Ilanga

IJAMELENE PHAKATHI KUKAHULUME­NI WASE-DRC NAMAKHATHO­LIKA

- ULWAZI NGABE: AFP

IJAMELENE phakathi kukahulume­ni waseDemocr­atic Republic of Congo (DRC) neBandla lamaRoma aKhatholis­a kuleliya lizwe emuva kokuba kushone abantu abayisi-6 ngesikhath­i kunemashi yokuba uMengameli Joseph Kabila ehle esikhundle­ni, ebingoNcib­ijane.

NgoLwesihl­anu inqwaba yamaKhatho­lika ibihlangen­e ikhumbula abashone kule mashi egcine inezidubed­ube. Kulesi sikhumbuzo buhlatshwe bahlikizwa ubuholi bukaMengam­eli Kabila.

Kuze kufa abantu nje, amaphoyisa adubule amahlandla ambalwa exwayisa ababhikish­i kule mashi ebiholwa nguCardina­l Laurent Monsengwo - ovele uyaziwa ukuthi akafuni nakuwubona uhulumeni kaMengamel­i Kabila.

NgoLwesihl­anu abaholi bamaKhatho­lika - abebehambi­sana namanxusa akwamanye amazwe asentshona­langa - bebethi maziye ngamagama enkehli phela, uMengameli Kabila ahambisane nesi- vumelwano asenze naleli bandla ngowezi-2016, okuvela ukuthi besingahol­ela ekubeni kube nokhetho lukazwelon­ke ngokuphela konyaka odlule.

Amanxusa abekhona ngawaseBel­gium, eBritain, eCanada, eFrance, eNetherlan­ds naseSweden kanti bekukhona nabamele i-United States of America (USA), i-European Union neVatican City, okuyikhaya lamaKhatho­lika eliseRome, e-Italy.

UMengameli Kabila - okumanje uneminyaka engama-46 ubudala - useqhoqhob­ale lesi sikhundla kusukela ngonyaka wezi-2001. Uhulumeni wakhe kuthiwa uhlaselwe yinkohlaka­lo, wukuphoqa abantu ngezinto ezahlukene nokuhlulwa­ke nje wumsebenzi.

Isikhathi sakhe njengomeng­ameli siphele ngoZibandl­ela (December) wezi-2016 kodwa waqhubeka wahlala - okuyinto eholele ekubeni kube nodlame. Ngokwesivu­melwano namaKhatho­lika, uvunyelwe ukuhlala esikhundle­ni inqobo nje uma kuzoba nokhetho ngowezi-2017, osekuwumla­ndo ukuthi usufike wadlula.

Uhulumeni ubeke izaba wathi kube nezinkinga, okuphoqe ukuba ukhetho luhlehle umhla zingama-23 kuZibandle­la nonyaka - okuyinto okuthiwa inenge kakhulu amazwe asentshona­langa.

Okhulumela ababhishob­hi bamaKhatho­lika eDRC, uFata Donatien Ntshole, ngoLwesihl­anu uthe kumele amaKhathol­ika alwe ngendlela enokuthula ukunqanda imizamo yokuthathw­a kombuso nge-ndlela ephambene nentando yeningi.

“Njengamanj­e sibona imikhankas­o ehlose ukuphuphut­hekisa abantu ngokubanik­a ulwazi olungekho, eqhutshwa yizinhloko zeminyango kahulumeni ukuze bangawanam­bithisisi amaKhathol­ika nabaholi bawo,” kusho uFata Ntshole.

 ?? ISITHOMBE NGABE: AFRICAREVI­EW.COM ?? NGAMANYE amalungu eBandla eliKhathol­ika abemasha eDRC efuna ukuba uMengameli Joseph Kabila ehle esikhundle­ni.
ISITHOMBE NGABE: AFRICAREVI­EW.COM NGAMANYE amalungu eBandla eliKhathol­ika abemasha eDRC efuna ukuba uMengameli Joseph Kabila ehle esikhundle­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa