Uyazigqaja ngempumelelo yakhe
IKHILIKITHI: Uhlomule ngezindondo ezahlukene kwezemidlalo
UKUSEBENZA ngokuzikhandla kukaSanelisiwe “Masa” Kuzwayo kumenze waphenduka undabizekwayo kwezemidlalo KwaZuluNatal naseNingizimu Afrika yonkana nyakenye.
Ekupheleni konyaka odlule uSanelisiwe uhlomule ngendondo yokuba yi-Administrator of The Year esifundazweni nakwiSouth African Sports Awards ngokwehlukana.
USanelisiwe usebenza kwiKwaZulu-Natal Cricket Union (KZNCU) lapho ebhekene nokusabalalisa umdlalo wekhilikithi ikakhulu- kazi ezindaweni zabamnyama.
USanelisiwe uthi ukhule kanzima njengoba efunde ezikoleni ezingaphezulu kwezinhlanu ngaphambi kokuba aphothule uGrade 12 ngowezi-2004.
Uzalelwe eMkhazini budebuduze naseFolweni kanti manje uhlala eBhodini, eFolweni. Wenze uGrade 1 eJaja Primary, uGrade 2 uwenze eKuhlekwethu, eNgqayizivela wenza uGrade 3 wadlulela eMafeyizini eMlazi wenza uGrade 4, kwathi uGrade 5 kuya ku-7 wawenza eKhalipha Senior Primary, uGrade 8 no-10 ubeseComtech waqedela isikole eZwelibanzi High School.
Uthi ukwehla enyuka ezikoleni eziningi kangaka yingenxa yokuthi ubaba wakhe uDelabakwabo Kuzwayo ubeyinduna.
Ngesikhathi esakhula bekubhoke izimpi zepolitiki ezweni kanti ukuba nesikhundla kukayise emphakathi kwenze umndeni wakhe waphila ngokwehla wenyuka ubaleka.
Unina uLucia Honey Kuzwayo usaphila.
Bayisi-8 kubo, osisi abayisi-6 nobhuti ababili, uZenzele ongasekho emhlabeni noZamokwakhe. Odadewabo nguDumisile, uLethiwe, uPhilisiwe, uGugulethu, uZandile bese kuba nguye.
Esafunda ubevele ezikhonzile ezemidlalo njengoba ubegijima abuye adlale iBasketball.
Eseqede ibanga leshumi udlulele eDurban University of Technology (DUT) wenza iziqu zeSports Management.
Ngaphambi kokuba athole iziqu zakhe bekufanele ayokwenza i- inservice training.
IStudent Respesentative Council (SRC) yaseDUT yamxhumanisa noJabu Mhlongo obesesigungwini esiphezulu kwiKZNCU.
Yingaleso sikhathi lapho ehlangane khona noLinda Zondi obenza umsebenzi owenziwa nguye njengamanje.
UZondi usengomunye oqoka abadlali beqembu lesizwe lekhilikithi iProteas.
Uthi ngemuva kokuba exhunyaniswe neKZNCU unikele khona waba nenhlanhla wabizelwa kwinhlolokhono. Eseyiqedile wacelwa ukuba alinde. Uthi ngemuva kwesikhathi esincane elindile watshelwa ukuthi uzokuba ngumsizi kaZondi.
“Leli thuba ngilibambe ngezandla zombili ngenzela ukuthi noma ngubani ofikayo athwale kanzima uma ecabanga ukuwunqamula umsebenzi wami,” kusho uSanelisiwe oneziqu zeProject Management zaseMANCOSA kanti wenza eze-Management eHavard College.
Ngesikhathi uZondi ebizelwa kumaProteas ngowezi-2015 uSanelisiwe ube esengena ezicathulweni zakhe. USanelisiwe umsebenzi wakhe omkhulu ukukhulisa lo mdlalo ezindaweni zabamnyama.
Uthi njengoba sebegxile kwabamnyama ziyancipha ezinye izinhlanga okuyinto okufanele aqinisekise ukuthi kayenzeki.
Uhlelo olubhekele ukuthuthukiswa kwalo mdlalo lusekwe nguMnyango WezeMidlalo wesifundazwe oholwa nguBongi Sithole-Moloi, iSports Development Trust, iSunfoil, iKZNCU neIML-SA.
Ephawula ngokunqoba imiklomelo emqoka emibili nyakenye uthi kumethusile ubengalindele.
Uthi ukunqoba kwakhe ngeke kumenze azikhukhumeze uzosebenza kakhulu kunakuqala ukukhulisa lo mdlalo KwaZulu-Natal.
Okuphinde kwamjabulisa ukubona omunye wabadlali ophuma ngaphansi kohlelo alusingethe u-Andile Mokgagane eqokelwa eqenjini lesizwe lika-U/19 elizodlala kwi-World Cup ngoNdasa (March) eNew Zealand.
“Siba nomqhudelwano wekhilikithi minyaka yonke phakathi nonyaka eHilton eMgungundlovu.
"Abadlali abenze kahle kule midlalo bathola ithuba lokungena eqenjini lesifundazwe iSunfoil Dolphins.
"Baningi abadlali abaphuma kulo mqhudelwano asebedlalela iqembu lesizwe omunye wabo nguAndile Phehlukwayo.
"Ngijabula kakhulu njengoba omunye umdlali ophuma kulolu hlelo u-Andile ebizelwe eqenjini lesizwe lika-Under 19. Kangingabazi ukuthi uya kude,” kubeka uSanelisiwe.
Uthi, ingcindezi ababhekana nayo kakhulu wukuthi abazali bamantombazane ikakhulukazi amnyama kabayizwa kahle indaba yokuthi izingane zabo kazikho emakhaya zibuya ebusuku ngenxa yokuthi zisuke zisemidlalweni noma ziziqeqesha.
Uthi bayaphoqeleka kwesinye isikhathi ukuba baqhube izinhlelo zabo ntambama kwazise abadlali bayafunda, kanti kwesinye isikhathi kufanele bayodlala kude nasemakhaya. Uthi lokho abazali abakuzwa kahle.
“Sisebenzisana nabaqeqeshi abangaphezulu kwama-50 ukuze sikwazi ukufinyelela kuso sonke isifundazwe. Ekupheleni konyaka sibe nenhlanhla lapho izingane ezingaphezulu kwama-72 zinikezelwe ngezinto zokudlala. Isimo besisibi kakhulu kwazise izingane bezibolekana. Ukuthola kwethu lolu xhaso nginethemba lokuthi kuzoyifukula kakhulu ikhilikithi esifundazweni. Ngingakujabulela ukubona sanda isibalo sabantu abamnyama kulo mdlalo ikakhulukazi abesifazane,” kusho uSanelisiwe.