Ilanga

BAFUNA UMHLABA UNIKEZWE AMAKHOSI

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ASEKWA ngamakhosi ase-Eastern Cape amakhosi aKwaZulu-Natal odabeni oluthinta umbiko weHigh Level Panel wokuba kuhlakazwe iNgonyama Trust.

Lokhu kuvezwe yiNkosi Xolile Ndevu, ekhulumela iKumkani Zwelonke Sigcau ( esesithomb­eni), yesizwe sakwaXhosa engxoxweni abe nayo neLANGA. INkosi Ndevu ithi bazowaseka amakhosi akwaZuluNa­tal kulolu daba ngoba nabo kabahambis­ani neze nalo mbiko kwazise uthi umhlaba wamakhosi ngokahulum­eni. Uthi ngisho ngabe amakhosi aKwaZulu-Natal anquma ukumasha, nabo bayoba yingxenye yaleyo mashi ngoba nabo ibakhathaz­a kakhulu indaba yalo mbiko.

“Yize singenaso isigungu esifakana neNgonyama Trust kodwa isiphatha kabi kakhulu indaba yalo mbiko ngoba nathi iyasithint­a. Owethu umbono uthi umhlaba mawunikezw­e amakhosi kube yiwona abela abantu ngokwezizw­e zawo. Siyaweseka amakhosi aKwaZulu-Natal uma eyichitha eyombiko,” kusho yena.

iNkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo, ngesikhath­i ikhuluma emhlanganw­eni wamakhosi wokudingid­a lolu daba, obuseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini, izolo ngoLwesith­athu, ithe kakufanele kubhekwe abamhlophe kuphela uma kukhulunyw­a ngodaba lokuqolwa komhlaba, kumele kubhekwe nabaseNdiy­a.

“Mina nje, endaweni yami ngicela ningisize ngoba ngixa-kwe ngamaNdiya, agcwele endaweni yami yonke kuze kuyoshaya eVerulam. Le ndawo kulele kuyona obabamkhul­u. Lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi kakubona abamhlophe kuphela abathathe umhlaba, nabaseNdiy­a kumele babhekwe.

"Kuyimanje siyaphoqwa ukuba namatayite­la uma unomuzi, okuyinto esingayazi thina. Kuqala ayengekho. Kwakwaziwa ukuthi banamakhos­i, ngithi masiyivale indaba yamatayite­la ngoba iphilela abaseNdiya nabamhloph­e. Basilwisa nje, yingoba bayazi ukuthi indawo yaKwaZuluN­atal inomcebo nama-khosi.

"Endaweni yami ngiyikhahl­ela ngazo zombili indaba yalesi sigungu (High Level Panel)," kusho yena. INkosi yamaQadi icele ukuba amakhosi abambisane, nayo iNgonyama Trust isebenzisa­ne nawo ngoba kumele yazi ukuthi kayinkulu kunamakhos­i.

USolwazi Jabulani Maphalala, ongusomlan­do, ugqugquzel­e amakhosi ukuba abe yingxenye yemigubho yaKwaZulu.

“Ngibona isimo sisibi embusweni waKwaZulu. Uma kuwuMkhosi weLembe KwaDukuza, amabutho kawasafiki eholwa ngamakhosi awo njengoba kwenzeka mhla kuvulwa isikhumbuz­o setshe leLembe kubusa iNgonyama uNyangayez­izwe mhla zingama-24 kuMandulo (September) we-1954. Namhlanje kakuqondak­ali ukuthi abavunule bephethe izihlangu ngabamaphi amakhosi.

"Nasemkhosi­ni wokukhumbu­la impi yaseSandlw­ana, kakucaci ukuthi amabutho kaZulu ngawamaphi amakhosi. Yingozi enkulu leyo. Okunye wukuthi umhlaba ubuyiswa kubantu budlabha, kazikho iziphakami­so eziqinile ezivela embizweni yamakhosi esendlunku­lu,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa