UKomphela uthembisa unya kwizimbangi
Uthi kumele zikukhalele ukulahla amaphuzu
UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela ufuna ezakhe zisebenzise unya kwizimbangi ukuze zingaphinde zilahle amaphuzu.
IChiefs iguqise ngo-2-1 iPolokwane City kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ebusuku eFNB Stadium, eSoweto.
Amagoli eChiefs ashaywe ngoRyan Moon noDumisani Zuma, kwathi elePolokwane lona lashaywa nguWalter Musona.
Le wini bekungeyokuqala yeChiefs kulo nyaka omusha, kanti futhi bekungeyokuqala eFNB Stadium, njengoba ibisivamise ukugijima imidlalo yayo yasekhaya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
USteve “Mphathi” Komphela ocija iChiefs uthi bekufanele bawunqobe ngembhudlu yamagoli lo mdlalo.
“IPolokwane siyivale kuzona zonke izindawo eziyingozi yangakwazi ukunyakaza.
"Besivele sihlele ukuyivala esiswini nangempela sakwenza ngempumelelo lokho.
"Bekufanele sihlohle iqwaba yamagoli kulo mdlalo sawayeka.
"Kuzofanele sisebenzise unya manje kwizimbangi zethu singabi nazwelo,” kusho uKomphela.
UBernard Molekwa ocija iPolokwane uyivume njengendoda induku.
“Konke ebesikuzama akuzange kusebenze iChiefs ibisivale yonke indawo. Ngizame konke kwangalunga. Kodwa-ke sifundile ngalo mdlalo sizibonile izinto okufanele sizilungise,” kusho uMolekwa.
Kuzofanele sisebenzise unya manje kwizimbangi zethu singabi nozwelo...