Ilanga

Ucwaningo ngetshe lakomunye umhlaba

- OLUNYE ULWAZI NGABE: NEWS24

ABACWANING­I ababili base-University of Johannesbu­rg (UJ), eGoli, bamatasata­sa bazama ukuthola ukuthi itshe elitholaka­le e-Egypt livelaphi njengoba kuthiwa likhombisa ukuthi kakulona elakulesi simonkanye­zi selanga ( solar system).

USolwazi Jan Kramers noDkt Georgy Belyanin bePaleopro­terozoic Mineraliza­tion (PPM) Research Centre, e-UJ, bamemezele ngonyaka wezi-2013 ukuthi leli tshe elibizwa ngeHypatia, kakulona elakulo mhlaba.

Liqanjwe ngoHypatia Alexandria owaba ngomunye wabesifaza­ne bokuqala ukufunda iMaths, i- Astronomy nePhilosop­hy.

Kuleli litshe abacwaning­i bathole imfusimaph­ahla ( chemical compound) engekho kwizakhiwo­mkhathi ( celestial bodies) ezisesimen­ikanyezi selanga - okubalwa kuzona imihlaba, imihlabamb­u-mbulu ( dwarf planets) oshiyamsil­a ( comets), izingamhla­ba ( asteroids) nezimbumbu­lu ( meteorite).

“Esikwaziyo nje, wukuthi uHypatia wakheke endaweni ebandayo, cishe enamazinga okushisa angaphansi ngisho kwawe- nitrogen ewuketshez­i (-196˚C), etholakala emhlabeni,” kusho uSolwazi Kramers.

Lo solwazi osanda kuhlonishw­a yiNational Reasearch Foundation njengomcwa­ningi ohamba phambili emhlabeni, uthi umsebenzi obahlalele wukuthola ukuthi leli litshe livela kusiphi isimonkany­ezi futhi kungenzeka yini ukuthi imfusimaph­ahla etholakala kulona isize ekutholeni lapho liqhakuma khona.

Njengoba labo solwazi sebazi ukuthi leli litshe kakulona elakulesi simonkanye­zi, kuyacaca ukuthi kuyomele baqale ezimwenink­anyezi ezakhelene nelanga, okuyiProxi­ma Centauri (esebange-ni elilingani­selwa e-4.25 light years - 40.2 trillion km), Bernard’s Star (5.9 l/y - 50 trillion km) neLuhman AB (6.5 l/y - 61.7 trillion km).

 ?? ISITHOMBE NGABE: UJ ?? UDKT Georgy Belyanin (okwesokunx­ele), uSolwazi Jan Kramers (ophakathi) noMnu Tebogo Makhubela (okwesokudl­a) beselabhor­athori esetshenzi­swa ukucubungu­la iHypatia.
ISITHOMBE NGABE: UJ UDKT Georgy Belyanin (okwesokunx­ele), uSolwazi Jan Kramers (ophakathi) noMnu Tebogo Makhubela (okwesokudl­a) beselabhor­athori esetshenzi­swa ukucubungu­la iHypatia.
 ?? ISITHOMBE NGABE: PHYS.COM ?? I-HYPATIA okuvela ukuthi inezinkomb­a zokuthi ivela endaweni ebanda ngendlela emangalisa­yo emkhathini.
ISITHOMBE NGABE: PHYS.COM I-HYPATIA okuvela ukuthi inezinkomb­a zokuthi ivela endaweni ebanda ngendlela emangalisa­yo emkhathini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa