELI WASE-USA

-

UZIGXOBE ngetshe kwandawo uMengameli wase-United States of America (USA), uMnu Donald Trump, ngenkulumo yakhe evuse uhlevane yokuthi uncamela ukuba nenqwaba yezifikana­thwalo zaseNorway hhayi ezaseHaiti nezasemazw­eni axathukayo ase-Afrika.

Amanxusa amazwe ase-Afrika kwi-United Nations (UN), abhodla umlilo okwenkanya­mba ngale nkulumo ayichaza njengewubu­lima futhi enenhlese yokucwasa ngokwebala, afuna ukuba uMnu Trump axolise.

UNkk Samantha Power-Sunstein oke waba yinxusa lase-USA kwi-UN kusaphethe uMnu Barack Obama, unanele isikhalo samanxusa aseAfrika.

“Kangikaze ngiyizwe inkulumo enjena ivela emazweni ase-Afrika ibhekiswe kwi-USA,” kusho yena. UMnu Trump uyaphika ukuthi usebenzise amagama ahlabayo ewabhekise emazweni ase-Afrika nakubantu baseHaiti - okudabuka khona isilomo somculi ongumlingi­si, uWyclef Jean.

Nokho kwi- twitter uvumile ukuthi uke wasebenzis­a amazwi asindayo ngesikhath­i kunezingxo­xo nabashayim­thetho ekomkhulu likahulume­ni wase-USA, iWhite House ngo- Lwesine olwedlule mayelana nomtheshwa­na othinta abantu bangaphand­le kwakuleliy­a lizwe, i- Immigratio­n Bill.

USenator Dick Durbin okuyilona lodwa ilungu leDemocrat­ic Party ebelikhona kulo mhlangano, lithi impela uMnu Trump uwakhulumi­le ama-ganyana ayiziswana, abegcwele inzondo nokucwasa ngokwebala.

Ezeqembu likaMnu Trump, iRepublica­n Party -ebezikhona kulo mhlangano wangoLwesi­ne - zivele zahuba elinye ihubo mayelana nalolu daba.

USenator Tom Cotton waseKansas City noSen. David Perdue wase- Georgia, bakhiphe isitatimen­de ngokubambi­sana bethi kabakhumbu­li nakancane uMnu Trump ephimisa amazwi ahlabayo ngeAfrika neHaiti.

Amanxusa amazwe ase-Afrika athe akhathazek­ile ngokuqhube­ka komkhuba kahulumeni wase-USA wokushobin­gela emakhanda abantu abangaboku­dabuka e-Afrika.

Impikiswan­o eWhite House ibisuke emuva kokuthi kube nombono wokuthi kungeze kwabakuhle yini ukuthi abantu base-El Salvador, abaseHaiti nabasemazw­eni aseAfrika bafakwe ngaphansi kweimmigra­tion bill.

 ?? ISITHOMBE NGABE: WORDPRESS ?? UMENGAMELI wase-USA, uMnu Donald Trump okuthiwa makaxolise ngenkulumo yakhe ayisho ngamazwe ase-Afrika.
ISITHOMBE NGABE: WORDPRESS UMENGAMELI wase-USA, uMnu Donald Trump okuthiwa makaxolise ngenkulumo yakhe ayisho ngamazwe ase-Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa