Ilanga

UCASHA NGESITHUPH­A UMQEQESHI WE-DOWNS

- SENZO SOKHELA

UCASHE ngesithuph­a umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane ezakhe zinenebulw­a ngo-3-1 kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eLoftus Stadium, eTshwane.

Amagoli okunqobe ngawo iBucs abekwe enethini ngoNtsikel­elo Nyauza, Mpho Makola noLuvuyo Memela, kwathi eleDowns lokubika ekhaya lona lashaywa nguPercy Tau.

IDowns iye kulo mdlalo ithishwa ukukhala yemuke namaphuzu amathathu.

Isizathu salokho wukuthi isivamise ukuzicobos­hisela kwiPirates.

Nokho ligaye ngomunye umhlathi kulo mdlalo iBucs iyijikela esiswini njengotshw­ala.

UMosimane ucashe ngesithuph­a ezakhe zihlulwa.

“Umdlalo ubuseqophe­lweni eliphezulu ube yilento abantu abebeyilin­dele.

"Ukube besibe nethuba elanele lokuphumul­a besingeke sihlulwe kanjena iPirates ibe nesikhathi esanele sokuphumul­a uma uyiqhathan­isa nathi njengoba ibingenamd­lalo phakathi neviki eledlule kanti thina sidlalile,” kusho uMosimane.

Uthi ezakhe bekufanele ziwunqobe lo mdlalo.

“Sakhe amathuba angcono kunePirate­s kulo mdlalo sangawaseb­enzisa.

"Ngaphandle kwalokho negoli layo lesibili ilinikwe yithina senze iphutha yalisebenz­isa.

"Kodwa-ke angikhali kangako kusazoshub­a njengoba sezibheke entanjeni,” kusho uMosimane.

Leli phephandab­a lishicilel­e izikhulu zeDowns nezeSuperS­port zivalelene emhlanganw­eni obuyizolo ngeSonto kusihlwa ngodaba lokudayise­lana ngoJeremy Brockie osemabhukw­ini eSuperSpor­t.

Uma kugcine kuvunyelwe­ne kulo mhlangano kungenzeka kushone elanamuhla ngoMsombul­uko esemenyeze­lwe njengomdla­li weDowns.

UBrockie ubengekho ohlwini lwabadlali beSuperSpo­rt ebibhekene neLamontvi­lle Golden Arrows izolo ngeSonto ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Ubenikwe ikhefu ngenxa yalokhu kudayisela­na okuqhubeka­yo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa