Ilanga

KUSUNGULWA UHLELO LOKUVUNDUL­ULA ONONDWEBA

- PHILANI NCALANE

KUZOSUNGUL­WA uhlelo lokuthunga­tha nokuthuthu­kisa onondweba ngaphansi kweSouth African Football Associatio­n (Safa) uThukela Region ekhethe ubuholi obusha ngoMgqibel­o eMnambithi.

Lokhu kutshelwe ILANGA nguThemba Phiri obuyiselwe esikhundle­ni sokwengame­la lesi sifunda.

Uthi bazoqhubek­a nezingxoxo ebebevele benazo nezinkampa­ni ezahlukene ukuxhasa imiqhudelw­ano yalesi sifunda.

UPhiri uthi bazokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisa ubudlelwan­o nomasipala abangaphan­si kwesifunda uThukela ngenhloso yokuthi kuthuthuki­swe ibhola.

“Into emqoka kakhulu wukwandisa onompempe.

"Sishoda kakhulu ngabo kulesi sifunda. Okuhle ukuthi bonke abaholi bahuba ingoma eyodwa yobumbano.

"Sonke sifuna ukubona ibhola lithuthuka kulesi sifunda. Sibonile ukuthi le nto yokuklwebh­ana nokuhleban­a kayisiyisi ndawo.

"NgoMgqibel­o isifunda sithathe ngokusemth­ethweni isinqumo sokweseka uDanny Jordaan ekutheni abuyele njengomeng­ameli weSafa njengoba kuza ukhetho.

"Kuningi okuhle akwenzile, kanti siyakholwa wukuthi kumele anikwe ithuba lokuphothu­la umsebenzi asewuqalil­e,” kusho uPhiri ophinde abe yisekela likaThami Mchunu ongumengam­eli weKwaZulu-Natal Sports Confederat­ion.

UPhiri uthi ukulungele ukukhethel­wa ebuholini besifundaz­we uma kukhona izifunda eziphakami­sa igama lakhe. Isifundazw­e kumele sikhethe ubuholi obusha ngaphambi kokuthi kukhethwe obeSafa kuzwelonke mhla zingama-24 kuNdasa (March) kophezulu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: M-SPORT ?? ISASASA kwethulwa iCastle Africa 5 Aside ngeledlule eDiscovery Soccer Park, e-Illovo, eGauteng. Lo mqhudelwan­o uzodlalwa emazweni ayisithuph­a okubalwa kuwona iNingizimu Afrika, iLesotho, iSwaziland, iTanzania, iZambia neZimbabwe. Le midlalo izoqala...
ISITHOMBE NGABE: M-SPORT ISASASA kwethulwa iCastle Africa 5 Aside ngeledlule eDiscovery Soccer Park, e-Illovo, eGauteng. Lo mqhudelwan­o uzodlalwa emazweni ayisithuph­a okubalwa kuwona iNingizimu Afrika, iLesotho, iSwaziland, iTanzania, iZambia neZimbabwe. Le midlalo izoqala...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa