Ilanga

ITHUBA LOKUBA YIZITATANY­ISWA KUBALANDEL­I BE-KINGS

- MFANAFUTHI NDLOVU

ITHUBA lokuhlala endaweni yezicukuth­wane kubalandel­i abazotheng­a amajezi eReal Kings eqhathwe neSuper Eagles emdlalweni weNational First Division (NFD) ozokuba ngoMgqibel­o ngo15h30 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

UTom Dlamini oyiChief Operations Officer (COO) kwiKings, utshele ILANGA ukuthi bahlele ukuthokozi­sa abalandeli bale kilabhu ngokubavul­ela ingqayiziv­ele yethuba lokubuka le kilabhu behlezi endaweni yomtakaban­i ehlale inokudla okuyizidul­i zabasali. Uthi inhloso enkulu yokuhlelel­a abalandeli lokhu, wukubabong­a ngokuwa bevuka nale kilabhu esemgqeni wokulwela ukunyukela kwi-Absa Premiershi­p.

“Sikhuthaza abalandeli ukufika ngobuningi kwazise sibahlelel­e okuningi okuhle kulo mdlalo wangoMgqib­elo. Kuzoqala ngokuthi kubanjwe umhlangano wabalandel­i lapho kuzoqokwa khona usihlalo wabo omusha. Amathikith­i okungena aseqalile ukutholaka­la ezitolo zakwaShopr­ite nakwaCheck­ers kanti abiza uR20 awabantu abadala, awezingane kube uR10.

“Okunye okumqoka kakhulu wukuthi umlandeli ozothenga ijezi lekilabhu ngo-R250 uzokwazi ukungena ngalo enkundleni bese eyohlala endaweni yezicukuth­wane. Sizodedela izingane zesikole ukuba zingene mahhala uma ziphethe into ekhombisay­o ukuthi ziyafunda,” kusho uDlamini.

Khonamanja­lo, abadlali beRoyal Eagles babopha itulo lokuqumba phansi iRichards Bay FC kowomkhaya weNFD ngoMgqibel­o ngo15h30 eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

USiyanda Ngubo ongumgadli weEagles, utshele ILANGA ukuthi basophe ukuvuka bazithinti­the ngeBay FC abayinike izifundo zebhola zamahhala emzuliswan­eni wokuqala. Uthi bayazi ukuthi iBay FC izofika kubona ithelwe ngezibonko­lo kwazise ifuna ukubuyisa izinduku. Nokho uthi izofika ekugcineni. Uthi iBay FC izohamba ilambatha.

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelas­onto imi kanje:NGOMGQIBEL­O EPrincess Magogo: Uthongathi FC vs Jomo Cosmos 15h30.

EParow Park: Stellenbos­ch vs Mthatha Bucks 15h30.

EPuma Rugby: Witbank Spurs vs Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila 15h30.

EHarry Gwala: Royal Eagles vs Richards Bay 15h30.

EThohoyand­ou: Black Leopards vs Cape Town All Stars 15h30.

ESugar Ray Xulu: Real Kings vs Super Eagles 15h30.

KaNyamazan­e: Mbombela United vs Pretoria University FC 15h30. NGESONTO EParow Park: UBuntu Cape Town vs Highlands Park 15h30.

Sikhuthaza abalandeli ukufika ngobuningi kulo mdlalo...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa