Uvalo ngekhaya labadala "eliyisihogo"
Izaguga ziyahlukunyezwa
KUNOVALO lokuthi kungase kwenzeke esaseLife Esidimeni ekhaya labantu abadala, iLonwabeni Old Age Home eliseBongweni, eKokstad, njengoba kubikwa isimo esingesihle ngayo.
ILANGA likhulume nemindeni engaphezulu kwemithathu, ebikhala ngesimo esingesihle kuleli khaya labada, abathunyelwa kulona ukubabalekisela ukuhlukunyezwa emakhaya abo. Kuthiwa kubukeka sengathi lezi zaguga ezingaphezu kwama-60, zisuswe ebhodweni zafakwa emlilweni njengoba kubikwa ukuthi kaziphethwe kahle kuleli khaya.
Kuthiwa abantu abadala kabasayitholi kahle imithi futhi bageza ngamanzi abandayo. Ukushuba kwesimo kuleya ndawo kuphoqe ikhansela lendawo, uMnu Lwanda Madikizela, ukuba libhalele ihhovisi likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Weziwe Thusi.
ILANGA linayo ikhophi yale ncwadi eveza nezinkinga zokuxoshwa kwezisebenzi ngokungemthetho nokusetshenziswa budlabha kwezimoto zale ndawo yabadala. Injini ezidumelayo uma kuhambe ugesi kule ndawo, kuthiwa kayisasebenzi.
UMnu Madikizela uthi encwadini abayibhalele inhloko yoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eMgungundlovu uNkz N. Mzizi, bathole impendulo ethi kuthunyelwe ithimba ebelisuka ehhovisi lomya- ngo esifundeni saseXobho elithe kalizitholanga lezi zinkinga ezibikwayo.
“Kuyasixaka-ke ukuthi kabazitholanga kanjani ngoba mina ngiphinde ngashayelwa ucingo ngoMsombuluko kuthiwa mangingenelele, izaguga zaseLonwabeni kazinakho ukudla, zilambile,” kusho uMnu Madikizela.
“Okwenzeka Esidimeni sizokubona eKokstad ngoba ngeke baphile kahle abadala bebulawa yindlala” kusho uMnu Madikizela. Uthe lolu daba useludlulisele ezikhulwini zikaMasipala waseKokstad.
Kubikwa ukuthi ibhodi lale ndawo lifana nelingekho njengoba nosihlalo walo, uMfu Zamuzolo Tambo, esebenze inyanga eyodwa wacela umaluju ngenxa yokushuba kwesimo ngaphakathi.
“Kakukho okutheni engingakukhuluma ngaleya ndawo ngoba kangisekho khona, kodwa engingakusho nje wukuthi ngabalekela ukudicileleka phansi kwesithunzi sami elokishini,” kusho uMfu Tambo.
Uthi izinkinga ziqale emuva kokuhamba kwebhodi ebeliholwa nguMnu Mzwandile Mbangatha noMnu Monde Nondabula ngowezi-2013, kwangena uMnu Luvuyo Nongimba oyimenenja.
“Ibhodi elingene emuva kwabo libonakale ukuthi lixova kakhulu izinto njengoba nangesikhathi sekuqokwe thina, belisaqhubeka nokulawula.
“Mina nje, ngisebenze inyanga eyodwa ngoba umphathi lo okhona usasetshenziswa kakhulu ngabantu abathile,” kusho uMfu Tambo. UMnu Ntandazo Nyembezi ononinakhulu ohlala kuleli khaya labadala, uthi akakhokhe- lwanga imali yakhe kamasingcwabisane izinyanga ezintathu - yize ibidonswa kuyena.
“Lokho sakubona ngoba kunengane yasekhaya esebenza khona lapho ugogo anomasingcwabisane khona, okungazeki ukuthi bangaki abangazazi ukuthi kabakhokhelwa ngoba bengenazo izihlobo ezisebenzela omasingcwabisane” kusho uMnu Nyembezi.
Uthi kudonswa u-R 1000 emalini yempesheni kaninakhulu ebhekelela ukuhlala kahle kwakhe kuleli khaya labadala. Ushintshi osala kulo R1 000 kuthiwa ufakwa emvilophini ubekwe.
“Thina-ke ekhaya akekho oyithathayo imali kagogo njengoba abanye ogogo bayaye bayigcinele abazukulu babo, kodwa ngithe uma sengiyoyibheka ngatshelwa ukuthi isebhange,” kusho uMnu Nyembezi.
ILANGA lizifikele mathupha kuleya ndawo latshelwa ukuthi uMnu Nongimba usemhlanganweni wezisebenzi ebezikhala ngokungaholi njengoba ngoZibandlela (December) kuthiwa kaziholanga.
Kubikwa lezi zinkinga nje, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uxhasa leli khaya ngemali ebalelwa ku-R 191 000 ngenyanga ngale koxhaso abalutholayo lwezinkampani ezizimele.