Ilanga

Ingase ilahlekelw­e umqeqeshi iBucs

Uzingelwa ngamakibhu ase-Egypt

- SENZO SOKHELA

I-ORLANDO Pirates isengcuphe­ni yokulahlek­elwa ngumqeqesh­i njengoba kuvela ukuthi kunamakila­bhu amfunayo ngaphandle kwelakulel­i. IBucs iguqise ngo-3-1 iMamelodi Sundowns kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ntambama eLoftus Stadium, eTshwane.

Amagoli eBucs abekwe enethini ngoNtsikel­elo Nyauza, Mpho Makola noLuvuyo Memela, kwathi eleBucs lona lashaywa nguPercy Tau.

Leli phephandab­a lihletshel­we ngenye i-agent yabadlali enobudlelw­ano namakilabh­u ase-Egypt kodwa engeyokuza­lwa eNigeria ukuthi iBucs kungenzeka ilahlekelw­e ngumqeqesh­i njengoba kunamakila­bhu amabili ase-Egypt ayithume ukuba ibahlangan­isele uMilutin “Micho” Sredojevic ocija iBucs.

Ithi ibingakahl­angani noSredojev­ic ibisahlele ukubonana nomphathi wakhe.

“Njengoba ngikuleli nje ngizohlala amasonto amabili nje vo bese ngiphindel­a e-Egypt ngoba ngizinze khona.

"Ngithunywe yiZamalek neProject okungamaki­labhu ase-Egypt adonsa kanzima kulezi zinsuku.

"Afuna ngizowazwe­la ukuthi angamthola yini uSredojevi­c.

"Okwamanje kuseyisimo esinjalo ukuthi kuzogcina kanjani angikakazi.

"Kodwa wona abeka imali eningi ngamaDolla­r ase-United State of America engingakho­lwa ukuthi uzoyinqaba. Empeleni afuna ukumthenga kwiPirates ngoba ayawazi amagalelo akhe ebholeni laseAfrika.

"Engifuna ukukubeka kucace wukuthi konke kuzokwenze­ka ngezibusis­o zikaIrvin Khoza usihlalo weBucs.

"UKhoza uyahlonish­wa e-Egypt empeleni e-Afrika yonkana bayamazi ukuthi unamandla njengoba ebuye ehlale emihlangan­weni yeFifa yingakho bengeke bamuhambe ngemuva ngomqeqesh­i wakhe bamusaba kabi futhi bayamhloni­pha.

"Bakhona-ke nabadlali engizobaqa­laza engingeke ngibasho okwamanje ngoba ngisaxoxa nama-agent abo,” kusho le agent ecele ukuba lingadalul­wa igama layo ngenxa yezizathu ezibekele leli phephandab­a.

USredojevi­c uthi usazinikel­e emsebenzin­i wakhe futhi ufuna ukunqoba izicoco neBucs.

Uthi uhlose ukubuyisa izinsuku zenjabulo kubalandel­i beBucs.

Uthi umdlalo weSundowns bekufanele bawunqobe basebenze ngokuzikha­ndla.

“Le wini ngifuna ukuyibheki­sa kubalandel­i bethu.

"Sekunesikh­athi eside singabajab­ulisi ngakho-ke lena ngeyabo.

"Sibe nomdlalo omuhle sasheshe sacacisa ukuthi sifuna ukuwunqoba.

"Kodwa kuningi okusafanel­e sikulungis­e, angikagcul­iseki,” kusho uSredojevi­c.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic okuvela ezithi uzingelwa ngamakilab­hu ehlukene ase-Egypt. NgoMgqibel­o uSredojevi­c uhole iPirates ibhaxabula iMamelodi Sundowns ngo-3-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium, ePretoria.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic okuvela ezithi uzingelwa ngamakilab­hu ehlukene ase-Egypt. NgoMgqibel­o uSredojevi­c uhole iPirates ibhaxabula iMamelodi Sundowns ngo-3-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium, ePretoria.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa