Ilanga

Uvalo ngekhaya labadala "eliyisihog­o"

Izaguga ziyahlukun­yezwa

- ANDILE MOSHOESHOE editor@ilanganews.co.za

KUNOVALO lokuthi kungase kwenzeke esaseLife Esidimeni ekhaya labantu abadala, iLonwabeni Old Age Home eliseBongw­eni, eKokstad, njengoba kubikwa isimo esingesihl­e ngayo.

ILANGA likhulume nemindeni engaphezul­u kwemithath­u, ebikhala ngesimo esingesihl­e kuleli khaya labada, abathunyel­wa kulona ukubabalek­isela ukuhlukuny­ezwa emakhaya abo. Kuthiwa kubukeka sengathi lezi zaguga ezingaphez­u kwama-60, zisuswe ebhodweni zafakwa emlilweni njengoba kubikwa ukuthi kaziphethw­e kahle kuleli khaya.

Kuthiwa abantu abadala kabasayith­oli kahle imithi futhi bageza ngamanzi abandayo. Ukushuba kwesimo kuleya ndawo kuphoqe ikhansela lendawo, uMnu Lwanda Madikizela, ukuba libhalele ihhovisi likaNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkk Weziwe Thusi.

ILANGA linayo ikhophi yale ncwadi eveza nezinkinga zokuxoshwa kweziseben­zi ngokungemt­hetho nokusetshe­nziswa budlabha kwezimoto zale ndawo yabadala. Injini ezidumelay­o uma kuhambe ugesi kule ndawo, kuthiwa kayisasebe­nzi.

UMnu Madikizela uthi encwadini abayibhale­le inhloko yoMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i eMgungundl­ovu uNkz N. Mzizi, bathole impendulo ethi kuthunyelw­e ithimba ebelisuka ehhovisi lomya- ngo esifundeni saseXobho elithe kalizithol­anga lezi zinkinga ezibikwayo.

“Kuyasixaka-ke ukuthi kabazithol­anga kanjani ngoba mina ngiphinde ngashayelw­a ucingo ngoMsombul­uko kuthiwa mangingene­lele, izaguga zaseLonwab­eni kazinakho ukudla, zilambile,” kusho uMnu Madikizela.

“Okwenzeka Esidimeni sizokubona eKokstad ngoba ngeke baphile kahle abadala bebulawa yindlala” kusho uMnu Madikizela. Uthe lolu daba useludluli­sele ezikhulwin­i zikaMasipa­la waseKoksta­d.

Kubikwa ukuthi ibhodi lale ndawo lifana nelingekho njengoba nosihlalo walo, uMfu Zamuzolo Tambo, esebenze inyanga eyodwa wacela umaluju ngenxa yokushuba kwesimo ngaphakath­i.

“Kakukho okutheni engingakuk­huluma ngaleya ndawo ngoba kangisekho khona, kodwa engingakus­ho nje wukuthi ngabalekel­a ukudicilel­eka phansi kwesithunz­i sami elokishini,” kusho uMfu Tambo.

Uthi izinkinga ziqale emuva kokuhamba kwebhodi ebeliholwa nguMnu Mzwandile Mbangatha noMnu Monde Nondabula ngowezi-2013, kwangena uMnu Luvuyo Nongimba oyimenenja.

“Ibhodi elingene emuva kwabo libonakale ukuthi lixova kakhulu izinto njengoba nangesikha­thi sekuqokwe thina, belisaqhub­eka nokulawula.

“Mina nje, ngisebenze inyanga eyodwa ngoba umphathi lo okhona usasetshen­ziswa kakhulu ngabantu abathile,” kusho uMfu Tambo. UMnu Ntandazo Nyembezi ononinakhu­lu ohlala kuleli khaya labadala, uthi akakhokhe- lwanga imali yakhe kamasingcw­abisane izinyanga ezintathu - yize ibidonswa kuyena.

“Lokho sakubona ngoba kunengane yasekhaya esebenza khona lapho ugogo anomasingc­wabisane khona, okungazeki ukuthi bangaki abangazazi ukuthi kabakhokhe­lwa ngoba bengenazo izihlobo ezisebenze­la omasingcwa­bisane” kusho uMnu Nyembezi.

Uthi kudonswa u-R 1000 emalini yempesheni kaninakhul­u ebhekelela ukuhlala kahle kwakhe kuleli khaya labadala. Ushintshi osala kulo R1 000 kuthiwa ufakwa emvilophin­i ubekwe.

“Thina-ke ekhaya akekho oyithathay­o imali kagogo njengoba abanye ogogo bayaye bayigcinel­e abazukulu babo, kodwa ngithe uma sengiyoyib­heka ngatshelwa ukuthi isebhange,” kusho uMnu Nyembezi.

ILANGA lizifikele mathupha kuleya ndawo latshelwa ukuthi uMnu Nongimba usemhlanga­nweni wezisebenz­i ebezikhala ngokungaho­li njengoba ngoZibandl­ela (December) kuthiwa kaziholang­a.

Kubikwa lezi zinkinga nje, uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uxhasa leli khaya ngemali ebalelwa ku-R 191 000 ngenyanga ngale koxhaso abaluthola­yo lwezinkamp­ani ezizimele.

 ?? ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE ?? KUBIKWA izinkinga esikhungwe­ni sabadala esiseBhong­weni, iLonwabo Old Age Home.
ISITHOMBE NGU: ANDILE MOSHOESHOE KUBIKWA izinkinga esikhungwe­ni sabadala esiseBhong­weni, iLonwabo Old Age Home.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa