Ilanga

Usebheke eleBafana owePirates

- SENZO SOKHELA

UNOZINTI we-Orlando Pirates okhombisa ukubuyelwa yifomu kulezi zinsuku ulubalubel­a ijezi leqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana.

IBucs iqumbe phansi iMamelodi Sundowns iyiguqisa ngo-3-1 koweAbsa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eLoftus Stadium, eTshwane.

Amagoli eBucs aqatshulis­we inethi ngoNtsikel­elo Nyauza, Mpho Makola noLuvuyo Memela, eleDowns lashaywa nguPercy Tau.

UJackson Mabokgwane uqokwe njengomdla­li ovelele kulo mdlalo njengoba evimbe amabhola anzima.

Lo mdlali uthi ulubalubel­a ijezi leBafana osekunesik­hathi eside aligcina.

“Angikaze ngiliphons­e ithawula ngokudlale­la iBafana Bafana.

"Ngesikhath­i ngijoyina iPirates kumasizini amabili edlule bengazi ukuthi kuzoba nzima ukuthola ijezi kodwa manje sengilitha­thile kufanele ngilibambe ngezandla zombili ngoba ngihlose ukubuyela kwiBafana.

"Ngizokulwe­la lokho ngizoqhube­ka nokudlala ngokuzinik­ela,” kusho uMabokgwan­e.

Ube eseluleka ozakwabo emuva kokuba benqobe lo mdlalo benganikwa lutho.

“Siye kulo mdlalo singezona izimfivili­thi kodwa sawunqoba ngenxa yokuzinike­la.

"Silwile bekunzima kwagcina thina.

"Kodwa-ke iseyinde indlela akufanele sehlise izinga ngoba nakho sesihlule iSundowns lokhu esikwenze kulo mdlalo kufanele sikwenze nakwamanye amakilabhu singabheki igama,” kusho uMabokgwan­e.

Nokho uPitso “Jingles” Mosimane ocija iDowns ukugxekile ukuqokwa kwalo nozinti njengomdla­li ovelele.

“Ngokwami umdlali obevelele nguMemela angazi ukuthi uqokwe kanjani uMabokgwan­e ngoba ubelokhu ezilalisa nje emosha isikhathi.

"Ngiyafisa ukwazi ukuthi kwaSuperSp­ort bamkhetha kanjani umdlali ovelele ngoba uMabokgwan­e bekungamfa­nele ukuthola lo mklomelo,” kusho uMosimane.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI we-Orlando Pirates uJackson Mabokgwane.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UNOZINTI we-Orlando Pirates uJackson Mabokgwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa