Ilanga

KUME IZINHLELO ZOKUFUNDA

- MTHOBISI SITHOLE

KAZIYISHAY­I mkhuba eyokuphaza­miseka kohlelo lokubhalis­wa kwabafundi izisebenzi zaseDurban University of Technology (DUT), ezibeke phansi amathuluzi kusukela ngoMsombul­uko zifuna ukwenyusel­wa amaholo.

Uhlelo lokubhalis­a luphazamis­ekile, okuholele ekubeni iDUT iyalele abafundi ukuba babhalise ngomyalezi­nyazi ( online) njengoba isimo singakalun­giseki. UNobhala weNational Education and Allied Workers Union (Nehawu) kule nyuvesi, uNkz Mbali Ntoza, uthi kabahlehli, abaphathi bale nyuvesi bazoze bezwe ukuthi bafunani.

Usho lokhu nje, izolo ngoLwesith­athu bebehambis­e uhlu lwezikhalo kumphathi waseDUT, uSolwazi Thandwa Mthembu. Utshele leli phephandab­a ukuthi kusukela ngoNhlaba (May) wonyaka ophelile bexoxa ngezindaba zokunyusel­wa amaholo kodwa kungavunye­lwana.

“USolwazi Mthembu akathandi ukulalela, ubukela phansi umthetho wabasebenz­i. Kungenzeka ateleke wonke amanyuvesi ngoba nase-University of KwaZulu-Natal kunezingxo­xo ezifana nalezi. Uma kuwukuthi nakhona kakuvunyel­wana, okusho ukuthi wonke amanyuvesi ngeke aqhubeke kahle,” kusho uNkz Ntoza.

Ukhuluma kanjena nje, naseUniver­sity of South Africa (Unisa) izinto ziyabheda, abafundi kolunye uphiko lwayo, kuthiwe mabaphinde­le emakhaya. Uthi nakuba betsheliwe ukuthi uma bengaseben­zanga ngeke bahole, kabanendab­a nalokho. Utshele leli phephandab­a ukuthi kabagudluk­i ku-10% abawufunay­o, ngeke bawuvume u-4% obekwa yinyuvesi.

Uthi bebengahlo­sile ukuphazami­sa ukubhalisa kwabafundi kodwa bazoteleka kakhulu kunakuqala uma kungavunye­lwana.

Encwadini ebhalwe nguMnu Sipho Ngidi, ongumqondi­si kwezokuqas­hwa kule nyuvesi ayibhalele izisebenzi, uthi kasikho isisebenzi esizovunye­lwa ukuthatha izinsuku zaso zekhefu ukuchibiye­la ezilahleki­le ngesikhath­i kutelekwa.

Uthi kasikho esivunyelw­e ukuthatha ikhefu njengoba kutelekiwe. Abasebenza­yo uthi bayalelwe ukuba babike kabili ngosuku kubaphathi babo, basayine phansi ekuseni, okuzoba yisiqinise­ko sokuthi basebenzil­e.

Okhulumela iDUT, uNkz Noxolo Memela, uthe inyuvesi iyaxolisa ngesiphith­iphithi.

Unxuse abafundi ukuba babhalise ngomyalezi­nyazi.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? LAPHA uMnu Sifiso Mkhize ekhombisa ukuthi anjani amanzi egcekeni lakwakhe. Ngokusho kwakhe umndeni usuphoqeka ukuhlale ugqoke amadadla uma uhamba egcekeni ngenxa yamanzi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E LAPHA uMnu Sifiso Mkhize ekhombisa ukuthi anjani amanzi egcekeni lakwakhe. Ngokusho kwakhe umndeni usuphoqeka ukuhlale ugqoke amadadla uma uhamba egcekeni ngenxa yamanzi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa