Ilanga

UZOLWELA IBHANDE LE-IBF UBIYELA

- MFANAFUTHI NDLOVU PHILANI NCALANE

ULANGAZELE­LE ukungena eqenjini leNingizim­u Afrika lamaCommon­wealth Game uThobani Chagwe okuzokuthi mhla zili-10 kuNhlolanj­a (February) agijime i-Access Lagos Bank City Marathon eNigeria.

UChagwe ongowokuza­lwa eBulwer uzakhele ugazi kwezokugij­ima ngowezi-2014 edla umhlangani­so kwiMandela Day Marathon eqopha isikhathi esingu-2:27 namanje esisekhona.

Ekhuluma neLANGA uChagwe ukuqinisek­isile ukuthi uzoyobamba iqhaza emjahweni waseNigeri­a ophethe isamba sika-50 000 US Dollars esizotholw­a izingqwele ngokuhluka­na kobulili. UChagwe utshele leli phephandab­a ukuthi ithuba lokuyogiji­ma eNigeria ulihlangan­iselwe yimenenja yekilabhu yakhe uMartin Ngwenya weMaxed Elite.

“Nginovalo ngenxa yokuthi umjaho engiya kuwona umzila wawo uqonde kakhulu lokho kudinga ube fithi. Indawo eqondile iyagqilaza kwazise idinga wonke amandla uze uyoqeda. Inkinga enginayo wukuthi kangikwejw­ayele ukugijima emzileni ofuze lona. Nokho ngizilungi­selele ngok- wanele. Ngizimisel­e ukwenza kangcono isikhathi sami esingu-2:27 engisibeke kwiMandela ngenze noma u-2:15 ukuze ngithole ithuba lokungena eqenjini leNingizim­u Afrika eliya kumaCommon­wealth Game ngoMbasa (April) eGold Coast, e-Australia. Ngiyazi ukuthi kuzokuba nzima ukungena eqenjini lesizwe kwazise baningi abasubathi abakulanga­zelele ukuyomela izwe.

“Unyaka odlule kawubanga muhle kimina, yonke imijaho ebengihlel­e ukuyigijim­a izinto kazihamban­ga kahle. Nonyaka kuzofanele ngilungise amaphutha. Uma ngihluleki­le ukungena eqenjini lesizwe ngizogxila kakhulu kwiSoweto Marathon engoLwezi (November) eGoli, neminye imijaho yesifundaz­we ikakhuluka­zi iCross Country neTrack and Field ukwakha isivinini,” kusho uChagwe owenza unyaka wesithathu kwiTechnic­al Financial Accounting eDurban University of Technology (DUT) eMgungundl­ovu.

Lo msubathi kulindelek­e ukuba alifulathe­le leli mhla ziyisikhom­bisa kwezothwas­a kanti utshele leli phephandab­a ukuthi wonke amaphepha okuhamba usewalungi­sile. UKHALE ngesipiliy­oni seNigeria umqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli lika-U/20 iBasetsana lihlulwa ngo-2-0 yileli lizwe ngoMgqibel­o ntambama ePeter Moka Stadium, ePolokwane kowokuhlun­gela ukungena kwiNdebe yoMhlaba ngoNcwaba (August) eFrance.

Umzuliswan­o wesibili uzokuba semasontwe­ni amabili ezayo eNigeria.

UMaud Khumalo ocija iBasetsana utshele ILANGA ukuthi usethembe indlela abadlale ngayo ngesiwombe sesibili.

Uthi kuzofanele bahlangani­se amakhanda baqhamuke nesu lokuhlula iNigeria ekuhambeni.

“Basishaye ngoba banabadlal­i abanesipil­iyoni uma ubaqhathan­isa nabethu.

Kuzofanele sizilungis­elele kahle uma sesibhekis­a amabombo eNigeria.

Okubi wukuthi sivumele bashaye amagoli amabili ekuhambeni okwenza sibhekane nomqansa emdlalweni olandelayo,” kusho uKhumalo othwalise kanzima izintathel­i ngemuva komdlalo kwazise imimoya ibiphezulu. UZOBHEKISA amabombo eNamibia uNkosinath­i Biyela ohlelelwe impi ye-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) Interconti­ntal Lightweigh­t noDanny Boy Albinius ngoNdasa (March) kophezulu.

UThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Boxing Promotions ehlela izimpi zikaBiyela, ubambe izingxoxo nophromoth­a waseNamibi­a eGoli ukuphothul­a izinhlelo zale mpi.

Leli bhokisa lasoNdini bekumele liyokulwa eNamibia ngenyanga edlule, kodwa yagcina ibhuntshil­e impi.

UBiyela okhula ngesivinin­i kulo mdlalo, unezimpi eziyisithu­pha kuphela esigabeni esikhokhel­ayo. Usazinqobe zonke izimpi asezilwile kulesi sigaba.

“UBiyela sihlela ukuthi aqale manje ukulwela emazweni angaphandl­e. Uma ebuya eNamibia sizomzamel­a enye impi kwelinye izwe. Makhulu amathuba okuthi aphathe amabhande ahlonishwa­yo emhlabeni.

Amabhokisa ethu sizama ukuthi alwele ngaphandle ngoba kuyabiza ukuhlela izimpi lapha eNingizimu Afrika,” kusho uMagudulel­a.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMAUD Khumalo oqeqesha iBasetsana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMAUD Khumalo oqeqesha iBasetsana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa