BAGXEKA UMNYANGO ABAPHEKELA IZIKOLE
SIKHULU isililo kwabanye osomabhizinisi abaphekela izikole ngaphansi kukaMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal abasabisa ngokuduba ukuphakela abafundi ngoba bethi kabakhokhelwe.
Bathi sekuphele izinyanga ezimbili besebenza kodwa lutho uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukubakhokhela futhi kabayitholi incazelo.
Omunye walabo somabhizinisi, ocele ukuba igama lakhe ligodlwe - ophakela izikole eziyisi-6 kusona lesi sifunda - uthi ugcine ukukhokhelwa ngoMfumfu (October) nyakenye.
Utshele leli phephandaba ukuthi bathwele kanzima ngoba akekho obachazelayo ukuthi ivinjwe yini imali yabo.
Uthi bebetshelwe ukuthi kumele kushaye umhla zingama-27 kuLwezi (November) sebewathumelile amaphepha aqinisekisa ukuthi bawenzile umsebenzi esifundeni sabo ukuze bakhokhelwe mhla zili-10 kuZibandlela (December).
“Zishaye zaze zadlula lezo zinsuku njengoba sekuyophela uMasingana (January). Ngixakekile, kangazi ukuthi ngizokuthenga ngani ukudla manje ngoba imali ebenginayo kayisekho.
“Ezikoleni basibhekile ukuthi sibahambisele ukudla kodwa thina ngapha siyakhala kasikhokheliwe. Sengifisa nokuzifikela mathupha kuyena ungqongqoshe walo mnyango (uMnu Mthandeni Dlungwane), mhlawumbe sizoyizwa incazelo eqondile,” kusho yena.
Uthi kuzona zonke lezi zinyanga abangazikhokhelwanga, ukudla kwezingane bebekukweleta ezitolo kodwa sebebhekene nenkinga yokuthi nabanikazi bezitolo kabasavumi nokudla uma ingekho imali. Omunye utshele
ukuthi kwesakhe isikole liphelile isonto engakuhambisi ukudla ngenxa yokuthi amasenti kawahlangani. Uthi ukuba kuya ngaye ngabe uyawuyeka lo msebenzi ngoba umqhatha nabantu abaqashe ukuphekela abantwana.
UMnu Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthi osomabhizinisi abanenkinga kulolu hlelo kumele basondele emnyangweni.
“Bayakhokhelwa bonke abantu imali ngokwesivumelwano esasayinwa. Uma kukhona onenkinga, makasondele emnyangweni kubhekwe wonke amaphepha,” kusho uMnu Mthethwa.