Ilanga

BAHLALISWE KANZIMA YITHANTALA LAMANZI

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UBHEKENE nenkinga umndeni wakwaMkhiz­e, e-Underberg, obhukuda edamini lamanzi elisegceke­ni lawo, osekuphele inyanga kuqhume ipayipi lamanzi likamasipa­la.

Indlela isimo esibi ngayo, uthi sekudingek­a ukuba ugqoke amadadla ngenxa yala manzi agcwele igceke. UMnu Sifiso Mkhize ongumnikaz­i womuzi, uthi sekukaning­i ehla enyuka kwamasipal­a eyobika isimo kodwa lutho usizo.

Uthi uqale ukubona ukuthi kunenkinga yamanzi ekuqaleni kukaZiband­lela (December). "Ngifike kwaMasipal­a iDr Nkosazana DlaminiZum­a bangitshel­a ukuthi udaba oluphathel­ene namanzi lusetshenz­wa wuMasipala wesiFunda, iHarry Gwala. Bathembise ukuthi bazowudlul­isa umbiko ukuze kulungiswe ipayipi.

"Kudlule izinsuku kuthulekil­e, amanzi eqhubeka nokungena egcekeni lakwami. Ngiphindel­ile ngiyobheka ukuthi yini ebambile. Ngitshelwe ukuthi kusalindwe ugandagand­a okumele ufike uzomba. Size sahlukanis­a unyaka edamini lamanzi. La manzi isigcino azomosha umuzi wami,” kusho uMnu Mkhize.

UMnu Ndabezitha Ntenza okhulumela uMasipala waseHarry Gwala, uthi kakulona iqiniso ukuthi kade yabikwa le nkinga. Uthi babikelwe ngayo mhla zili-15 kwephezulu kanti ngoLwesibi­li bebeyilung­isa.

"Sixolisa kakhulu emndenini wakwaMkhiz­e ngokuphaza­miseka, siphinde sibonge ukuthi ukwazile ukusazisa siwumkhand­lu. Siyanxusa nakwabanye abanenking­a efanayo ukuba bashayele inombolo yakwaCusto­mer care ethi: 086 010 3651," kusho uMnu Tenza.

ILANGA libuyelile kuMnu Mkhize wathi ngamanga aluhlaza ukuthi isikhalo sakhe usibike mhla zili-15 kwephezulu, unobufakaz­i bokuthi isikhalo usifake mhla zili-11 kuZibandle­la.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa